UNksz uBontle Grace Madiba weBubblyBeats yaseGa-Rankuwa, eGauteng Izithombe: Zithunyelwe

Onebhizinisi lokuziphaqula uqhamuke nendlela engavamile yokukhangisa umsebenzi wakhe. Uxoxe neNTATHELI YOMBELE

UQHAMUKE nendlela yokukhangisa engejwayelekile emkhakheni akuwona ozama ukukhuphula ibhizinisi njengoba ema emgwaqweni kuhle kwabantu abadayisa izithelo, amaveji, uswidi nokunye.

UNksz uBontle Grace Madiba, oneminyaka ewu-29 waseGa-Rankuwa, enyakatho yeGauteng, umnikazi webhizinisi lokuphaqula, iBubblyBeats ukhangisa ibhizinisi lakhe ngokuma emgwaqweni ephethe iziphaqulo. Ucela ukubaphaqula abantu ngendlela efana neyabacwala ikhanda kodwa yena ushela nabahamba ngezimoto uma besavalelwe yirobhothi.

UNksz uMadiba uthi njengoba ewusomabhizinisi osafufusa akanayo imali eningi yokukhangisa, kanti ubesebenzisa izinkundla zokuxhumana nokufaka izikhangiso amaphephandabeni amancane kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.

Uthi: “Ibhizinisi lami ngilisungule ngo-2019, lathi liyasukuma kwahlasela iCOVID-19 ezweni, lafadabala. Lize laqala ukuphakama ngo-2022 kodwa bekungafiki lapho ngicabanga ukuthi kumele ngabe selikhona. Ngonyaka odlule ngiqale ukuyokhangisa ezikhungweni zemfundo ephakame nasemgwaqweni.”

Uthi kunabantu besifazane abangahlelekile sidalo abasuke bazi ukuthi bazoya emhlanganweni noma bayohlangana nabantu okumele bafike kubo bebukeka kahle kodwa bakhohlwe noma bangahleli ukuthi bazophophothwa wubani futhi nini, abanye basuke beziphophothile kodwa bahlulwe wukuzidweba ishiya.

“Ukuma kwami emgwaqweni, lapho kudlula khona abantu abahamba ngezinyawo nabadlula ngezimoto ngiphethe i-eye shadow palette, kuyamkhumbuza umuntu wesifazane odinga ukuphophothwa ukuthi nalu usizo, ame abuze. Uma sivumelana ngemali, ngimenza ngaleso sikhathi,” kusho yena.

Uthi  ufaka umfaniswano wakhe uphelele okwenza ukuthi ahluke. Uthi indawo aqale ukuzikhangisa kuyo ngale ndlela kube yisemgwaqweni oseduze kweTshwane University of Technology (iTUT) ngoba ubazi ukuthi kunabantu abaningi abadlula khona nabeze enyuvesi.

UNksz uMadiba ekhangisa ibhizinisi lakhe emgwaqweni

“Kuze kwafika isikhathi sokwethweswa kweziqu ngizikhangisa kanjalo.  Kulapho ngibone khona ukuthi ngesikhathi sokwethweswa kweziqu amakhasimende aba maningi. 

“Kulo nyaka ngibone ukuthi ngiye e-Unisa ngoba ngiyazi ukuthi ziningi izitshudeni ezithweswa iziqu khona futhi ziphuma ezindaweni eziningi okungenzeka ukuthi zingazazi izindawo zokuziphophotha eziseduze. Kungisebenzele. Uma kuwusuku olumatasatsa kuyenzeka ngenze abantu abawu-20. Sengize ngaqasha abantu ababili abangisizayo njengoba kuyisikhathi sokuthweswa kweziqu,” kuchaza uNksz uMadiba.

Uthi uma eme emgwaqweni ezikhangisa abanye abantu bayahleka, abanye bayamshutha bafake ezinkundleni zokuxhumana bafake nenombolo yakhe, abanye bayamangala ukuthi isimo somnotho sesifike lapha khona ibhizinisi lokuziphophotha elaziwayo ukuthi lenzelwa ezindaweni eziphezulu selitholakala emgwaqweni. 

“Uma ucabanga into, kumele uyenze ngoba kungenzeka ukuthi kumele iqale ngawe ukuze ibe nesigqi; nakimina kube njalo. Ngisekiwe futhi kwangakhiswa ngomsebenzi wami ezinkundleni zokuxhumana,” kusho yena ehleka.

Uthi uye acele kwabanamatende okushuthelwa kuwo izithombe ngesikhathi sokwethweswa kweziqu ukuthi bamcuphise.

“Ukwanda  komsebenzi wami ngalesi sikhathi sekungenze ngacabanga ukuthi kumele ngize nesu lokuthi ngizosebenza kanjani emgwaqweni ngoba isimo sezulu ngesinye isikhathi asivumi ukuthi uphophothe umuntu ngaphandle kanti nezinye izinhlobo zokuphaqula azenzelwa elangeni. Ngisahlela ukuthi ngibe nento engumahambanendlwana engizoyisebenzisa uma kunesidingo,” kusho uNksz uMadiba ngezinhlelo zakhe zangomuso.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page