Izinkampani zamabhanoyi zikahulumeni zinezikhulu ezintsha okubhekwe ukuthi zibeke imboni emafini. Izithombe: yiDepositPhotos nezithunyelwe

Kunabaphathi abasha ezinkampanini zikahulumeni zamabhanoyi

WUSLINDILE KHANYILE

IZINKAMPANI zikahulumeni ezimbili ezisembonini yamabhanoyi sezimemezele izikhulu eziphezulu ezintsha. Zombili zizoqala ngenyanga ezayo.  I-Airports Company South Africa (i-Acsa), isikhungo esiphethe izikhumulo zezindiza nenye ingqalasizinda, iqoke uMnu uSiphamandla Mthethwa,  kwathi i-Air Traffic & Navigation Services (i-ATNS), elawula imizila yamabhanoyi yamemezela uMnu uMatome Moholola.

UMthethwa uvala isikhala esivuleke ngemva kokuphela kwenkontileka kaNkk uMpumi Mpofu. Uyi-chartered accountant kanti Inkonyane izobe ingathuki isisinga njengoba eke wasebenza e-Acsa eyisikhulu esiphezulu sezimali. Uhambe eminyakeni emithathu edlule. Uke wasebenza embonini yamaselula, amabhange nasezimayini futhi waphatha izikhundla e-Eskom naseCentral Energy Fund. 

Usihlalo webhodi ye-Acsa uMnu u-Irvin Phenyane uthe bakholwa wukuthi kuzosiza ukuthi uMthethwa uyayazi le nkampani, amava anawo okuphatha imali nawokubawumholi azoyilekelela kakhulu le nkampani ezinhlelweni enazo zokukhula, okubalwa kuzona ukutshala imali ukuthuthukisa ingqalasizinda yezikhumulo zamabhanoyi.

“UMnu uMthethwa ubuyela enkampanini ayazi kahle kamhlophe kodwa ngesikhathi esihlukile. Wasiza i-Acsa ithwele kanzima ezimalini ngezinsuku ze-Covid-19 ezamisa yonke into emabhanoyini. Ukukwazi kwakhe ukuphatha izimali nokuqonda imboni yamabhange nokukwazi ukwakha ubudlelwano obuhle nezinhlaka ezihlukene kwakubalulekile ngaleso sikhathi esinzima. Wasiza inkampani ebunzimeni, manje usebuyile ukuzosiza ukuthi yakhele ikusasa elihle,” kusho uPhenyane.

UMthethwa wenze izifundo zokuphatha eHarvard naseStanford, amanyuvesi aseMelika. Une-BCom yase-University of Zululand i-Honours ye-Accounting and Finance yase-Unisa ne-Post-graduate Diploma in Accounting yaseNyuvesi yaKwaZulu-Natali.

UMthethwa, isikhulu esiphezulu esisha se-Acsa

UMoholola owafika e-ATNS ngoJulayi wango-2011 ubebambe esikhundleni sesikhulu esiphezulu kusukela ngoMashi wangonyaka odlule. Eqala kule nkampani wayeyimenenja enkulu yezimali ngaphambi kokukhushulelwa esikhundleni sokubayisikhulu esiphezulu sezimali ngo-Okthoba wango-2017.

UMoholola uke wasebenza emnyangweni wezimali kanti ngaphambi kokufika kwahulumeni, usebenze eJohnson Diversey naseMaxiprest Tyres.

UMoholola othatha amatomu e-ATNS

Usihlalo webhodi ye-ATNS uMnu uZola Majavu uthe ukuqoka uMoholola kuzosimamisa ubuholi futhi kuqinisekise ukuthi umsebenzi uqhubeka ngendlela efanele kule nkampani futhi kuzoqinisa ubudlelwano bayo nabo bonke abantu esebenzisana nabo embonini. 

“Ngalesi sikhathi esidlule kusona, utshengise ukuzinikela, ukubekezela nokuthi uyaziqonda izinselelo inkampani ebhekene nazo. Siyamthemba ukuthi uzosimamisa inkampani nokuthi ukuqokwa kwakhe kuzokwenza akwazi ukuqhubeka nokugcwalisa ezinye izikhala ezimqoka zabantu okufanele ahole nabo,” kusho uMajavu. 

 UMoholola une-MBA yaseGeorgetown University, i-Master of Commerce in Taxation yase-University of Pretoria,  i-Bachelor of Accountancy yaseWits ne-Bachelor of Commerce Accounting yase-University of Venda.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page