Umqondisi-jikelele womNyango weziMali uDkt uDuncan Pieterse uthi imali abayithole kwi-Asian Infrastructure Bank izosiza iNingizimu Afrika ukubhekana nokuguquguquka kwesimo sezulu. Isithombe: Sithunyelwe

INingizimu Afrika iboleke u$500 million wokuguquguquka kwesimo sezulu

YINTATHELI YOMBELE

UHULUMENI waseNingizimu Afrika usayine isivumelwano sokuboleka u$500 million (uR8,13 billion) kwi-Asian Infrastructure Bank (i-AIIB) ukuqinisekisa ukuthi ukuhambisa izidingo kubantu akuphazamiseki ngenxa yokuguquguquka kwesimo sezulu emadolobheni.

Lezi zindaba zimenyezelwe wumGcinimafa ngoLwesihlanu njengoba iNingizimu Afrika ifuna ukuqinisekisa ukuthi umnotho wayo awuphazamiseki ngenxa yokuguquguquka kwesimo sezulu.

Umqondisi-jikelele womNyango weziMali uDkt uDuncan Pieterse uthe: “Imali ye-AIIB izosiza izinhlelo eziningi zikahulumeni zokuphucula ukuphatha, izimali nokusebenza komasipala. Siyayamukela i-AIIB njengengxenye yezinye izinhlaka ezizosilekelela ukuphucula izinsiza komasipala nokwakha amadolobha azosebenza kahle isikhathi eside.”

Imali izokwenza ukuthi iNingizimu Afrika ibenemali eyanele, ilekelele ekuphatheni omasipala ngendlela efanele, iqinisekise ukuthi izidingo ziyafinyelela kubantu njengoba umGcinimafa eqinisekisa ukuzihambisa kubantu ngokohlelo i-Metro Trading Services.

Le mali izoqinisekisa ukuthi iNingizimu Afrika inengqalasizinda emelana nokuguquguquka kwesimo sezulu futhi umnotho wayo ukhula ngendlela engayilimazi imvelo.

U-$500m uyingxenye yezinhlelo zokusiza iNingizimu Afrika ngezimali zokuphucula ingqalasizinda ezizofinyelela ku$3bn njengoba nebhange lomhlaba iWorld Bank ifake imali.

UmGcinimafa uthe okokuqala i-AIIB itshala imali eNingizimu Afrika kanti loku wukuqala kobudlelwano obusha bokuqinisekisa ukuthi lizwe linengqalasizinda emelana nanoma yiziphi izimo.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/05/14/iningizimu-afrika-idinga-isikhwama-sezinhlekelele-uhlabisa/

Esitatimendeni, umGcinimafa uthe omasipala abakhulu baseNingizimu Afrika banezakhamuzi eziwu-22 million, bangenisa imali ewu-85% emnothweni wezwe kodwa banenkinga yengqalasizinda egugile, ekubeni izakhamuzi zabo zanda. Babhekene nenselelo yezigameko ezimbi ezihambisana nokuguquguquka kwesimo sezulu.

I-Metro Trading Services izoqinisekisa ukuthi omasipala abalahlekelwa yimali ngenxa yamapayipi amanzi avuzayo nogesi ontshontshwayo.

Kulindeleke ukuthi ngo-2031 amanzi amosekayo asuke ku-41% abewu-28%, kuthi ugesi ontshontshwayo wehle usuka ku-22% ubewu-12% komasipala abakulolu hlelo.

Umqondisi we-AIIB ophikweni lwamakhasimende awohulumeni uMnu uRajat Misra uthe ukusiza iNingizimu Afrika kuhambisana nezinhlelo zabo zokuqinisekisa ukuthi omasipala basebenza kahle, banengqalasizinda efanele futhi balekelela ukusimamisa umnotho.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page