Ukugcwalisa izikhala zokuphatha ezibalulekile kulekelela uMasipala waseMlalazi ukuphatha izimali
WUBONISWA MOHALE
NGESIKHATHI abanye omasipala behluleka wukuphatha kahle imali kunomasipala omncane enyakatho yeKwaZulu-Natali oloku uthola umbiko wezimali ongenagcobho kumcwaningimabhuku-jikelele.
Ngonyaka wezimali ophelile umcwaningimabhuku-jikelele uphinde wanika uMasipala waseMlalazi umbiko wezimali omuhle.
Imeya kaMasipala waseMlalazi uNkk uQueen Xulu ithi imfihlo yabo yokuthola umbiko wezimali omuhle iminyaka ilandelana wukuqinisekisa ukuthi kuqashwa abantu abaneziqu ezifanele ngomsebenzi abawenzayo futhi nosopolitiki bahlome ngolwazi lokucubungula umbiko wezimali ojulile.
UMasipala waseMlalazi ubalwa komasipala abane abathole umbiko ongenagcobo esifundazweni, owaseRichmond, owaseMhlathuze neKing Cetshwayo.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/06/25/bahlehlele-emuva-omasipala-ezimalini-umcwaningimabhuku-jikelele/
“Sinomlando wokuthola umbiko wezimali ongenagcobo eMlalazi ngoba siwuphethe kahle umasipala, zonke izimali siyazi ukuthi zisebenza kanjani. Siyabika njalo ukuthi imali isebenza kanjani, sinendlela enqala yokulawula ukusebenza kwayo ngaphakathi futhi siwacwaninga njalo amabhuku ngaphakathi. Asilindi ukuthi umcwaningimabhuku-jikelele afune umbiko wezimali,” kusho yena.
Uthe ikomiti lokucwaninga amabhuku i-audit committee ne-municipal public accounts committee enza isiqiniseko sokubheka ukusebenza kwemali, okuqinisekisa ukuthi uma kukhona ubungozi noma okonakalayo kusheshe kulunge.
“Abaphathi bayazilandela izincomo ezenziwa yikomiti elicwaninga amabhuku bese belungisa okufanele bakulungise ngaphandle kokuthandabuza. Ukuqasha abantu abaneziqu ezifanele nokugcwalisa zonke izikhala zomsebenzi ezidinga (amakhono) kuyasisiza ukuqinisekisa ukuthi umasipala uphatheke kahle futhi ulandela imithetho.
“Okubaluleke kakhulu wukuthi siyakwazi ukuhlukanisa ukuphatha umasipala nepolitiki. Ukusebenza kwemali kamasipala akuhlangani nepolitiki, izisebenzi zisebenza kahle ngaphandle kokugxambukela kwepolitiki,” kusho uNkk uXulu.
Nakuba lo masipala unezinselelo ezithile, abale kuzona ukungabinemali eyanele, ingqalasizinda egugile nokwanda kwabantu abadinga usizo lukamasipala, uthe babhekana nalezi zinselelo ngokuqoqa imali kubantu abakhokhela usizo lukamasipala, ukuyihlelela kahle imali, ukuphucula amakhono ezisebenzi, ukuqapha ukusebenza kwemali nokuhlinzeka ngosizo nangokusebenzisa imali ngendlela ehlelekile.
Ucebise abanye omasipala ngokuthi ukuphatha kahle imali nokuyihlelela ngalezi zindlela azibalule ngenhla yikona okwenza bathole umbiko wezimali omuhle bebebeqhubeka nokuthumela izinsiza emphakathini.


