Kuzobhekwa izibalo zomthamo womkhiqizo wezwe wekota yesibili
YINTATHELI YOMBELE
INTO enkulu ezobhekwa eNingizimu Afrika kuzobawukuphuma kwezibalo zekota yesibili yomthamo womkhiqizo wezwe. Isilinganiso esishicilelwe yiBureau for Economic Research sithi lesi sikali sizokhula ngo-0,1% uma kuqhathaniswa ikota nekota kodwa izibalo ezintsha zikhomba ukuthi kungabanokwehla kobungozi nokwehla kwamandla omnotho.
Ngisho kungathiwa kunokunyuka komkhiqizo womnotho wezwe ngekota yesibili neyesithathu kodwa ukukhula okucishe kubewu-1,3% ngo-2026 kusengenzeka, inqobo nje uma umphumela wokwanda komthamo womkhiqizo womnotho wezwe ngekota yokuqala yonyaka kungehlisiswanga okutheni.
Okukhathazayo wukuthi izibalo ezintsha ze-RMB/BER business confidence index, inkomba yokuthi osomabhizinisi bazizwa kanjani ngomnotho, ne-Absa purchasing managers index kukhomba ukuthi umnotho awukhulanga ngekota yesithathu.
Izibalo zemboni yezimayini neyemikhiqizo, ezibhekwe ngoLwesine kuleli sonto, zizobawubufakazi bokuthi umnotho uhambe kanjani ngekota entsha nokuqinisekisa ukuthi izinto zibengcono yini ngemva kwekota yesibili lapho ebezintenga khona.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/09/03/ukunyuka-kwamanani-kaphethroli-nakadizili-kudonsiza-amabhizinisi-ezokuthutha-kanzima/
Ngasohlongathini lwezimayini, umkhiqizo we-platinum uzokhombisa ukundonda ngemva kokuhudula izinyawo kwezisebenzi izinsuku ezinhlanu e-Implats emayini eseRustenburg ekupheleni kwenyanga edlule.
Khona ngoLwesine belu, kuzophuma izibalo ze-current account, isimo sohwebo lwezwe namanye amazwe, ngemva kokuthi imali ekhona ike yafinyelela emalini esele ngemva kohwebo ewu-2,4% esikalini somkhiqizo wezwe ngekota yokuqala.
Uma kubhekwa phesheya, isinqumo sebhange lombuso laseYurophu i-European Central Bank sizobhekwa ngamehlo abomvu. Kulundeleke ukunyuka kwemalimboleko ngo-25 basis points ngemva kokunyuka kokwehla kwamandla emali ngo-3,3% ngo-Agasti, obekuyizinga eliphezulu kusukela ekupheleni kwango-2023, ikakhulu ngenxa yokunyuka kwamanani kaphethroli.
Okuqinisa idolo wukuthi ukwehla kwamandla emali kunciphe kancane kwabawu-2,4%, okusho ukuthi ukunyuka kwamanani kaphethroli ngamawala akukezweli ekukhuphukeni kwamandla ezinye izinto.
EMelika khona ukwehla kwamandla emali emkhiqizweni nasekuthengeni kuzobaluleka kakhulu ngemva kokuthi ibhange lombuso libuyekeze amanani ngesonto elidlule ngemva kokuthi okushiwo wusihlalo webhange lombuso iFederal Reserve Bank wuMnu uKevin Warsh esithangamini seJackson Hole Economic Policy Symposium kuqale kwanyusa ithemba ngokunyuka kwamanani ngoSepthemba, nakuba izimpawu zezimakethe zilethe ukungabaza.
Njengoba kungakabinasiqiniseko ngesimo sokwehla kwamandla emali, kepha i-consumer price index, isikali samanani nezidingo zezimpahla ezingaphezu kweziwu-400 zabathengi bezwe, kuzokwenza kubenesidingo sokunyuka maduze, ngakho lezi zibalo zizobalulekile esinqumweni esizokwenziwa ngale nyanga. – Le mininingwane itholakale kwiBureau for Economic Research

