I-Business Leadership South Africa iyeke ukukhankasela ukuthi kwande ukuncintisana embonini kagesi, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Ukuphatha ngobuqotho kusho ukulandela umgomo okuvunyelenwe ngawo, kuloba uBusi Mavuso

KUTHUSILE ngesonto elidlule ukuzwa usihlalo webhodi le-Eskom uMnu uMteto Nyati esola iBusiness Leadership South Africa (iBLSA) neBusiness Unity South Africa (iBusa) ngokugxambukela okufana nosopolitiki, loku esineminyaka sikugxeka. Uqale washo ezinkundleni zokuxhumana ngaphambi kokusho emsakazweni.

Uqhube wathi uma singakwazi ukumukela izinto ngendlela i-Eskom ezibona ngayo kusho ukuthi “sinezinye izinhloso” kunokuthi yingoba sicabangele izwe. Ngifuna ukukhuluma ngqo ngalento ngoba imqoka futhi ukusola iBLSA ngokungathembeki akuyona into engingavele ngiyiyeke nje kanjalo.

UNyati wenza iphutha ngakho kokubile lokhu, izinjongo zomkhankaso wethu nokuthi kulindelekeni uma kukhulunywa ngokuphatha kahle kwebhodi ye-Eskom. Umgomo wokwenza loku siyavumelana ngawo noNyati.

Imithetho kufanele isetshenziswe kuwo wonke umuntu ngendlela efanayo. Abaholi bamabhizinisi abaziba inqubo ebekiwe bacele amabhodi amabhizinisi kahulumeni ukuthi abenzelele ekubeni bebe bethi bafune izinkampani ziphathwe ngendlela kubafanele ukugxekwa. Uma kukhona abantu abenza lokhu akushoyo, kufanele bagagulwe, baphendule futhi siyakweseka lokho. 

Kodwa ukudidanisa lokho nokushiwo yiBLSA ngenkampani ezimele esabalalisa ugesi kuwukufanisa izinto ezingafani nokudidanisa izinto ngezindlela ezintathu.

Okokuqala, akusona isicelo lesi sokwenzelwa ufefe. Yinto eyaziwayo futhi esemthethweni njengokusho kwesiGaba 34A somthetho wokuchibiyela ugesi othi le nkampani enegunya lokusabalalisa ugesi yiyona okuzofanele ilawule ingqalasizinda.

Umengameli wezwe uMnu uCyril Ramaphosa usho kanje naye ngesikhathi ethula iNkulumo eBhekiswe esiZweni ngoFebhuwari eqinisekisa ukuthi inkampani entsha “izoba wumnikazi futhi izolawula ingqalasasizinda yokusabalalisa” futhi neHhovis likaMengameli likuqinisekisile lokhu ngoJuni. 

Ukucela umengameli ukuthi enze into ewumgomo kahulumeni wakhe akufani nhlobo nokucela ukwenzelelwa. Kuwukucela ubuholi be-Eskom ukwenza okufunwa wumnikazi wenkampami futhi okuhambisana nomgomo osemthethweni. Yikho kanye lokho ukuphatha ngendlela eqotho.

Okwesibili, esikulwelayo sihlose khona impela ukugwema lokhu uNyati akugxekayo. Isizathu sokuthi i-Eskom ayikwazi ukulawula ingqalasizinda wukugwema ukuthi kungabibikho lapho izinto zizoshayisana khona uma inkampani eyodwa iphehla ugesi futhi iphinde ilawule ingqalasizinda.

Inkampani elawula ingqalasizinda kodwa okungeyona eyayo ngeke ithenjwe ukuthi izophatha wonke umuntu ophehla ugesi ngendlela efanayo. Ukuhlukanisa izinto kuzoqinisekisa ukuthi ayikho inkampani eyenzelelwayo kunezinye okubalwa nezobe iwusabalalisa.

Uma inkampani elawula ingqalasizinda yokusabalalisa ugesi ingahlanganise lutho newuphehlayo, izokwazi kahle ukuthi iphathe bonke abaphehli ngendlela efanayo, nokuzokunika abatshalimali ithemba ukuthi indlela lezi zinqumo ezenziwa ngayo ayinakho ukwenzelela. Ukuchaza ukukhankasela lokho sengathi singabantu abafuna ukwenzelelwa akulona iqiniso.

Okwesithathu, lokhu uNyati akugxekayo yilokhu athi kwenziwa ngabanye bosomabhizinisi angabadalulanga futhi okungaziwa muntu esidlangalaleni. I-BLSA yenza okuhluke kakhulu kunalokho. Wonke umuntu uyazi ukuthi simi kuphi futhi siye sikhulume ngazwi linye neBusa, sixoxisana nePhalamende neHhovisi likaMengameli esidlangalaleni futhi siyalandelela ukubheka imiphumela yezinguquko ezinqala futhi wonke umuntu uyakwazi ukubona ukuthi simi kuphi. Lokhu yiyona ndlela esihluke ngayo kunalabantu abagxekayo futhi kufanele.

Kukhona enye into okufanele siyisho ngokushiwo wuNyati ngesikhathi ekhuluma emsakazweni iRadio 702 – ukuthi ibhodi ye-Eskom “nongqongqoshe oqondene nalokhu” bavumelana ngoDisemba ukuthi ingqalasizinda kufanele iqhubeke ibengenye inkampani esabalalisa ugesi, isinqumo umengameli asiphikisa esidlangalaleni ngemva kwezinyanga ezimbili.

Inkampani esebenzisa ingqalasizinda okungeyona eyayo ayikwazi ukuboleka imali kalula njengoba kudingeka uR440 billion ukwandisa ingqalasizinda yokusabalalisa ugesi eNingizimu Afrika ngokushesha.

Okunye wukuthi iyohlale ithembele kwi-Eskom, okungekona loku kuzimela uNyati athi kumqoka. Ukuqhubeka nokukhankasela into ehlukile kunalokho kwabazindaba kuwukuphikisa umgomo okuvunyelwene ngayo.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/09/03/amanani-e-eskom-atshengisa-ukuthi-siyidinga-kangakanani-imboni-kagesi-encintisanayo-kuloba-ubusi-mavuso/

Lokhu kuqubula imibuzo ngokuphatha okuqotho nokuthi kufanele abantu abaphethe baphendule. Akufanele i-Eskom ivunyelwe ukuphikisa umgomo okuvunyelwene ngawo njengoba iqhubeka iphazamisa ukuncintisana embonini kagesi, into ezosiza umphakathi.

Asiceli into engaphezu kwalena umnikazi we-Eskom asevele eyishilo ngomgomo owaziwayo. Esikucelayo wukuthi i-Eskom ilandele lo mgomo nokuthi kungaqhutshekwa nokubambezela ukuhlukanisa le nkampani.

Amabhizinisi asazibophezele ekuboneni i-Eskom iphumelela. Sesikusho kaningi lokhu njengoba izinto ziguqukile kusukela uMnu uDan Marokame athatha izintambo wayisikhulu esiphezulu.

Nokho ukumeseka kwethu akusho ukwamukela ukushintsha umgomo osekuvunyelenwe ngawo, ingasaphathwa eyokuthi kufanele sichaze ngezinhloso zethu.

Esikukhankaselayo kuyaziwa futhi izizathu zethu ziyaziwa, noma wubani angazicubungula. Ngeke siyeke ukukhankasela ukuthi kwande ukuncintisana embonini kagesi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page