Inkampani eshintsha imali inqindwe amandla
YINTATHELI YOMBELE
IBhange lomBuso lijezise iSoutheast Exchange Company South Africa, inkampani egunyazwe ukushintsha imali ngokwamagunya athile, phecelezi i-authorised dealer in foreign exchange with limited authority.
Izinkampani ezinegunya lokushintsha imali nezinkampani ezinamagunya athile okushintsha imali yizinkampani ezigunyazwa yiBhange lomBuso ukuhweba ngemali yamazwe ahlukene ngokomthetho.
Umthetho olawula ukuphatha imali i-Financial Intelligence Centre Act 38 wango-2001 (iFica) ugunyaza iBhange lomBuso ukuthi liqinisekise ukuthi izinkampani ezishintsha imali zinezindlela zokuqikelela ukuthi akushushumbisa imali ezweni futhi azikho izenzo zobushokobezi ngemali.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/01/15/iningizimu-afrika-ayisekho-ohlwini-lwamazwe-anemithetho-exegayo/
Le nkampani inqindwe amandla okushintsha imali ngenxa yokutholakala kobuthaka ekusebenzeni kwayo, okukhombise ukubantekeneke ukugada ingozi yemali eshushumbiswayo ngokusho kwe-Risk Management and Compliance Programme nokuhluleka kwale nkampani eshintsha imali ukuqasha umuntu owenza lo msebenzi, phecelezi i-anti-money laundering compliance officer nokuqeqesha izisebenzi zayo.
Simi kanje isijeziso:
1) inhlawulo ewuR100 000 ngokuhluleka ukuhambisana nesigaba 21 somthetho weFica;
2) inhlawulo ewuR100 000 ngokuhluleka ukuhambisana nesigaba 21 somthetho 21C somthetho weFica;
3) ) inhlawulo ewuR200 000 ngokuhluleka ukuhambisana nesigaba 42 somthetho weFica;
4) ) inhlawulo ewuR100 000 ngokuhluleka ukuhambisana nesigaba 42A(2)(b);
5) inhlawulo ewuR100 000 ngokuhluleka ukuhambisana nesigaba 43 somthetho weFica.
IBhange lomBuso lithe: “Igama leSoutheast Exchange Company (South Africa) (Pty) Limited lizokhishwa emKhakheni 3 wezinkampani ezigunyaziwe ukushintsha imali ezinamagunya ngokwesigaba A.2(A) neA.2(B) se-Currency and Exchanges Manual for Authorised Dealers in foreign exchange with limited authority ne-Currency and Exchanges Manual for Authorised Dealers, Ibekwe emKhakheni 4 wezinkampani ezigunyazwe ukuhweba ngemali ezinamagunya athile eNingizimu Afrika.”

