IKomiti lezokuHweba kumasipala uR57.4 million ongasebenzanga ufakwe kweminye imisebenzi
YINTATHELI KAMASIPALA
NGEMVA komhlangano walo wanyanga zonke, iKomiti lezokuHweba likaMasipala waseThekwini, osihlalo walo wuMnu uMdu Nkosi, lidingide izindaba ezimqoka ezithinta ukuhlinzeka izidingo zomphakathi ezivela emibikweni yezikhulu zikamasipala.
Ngemva kokubhunga, leli komiti lenze izincomo kwisigungu esiphezulu, elizothi ngemuva kokuzidingida bese lenza izincomo emhlanganweni womkhandlu ukuthi uzigunyaze.
IKomiti lezokuHweba liphakamise ukuthi imali esele kwisabelomali semisebenzi yophiko lukagesi kulo nyaka wezimali wango-2026/2027 isetshenziswe kweminye imisebenzi. UPhiko lukagesi lubalule ukuthi ngeke eminye imisebenzi ebihleliwe isenzeka kulo nyaka wezimali.

Usihlalo weKomiti lwezoHwebo kuMasipala waseThekwini uMnu uMdu Nkosi
Loku kudalwe wukubambezeleka kokuthenga izinto nokuthola abantu abazokwenza umsebenzi, ukulula isikhathi sokuthola izimpahla, ukuthembela kweminye imisebenzi nokubuyekeza isikhathi ngenxa yezinselelo ezindaweni zokusebenza. Phakathi kwemisebenzi ekuzothathwa le mali kuyona kubalwa imisebenzi yase-Austerville Link, iKlaarwater-Hillcrest T1-T19, i-Austerville substation, i-Hillcrest, i-Stockville, iMahogany nePhoenix North.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/08/28/umasipala-nabalungisa-amanzi-bavumelene-ngendlela-entsha-yokusebenza/
Le mali izosiza ukuqedela imisebenzi evele iqhubeka kodwa edinga enye imali ukuze iqedwe. Kukhona neminye imisebenzi ebambezelekile ukuthi iqale ngenxa yezinkinga ebezingalindelekile ngenxa njengemishini ezindaweni zokusebenza nokufaka imishini ekhona ezinhlelweni ezintsha zokusebenza. Imali ewuR57 470 000 eyongiwe izohanjiswa emisebenzini edinga enye imali.
Ukudlulisa le mali okudingidiwe kuhambisa nemithetho yokuphatha nokusebenzisa izimali zomphakathi wumasipala, phecelezi i-Municipal Finance Management Act. Kusele ukuthi isigungu esiphezulu senze izincomo bese umkhandlu uzigunyaza.

