Wehlisa umthwalo kubantu abanemicimbi ngenqola yeziphuzo ezikhala kahle. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

UKUBONA omakhelwane nabantu akhule nabo bejuluka babemanzi te uma sekuyisikhathi sokupha abantu ukudla neziphuzo emicimbini abasuke beyenzile kwenze wafisa ukubethula umthwalo ngokubahlinzeka ngeziphuzo ezidingeka emcimbini.

ISabelomali esijwayele ‘ukungashaywa ndiva’ singahle sithinte amanani okudla, uR350 nenkohlakalo kuhulumeni. USLINDILE KHANYILE uyabika

YIZE iSabelomali esizokwethulwa ngesonto elizayo singavamile ukuba nezimemezelo ezinqala kodwa abanye abahlaziyi bomnotho bathi sibhekwe ngabomvu ngenxa yesimo somnotho nezinkulumo ezihlongoza ukuthi uhulumeni uzonciphisa ezindaweni eziningi ukuzama ukubhalansisa izinto.

Kucijwe osomabhizinisi abancane ngemigudu yokusimamisa amabhizinisi. USIMANGALISO NTSHANGASE uyabika

UMASIPALA waseThekwini ubambisene nezinhlaka ezihlukene ezibheke ukuthuthukisa umphakathi nosomabhizinisi abasafufusa ucije osomabhizinisi nomphakathi waseClermont, entshonalanga yaseThekwini, KwaZulu-Natali, ngoLwesibili.

Onentshisekelo yokudayisa nowashiya umqashi ‘ongaboniseki’ usenebhizinisi lakhe lama-snacks. Omunye wabo uxoxe noNQOBILE NDLOVU

UKUBONA engakhuli enkampanini ayeyisebenzela kwenza wesula emsebenzini, waqala ibhizinisi loncamnce bokubamba umoya elekelwa wumkakhe

Basizwa yicebo lomngani owayewuthisha phesheya asebenenkampani evubela ikhofi. Omunye wabo uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

BAKHULE ndawonye eGoli, eGauteng, futhi behlale besekana kukho konke abakwenzayo empilweni, beqinisekisa nokuthi abayeki ukuxhumana yize bese begxile emikhakheni ehlukene.

Uthando lobuciko namasiko luzale ibhizinisi akade afisa ukuliqala. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

NJENGENINGI labantu abaphothula izifundo zomkhakha abawufundele, naye uqede ukucijelwa i-public relations wagxila emsebenzini awuqeqeshelwe ukuze abeke isinkwa etafuleni.

Abadilizwa emsebenzini sebeziphilisa ngefenisha yangaphandle ‘kaNokusho’. Omunye wabo uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

ISINTU sithi ukuwa indlu wukuvuka kwenye. Kube njalo nakuMnu uThabani Radebe nobangani bakhe beminyaka ngemva kokudilizwa emsebenzini ngo-2021.

Usevuna izithelo owalalela umyalelo kanina ‘owamfunza’ ukufunda ezolimo. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

KUYENZEKA abazali bafisele abantwana babo ukuthi bakhule balandele imikhakha ethile, mhlawumbe ngoba bethanda leyo mikhakha bebona ibafanele noma ingabasiza babenekusasa eliqhakazile.

Ulekelela indawo yangakubo ngamanzi ochuma emkhakheni angawufundelanga. Uxoxe noNQOBILE NDLOVU

UKUDILIZWA emsebenzini nokuphela kwamanzi ngakubo kugqugquzele usomabhizinisi waseSikhawini, enyakatho yeKwaZulu-Natali, ukuthi asungule ibhizinisi elikhiqiza futhi lidayise amanzi asebhodleleni.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page