I-Moses Mabhida Stadium imi ngomumo ngomdlalo wamanqamu eMTN8
YINTATHELI KAMASIPALA
Imeya kaMasipala waseThekwini uMnu uCyril Xaba ithakasile ngesinqumo sePremier Soccer League (iPSL) sokuthi umdlalo wamanqamu weMTN8 we-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns uze eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo ozayo, umhlaka-10.
Ekhuluma esithangamini nabezindaba ebesiseMoses Mabhida Stadium ekuqaleni kwaleli sonto, uXaba uthe lesi sinqumo sifakazela igama elihle lale nkundla yokuthi kudlalelwe imidlalo emikhulu yebhola kuyo negalelo layo ekutheni idolobha libeyindawo yemicimbi emikhulu yezemidlalo.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/07/10/asimile-siyaqhuba-iminyaka-emihlanu-yokusimamisa-umnotho-ngezinkundla-ezisezingeni-eliphezulu/
Ngenxa yala magalelo nalo mlando, umasipala uyaziqhayisa ngokuthi ulungele lo mdlalo wamanqamu. “Umasipala usuwulungele umdlalo wamanqamu weMTN8 eMoses Mabhida Stadium. Sibambisene nePSL, abaphathi benkundla, abezomthetho, abezimo eziphuthumayo nabanye abalingani ngamalungiselelo ngosuku lomdlalo,” kusho yena.
UXaba uthe kulindeleke ukuthi lo mdlalo wamanqamu uhehe abalandeli nezivakashi ezivela kuzo zonke izindawo ezweni, okuzodala amathuba kumabhizinisi endawo, abahwebi, amabhizinisi amancane, izindawo zokuvakasha, ezokuthutha namaciko.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/04/29/ugalagala-lokuphatha-ezemidlalo-luphila-ubizo-mihla-namalanga/
Ubalule amathuba kwezokuvakasha nezomnotho ahambisana nokwenza imicimbi emikhulu yezemidlalo, wathi izivakashi zizothola ithuba lokuvakashela izindawo eziheha izivakashi eThekwini, amabhishi, izindawo zokudlela nezindawo zokuhlala.
“IMoses Mabhida Stadium ayigcini ngokubayinkundla yezemidlalo kodwa iwuphawu olumele igama ledolobha nendawo okuhlale kubanemicimbi yemidlalo emikhulu kuyona eThekwini. Siwubheke ngabomvu lo mdlalo wamanqamu omuhle nokwamukela abalandeli bebhola edolobheni lethu,” kusho imeya.
Imeya inxuse abalandeli abazoya eThekwini kulo mdlalo wamanqamu ukuthi bahlele uhambo lwabo kusenesikhathi, basebenzise izinto zokuthutha umphakathi uma kwenzeka futhi bathobele imiyalelo yabantu abasebenza enkundleni ukuqinisekisa ukuthi izinto zihamba kahle ngosuku lomdlalo.
Umasipala uyaqhubeka nokusebenzisana nePSL, abaphathi benkundla nabanye abalingani ukuqinisekisa ukuthi amalungiselelo aqhubeka kahle nokuthi alungele ukumelana nezinkumbi zabalandeli nezivakashi.

