Isikhulu seSouth African Airways sinqunywe amaphiko
YINTATHELI YOMBELE
KUNGAKAPHOLI maseko inkantolo ihoxise isinqumo sokumisa isikhulu senkampani etshala imali iPublic Investment Corporation, inkampani kahulumeni yamabhanoyi iSouth African Airways (iSAA) imise isikhulu sayo uMnu uMatshela Seshibe.
Esitatimendeni esikhiphile, ibhodi yeSAA ithe uSeshibe unikwe ikhefu ngenxa yokuthi kunezinhlelo zangaphakathi okufanele izilandela futhi izibophezele ukuqinisekisa ukuphatha ngendlela nokuvikela inkampani nezinhlaka ezithintekayo.
Ayikhiphanga eminye imininingwane ibhodi kodwa ithe isikhulu sezomthetho uMnu uKoekie Mbeki uzobamba izintambo ukuqinisekisa ukuthi umsebenzi awuphazamiseki. UMbeki uchazwe njengomholi onamava owufanele lo msebenzi ngenxa yokuthi usebesezikhundleni zokuphatha eSAA iminyaka eyishumi.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/03/07/i-south-african-airways-inomshayeli-omusha/
Amaphephandaba angempelasonto athe ukumisa uSeshibe kungenzeka ukuthi kuhlangane nombiko wabantu abbika inkohlakalo ngokuzifihla okuthinta ukuziphatha kwakhe enkampanini epheka ukudla kweSAA i-Airchefs.
USeshibe umiswa yiSAA nje, uqale ezinyangeni ezidlule umsebenzi wakhe ngemva kokusula emsebenzini kukaSolwazi uJohn Lamola. Ngaphambi kokuphatha iSAA ubephethe i-Airchefs.
Odabeni lwe-Sunday Times, uthe uyazi ukuthi iSAA inezinhlelo zangaphakathi ezenzayo ezithinta umsebenzi wakhe eseyisikhulu esiphezulu se-Airchefs, okuyizona ezenze ukuthi anikwe ikhefu.
USeshibe uthe akakatshelwa kabanzi ngezinsolo ezenze ukuthi amiswe futhi uzolinda isikhathi esifanele ukuze aphendule ngazo.

