I-African Bank inesikhulu esiphezulu somshwalense esisha
INTATHELI YOMBELE
UGALAGALA emkhakheni wezimali uDkt uBongani Mageba usanda kuqokwa ukuthi ahole uphiko lomshwalense e-African Bank, lapho ezobayisikhulu esiphezulu se-Insurance Business.
UMageba unamava eminyaka ecela kwewu-30 emikhakheni ehlukene okubalwa kuyona umshwalense, ukuphatha izimpahla, ukutshala izimali, amabhange nokululeka ngezimali.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/09/09/insizwa-yaseshowe-iloku-idlondlobele-estandard-bank/
UMageba useke waphatha izikhundla eziphezulu ezimbala embonini yezimali eNingizimu Afrika. Ngaphambi kokufika e-African Bank wayeyisikhulu esiphezulu eTIH Advisory, yaseTelesure Investment Holdings, kusukela ngo-2022.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/07/21/i-african-bank-nenyunyana-bazobonisana-ngezinhlelo-zokudiliza-ezihlongozayo/
Ngaphambi kwaloko, uMageba wayeyisikhulu esiphezulu se-Non-banking Financial Services e-Absa Group. Phakathi kwezinye izinkampani, uke wasezikhundleni zobuholi eStanLib nase-ABI.
Esikhundleni sakhe esisha, uzokwengamela umnyango womshwalense e-African Bank. Ufika ngesikhathi leli bhange lenza izinguquko ezinqala, liqinisa indlela elisebenza ngayo futhi lizilungiselela isigaba esilandelayo sokukhula. Ezinye izikhulu ezisanda kuqokwa e-African Bank yisikhulu esiphezulu se-Personal Banking uNks uHappy Ralinala, isikhulu esiphezulu se-Business and Commercial uMnu uKeketso Motsoene ne-chief people & culture officer uNks uLinda Mthenjane.
Phakathi kwezifundo azenzile, uMageba une-Investment Strategies and Portfolio Management course zase-The Wharton School (yase-University of Pennsylvania) ne-Executive Education Programme yaseHarvard Business School, i-MBA yaseGibs ne-BProc, i-LLB ne-LLM kwaseNyuvesi yaKwaZulu-Natali.

