Izibalo ezintsha zeNaamsa zikhombisa ukuthi ukudayisa izimoto ezintsha kunyukile ngenyanga edlule. Isithombe: Sithunyelwe

Ukudayisa izimoto ezintsha kukhuphuke ngo-3,2% – izibalo ezintsha

INTATHELI YOMBELE

IZIBALO ezikhishwe wumkhandlu wemboni yezimoto iNaamsa izolo zikhombisa ukuthi ukudayisa izimoto ezintsha eNingizimu Afrika kubemandla ngenyanga edlule. Izibalo zikhombisa ukuthi ukuthengwa kwezimoto ezintsha kunyuke ngo-3,2% uma kuqhathaniswa inyanga nenyanga ngoSepthemba uma kuqhathaniswa nango-Agasti, lapho kwanyuka khona ngo-0,4%.

Imbangela enkulu yaloku kukhula kubewukunyuka kokudayisa izimoto ngo-4,2% uma kuqhathaniswa inyanga nenyanga (kubewu + 0.4% ngo-Agasti). Nokudayisa izimoto zokusebenza kunyukile ngenyanga edlule, nakuba kunyuke kancane ngo-0,7% ngenyanga edlule.

Ukwanda kokudayisa izimoto ezincane kubuyisa ithemba futhi kuyinkomba yokuthi abathengi basaqhubeka nokusebenzisa imali nakuba isimo somnotho esinzima esihambisana nokwehla kwamandla emali nemalimboleko ephezulu. Ukudayisa izimoto ezweni kunyuke ngo-3,1% ngekota yesithathu uma kuqhathaniswa ikota nekota ngonyaka odlule, kwehla ku-5,9% ngekota yesibili.

Uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo ngonyaka odlule, ukudayisa izimoto kunyuke ngo-12,7% ngoSepthemba uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka, uma kuqhathaniswa nokunyuka ngo-11,4% ngo-Agasti.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/10/01/ayanele-imiholo-ukuthenga-ukudla-okwanele-eningizimu-afrika-ucwaningo/

Uma kubhekwa ukudayisa izimoto phesheya, ukudayisa izimoto akunyukanga ngenyanga edlule uma kuqhathaniswa inyanga nenyanga, ngemva kokunyuka ngo-1,5% ngo-Agasti. Loko kwenze ukudayisa izimoto kwehla cishe ngo-19% uma kuqhathaniswa nangoSepthemba wonyaka odlule, ngemva kokwehla ngo-11,7% ezinyangeni ezimbili ezidlule

Khonamanjalo, iBhange lomBuso limemezele izolo ukuqokwa kukaMnu uFranz Ruch ukuthi abewumeluleki wabaphathi bebhange nelungu lesikhombisa lekomiti elinquma imalimboleko iMonetary Policy Committee nozoqala ukusebenza ngokushesha.

U-Ruch uvela eBhange lomHlaba, lapho abewusomnotho omkhulu khona futhi waphosa esivivaneni emabhukwini ocwaningo ngezomnotho emhlabeni. Wake wasebenza emnyangweni wocwaningo lwezomnotho eBhange loMbuso, lapho ayegxile khona ekubumbeni izindlela zomnotho  nokuhlaziya inqubomgomo yezimali.

Ukufika kukaRuch kwenza ukuthi kubenamalungu eMPC ayisikhombisa ngemva kwezinguquko ezisanda kubakhona kanti kuhambisana nesibalo esiwugweja esithandwa wumphathi weBhange lomBuso uMnu uLesetja Kganyago.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page