Kunesidingo sokuthi osomabhizinisi abancane bathole usizo lokusimamisa amabhizinisi abo ngobuchwepheshe ezingeni lohulumeni bendawo. Izithombe: Zithunyelwe

Ubuchwepheshe buseyinselelo kosomabhizinisi abancane

WUTHOBILE ZWANE

NJENGOBA izinto eziningi sezenziwa ngobuchwepheshe, osomabhizinisi sekudingeka ukuthi basebenzise bona ukuze bathole izinsiza komasipala. Kodwa ngabe wonke umuntu uyakwazi yini ukufinyelela kulezi zinsiza?

Umbele uxoxe nosomabhizinisi abambalwa baKwaZulu-Natali basemadolobheni, emalokishini nasemakhaya ukuzwa ukuthi babhekana kanjani nalezi zinselelo.

UNksz uKhanyo Makhathini, umsunguli weQueen Bayede Mobiles, yaseNanda, enyakatho yaseThekwini, uthi seloku aqala ngo-2012 wabanenhlanhla yokuthi akwazi ukusebenzisa ubuchwepheshe besimanje ngoba wake wane-internet café.

“Ngingasho nje ukuthi umasipala uyawashiya ngaphandle ambabhizinisi asemalokishini nawasemakhaya ngoba ngiyakhumbula ngisebenza e-internet café eDube Village Mall, osomabhizinisi abanye basemalokishini babefika kithina, bethembele kithina ukwenza izinto ezithinta amabhizinisi abo (njengokubhalisa) inkampani, ukukhokha nokunye kwebhizinisi njengokubhalisela amathenda, into usomabhizinisi ngabe uyazenzela.

“Baningi osomabhizinisi abasele emuva ngenxa yalokho kodwa uma kuthiwa kwenziwa izihlelo zokucija abantu ngamakhono kungangcono. Umasipala usenomsebenzi omkhulu okufanele uwenze,” kusho yena.

UNksz uMakhathini uthi omasipala bahlalelwe wumsebenzi wokusiza omabhizinisi abancane

UMnu uNathi Khuzwayo, umsunguli we-Ubuciko Soulfood ese eNewtown A eNanda, indawo yokudla, uthi izinselelo zengqalasizinda emalokishini zenza kubenzima kosomabhizinisi ukukhula nokuncintisana.

Uthi yena njengoba ewumuntu ovame ukungenela imincintiswano yamabhizinisi ukhathazeke ngokuthi izindawo zamabhizinisi emalokishini azihlali zisesimweni esifana nasekwezinye izindawo lapho kuvame ukufika amajaji khona.

“Uma kufika amajaji eMhlanga kukhona ubuhle bakhona eMhlanga. Uma eya kuFlorida (Road) noma kwenye indawo, izitolo zokudla zinendawo enhle ehehayo ngaphambi kokuthi ungene esitolo.

“Sinenselelo enkulu emalokishini ngoba sinabo ubuciko obuhle kodwa indawo esisebenzela kuyo ayihlali isesimweni esihle. Imigwaqo ingcolile futhi abantu balahla udoti emigwaqeni. Ngibona sengathi umNyango wezamaPaki kamasipala awusithathi njengabantu abazimisele uma singenela imiklomelo. Amajaji uma efika endaweni osebenzela kuyo, asuke esedikibele ngenxa yokubona ukungcola kwemigwaqo,” kusho yena.

UMnu uKhuzwayo ukhala ngesimo sasemalokishini uma siqhathaniswa nesasesilungwini

Uthi enye yezinselelo abhekene nazo wukungatholakali kwamanzi. Ngesikhathi somdlalo weSharks neNew Zealand ngesonto elidlule, kwafika izivakashi ezivela eNew Zealand endaweni yakhe kodwa kwabanzima ukuziphatha kahle ngenxa yokungabibikho kwamanzi. “Ukhona umasipala kodwa sizizwa sengathi umasipala uyasicindezela.”

Umsunguli weSavelanathi Co-operative uMnu uBonginkosi Ntshangase uthi ukubanebhizinisi endaweni esemakhaya kunezinselelo eziningi ezihlukene  ikakhulu uma kuziwa ngasekutholeni izinsiza ezidingekayo ukuze ibhizinisi liqhubekele phambili.

Uthi njengoba leli bhizinisi elisoPhongolo, enyakatho yesifundazwe, elenza ama-table top, ama-stone vase, ama-tiles, ukubakude nedolobha kwenza kubenzima ukuthola amakhasimende, izinto zokusebenza nezimakethe.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/08/12/ukugcwalisa-izikhala-zokuphatha-ezibalulekile-kulekelela-umaspala-wasemlalazi-ukuphatha-izimali/

UNkk uThembisile Gumede we-Ebuhlahlweni Co-operative yasoHlwalwini, eJozini, enyakatho yaseKZN, uthi osomabhizinisi basemakhaya, ikakhulu asebekhulile, badinga ukusekwa wuhulumeni okuthe xaxa bafundiswe ukwenza izinto ngendlela yesimanje yobuchwepheshe.

Uthi njengoba kusondela ukhetho osomabhizinisi basemakhaya badinga ukubona izinhlelo ezizobasiza ngempela ukuze bathuthuke nabo, hhayi izithembiso kuphela.

“Sidinga amathuba okuthi sikwazi ukufinyelela ezimakethe ezinkulu. Sidinga usizo lwemali ukuze sithuthukise amabhizinisi ngoba izandla sinazo zokwenza umsebenzi,” kusho yena.

Ungqongqoshe womNyango wamaBhizinisi amaNcane uNksz uStella Ndabeni uthe uhulumeni usebenza ngokuzimisela ukususa izinkinga ezenza kubenzima kumabhizinisi amancane ukusebenza nokukhula, ikakhulu asemalokishini nasemakhaya.

Ubala izinhlelo ze-one-stop digital platform, isizinda sokuthi osomabhizinisi bathole lonke usizo abaludingayo endaweni eyodwa. “Uhulumeni uzokwandisa usizo lwezimali nolunye ukuze amabhizinisi abo asimame.”

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page