UMnu uLungile Dukwana, isikhulu esiphezulu esisabambile seNational Gambling Board, enxusa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bayeke ukugembula ngemali yokondla. Isithombe: Sithunyelwe

Ukuntuleka kwemisebenzi kwenza abantu bagembule mawala – ibhodi yokugembula

YINTATHELI YOMBELE

NJENGOBA sebewu-8,5 million abantu baseNingizimu Afrika abangasebenzi, ibhodi engamele ukugembula ezweni idonsa abantu ngendlebe ukuthi bangalokothi basebenzise imali yokondla ukugembula.

Isikhulu esiphezulu esisabambile kwiNational Gambling Board uMnu uLungile Dukwana sithe ukukhuphuka kwesibalo sabantu abangasebenzi kwenza ukuthi babone ukugembula sengathi yiyonandlela yokwenza imali. 

“Siyazi abantu uma bengenayo imali yokuziphilisa bazama ezinye izindlela, abanye bayagembula. Sithanda ukubaxwayisa ukuthi bangakwenzi loko. Sikhathazekile ukuthi u-36% wabantu abangasebenzi ngabantu abasha. Kuyasikhathaza ukuthi u-77% wabantu abasha uyagembula,” kusho yena.

Ukhumbuze abantu ukuthi ukuthenga ukudla, ukukhokhela imali yesikole, ukuba nemali yokugibela nokukhokhela izikweletu kufanele kube yizinto ezihamba phambili. Sebengagembula-ke ngembijana esalayo.

FUNDA NALAPHA:  https://www.umbele.co.za/2025/11/26/umnyango-wezimali-ubhekene-nomqansa-wokulwa-nenkinga-yokugembula-kuloba-ujabulani-sikhakhane/

Uthe ucwaningo lwale bhodi lukhombisa ukuthi abantu abagembulayo abawu-54% basebenzisa imali abayiwinayo ukwenza izidingo zasemakhaya, kuthi abawu-43% basebenzise imali abayiwinayo ukukhokhela izikweletu bese kuthi abanye bagembula ngoba befuna ukuthola indlela yokuphila.

“Ukugembula akuwona umsebenzi, kuhambisana nengozi yokulahlekelwa imali kanti ukungawini kungandisa izinkinga zokungabinemali kumuntu ovele ongenayo. Sinxusa abantu babuke ukugembula njengomdlalo, hhayi ukuthi bathathe imali yokwenza izinto ezibalulekile zomndeni bagembule ngayo. Abavikele imali yemindeni yabo,” kusho uDukwana.

Abantu abanenkinga yokugembula abafuna usizo bangaluthola mahhala ngokushayela iNational Responsible Gambling Programme etholakala ngokushayela u-0800 006 008 nangokuthumela iWhatsApp noma i-SMS  ku-076 675 0710 ne-email ku-helpline@responsiblegambling.org.za.

Abantu abasha baxwayiswa ngezingozi zokugembula nasezikhungweni zemfundo ephakeme njengoba kunohlelo olubahambela lapho bekhona.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page