Izibalo ezintsha zikhombisa ukuthi bawu-37,5% abesifazane abangasebenzi abaneminyaka ephakathi kwewu-15 kuya kwewu-64. Izithombe: Zithunyelwe

Sebewu-8,5 million abantu abangasebenzi eNingizimu Afrika – izibalo ezintsha

WUBONISWA MOHALE

KUNZIMA kubantu baseNingizimu Afrika njengoba isibalo sabangasebenzi sinyuke ngo-345 000, saya ku-8,5 million ngekota yesibili yonyaka.

Izibalo zabantu abasebenzayo zehle ngabawu-16 000, zawu-16,7m. Isibalo sabantu asebephelelwe yithemba lokuthi bayoke bawuthole umsebenzi sesiwu-3,7m njengoba sinyuke ngo-227 000. Isibalo sabantu abangasebenzi sesiwu-33,6%, okusho ukuthi sinyuke ngo-0,9% uma siqhathaniswa nesekota yokuqala esasiwu-32,7%.

Imisebenzi eminingi iphele emkhakheni ama-community and social service, lapho kuphele ewu-57 000, ezimayini kuphele ewu-26 000, emboninini yezolimo neyokukhiqiza kuphele ewu-15 000, kweyama-utility kwaphela ewu-10 000.

Izimboni eziqashe abantu ngekota yesibili ngeyohwebo eqashe abawu-70 000, eyokwakha eqashe abawu-39 000 neyezimali eqashe abawu-11 000.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/11/12/sehle-ngo-1-3-isibalo-sabangasebenzi-ngekota-yesithathu-istats-sa/

Usomnotho omkhulu eFNB uMnu uThanda Sithole uthe ukunyuka kwezibalo zabantu abangasebenzi kwenza abantu bangabinemali eyanele yokufeza izidingo zabo emakhaya.

Uthe bampintshekile futhi basazoqhubeka nokumpintsheka ngenxa yokungabibikho kwemisebenzi.

USithole uthi abantu bazoqhubeka nokuklinywa wumnotho

Wengeze ngokuthi nokho abanye abantu bazokwazi ukukweleta abakudingayo njengokuthenga izimoto okungenzeka uma bengakhokhiswa imali eningi lapho bekweleta khona.

Umkhulumeli weCongress of South African Trade Unions ePhalamende uMnu uMatthew Parks uthe izibalo ezintsha zabantu abangasebenzi zidinga amasu amasha okukhulisa umnotho ukuze kuqasheke abantu.

Uthe kufanele kubelula nokuthi osomabhizinisi abancane bathole usizo lwezimali ngoba yibona abaqasha abantu abaningi. U-Parks uphethe ngokuthi uhulumeni, izimboni nezinhlangano ezisiza umphakathi kufanele bahlangane ukuza nesisombululo kule nkinga yokungabibikho kwemisebenzi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page