Uhulumeni uqinisa imizamo yokulungisa omasipala ngaphambi kokhetho
YINTATHELI YOMBELE
AMALUNGISELELO okhetho lohulumeni basekhaya lwangomhlaka- 4 wangoNovemba aqhubeka kahle njengoba iKhabhinethi ithi izinhlaka zikahulumeni zibambisene ukuqinisekisa ukuthi ukhetho lukhululekile, luneqiniso nokuthula.
Ungqongqoshe eHhovisi likaMengameli uNks uKhumbudzo Ntshavheni uthe iKhabhinethi laziswe ngokuqhubeka kwamalungiselelo okhetho emhlanganweni wayo obungoLwesithathu odlule.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/08/26/kuyavala-ukwamukela-amagama-abazongenela-ukhetho-lomasipala/
Uthe sekunezinhlelo zokusebenzisana phakathi kukahulumeni omkhulu, izifundazwe nohulumeni bendawo ukuze amalungiselelo okhetho ahambe nonina. Uthe: “IKhabhinethi ibone ukuthi sekunezinhlelo zokubambisana phakathi kwalezi zinhlaka ezintathu zikahulumeni ukuze kuqinisekiswe ukuthi ukhetho lunenkululeko, iqiniso, ukuthembeka nokuthula.”
Uthe uhulumeni usemkhankasweni wokugqugquzela abantu ukuthi babhalisele ukuvota futhi babambe iqhaza okhethweni, ngesikhathi kuqiniswa nezindlela zokunqanda ukusabalala kwemibiko engemampunge.
Loku kwenzeka ngesikhathi kunokukhathazeka ngokubulawa kwamanye amakhansela. IKhabhinethi igxeke ukubulawa kwamakhansela, yanxusa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bagweme ukusabisa nodlame olungaphazamisa ukhetho.
UNks uNtshavheni uthe amaphoyisa asheshe athola labo abasolwa ngalezi zigameko. “Ikhabhinethi icela abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bahloniphe imibono yezepolitiki ehlukene, bangasatshiswe ngabanye abantu futhi bagweme udlame nezenzo ezingaphazamisa ukhetho,” kusho yena.
Lolu khetho luzoba ngesikhathi uhulumeni uqhubeka nemizamo yokulungisa izinkinga ezibhekene nomasipala. IKhabhinethi yaziswe ukuthi isikuphi i-Municipal Performance Turnaround Strategy, ehlanganisa omasipala abawu-38 kanti ekuqaleni beluhlanganisa abayishumi.
Lolu hlelo luzokwenzangcono indlela omasipala abaphatha izimali ngayo, ukuphatha umsebenzi wabo, ukuhlinzeka ngezidingo nokuthuthukisa imiphumela yokucwaninga amabhuku namandla okusebenza kwabo.
Ukusebenza kahle komasipala kubalulekile kwizakhamuzi nasemabhizinisini ngoba omasipala bahlinzeka ngezidingo ezithinta imiphakathi ngqo nendlela amabhizinisi asebenza ngayo.
Uhulumeni uyaqhubeka nokusebenzisana nezinkampani ezizimele ukulekelela omasipala ukuthuthukisa umsebenzi wabo. I-Water Partnership Office isize uMasipala waseThekwini ukuthola uR379 million eminyakeni eyisithupha ukuze kuncishiswe ukumoseka kwamanzi.


