UNksz uSiphiwe Sibiya, umsunguli weSparkle N' Glow, eyenza izinto zokunakekela isikhumba yaseNewcastle, enyakatho yaKwaZulu-Natali. Izithombe: Zithunyelwe

Intokazi ebizenyeza ngesikhumba isinezimonyo ezenza abantu baqhakaze

WUTHOBILE ZWANE

AMABALA amabi esikhumba nokuphikwa yizinto zokugcoba ezihlukene kwenza intokazi yaKwaZulu-Natali ikhule ingazethembi ngenxa yendlela eyayibukeka ngayo.

Lesi simo samhlukumeza kakhulu uNksz uSiphiwe Sibiya waseMadadeni, eNewcastle, futhi senza ukuthi ahlale ezigqume endlini ngoba esaba ukubonwa ngabantu. Ukubhekana nale nkinga, waqala ukufunda nokucwaninga ngezinto zokugcoba ezingamsiza enkingeni yesikhumba sakhe.

Wagcina esezithakela izinto zokugcoba ezihlukene ezihambisana nohlobo lwesikhumba sakhe. Ngokubona ukuthi iyamsiza futhi ziyasebenza nakwabanye abantu, wasungula iSparkle N’ Glow. Le ntokazi isifundisa abantu kuYouTube ohlelweni lwayo oluthi The Becoming of Phiwe.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/05/13/owaqala-esiza-udadewabo-usewudokotela-wezinwele-nesikhumba/

Le ntokazi eneminyaka ewu-28 ithi yaqala ukucwaninga ngale mikhiqizo iseseThekwini ngo-2016 ngenkathi yenza i-Diploma in Information and Communication Technology in Application Development eDurban University of Technology.

“Ngawo lowo nyaka (u-2016) ngabanenye inkinga. Isikhumba sami savele sashintsha esikhaleni, sabanamabala angajwayelekile. Kwangikhuthaza ukuzihlupha ngolwazi lokuthi yimiphi imikhiqizo nethakwe kanjani engangisiza ukulungisa leyo nkinga. 

“Kuthe ngo-2018 sengigxile emkhakheni wokumodela, ngaqala ukuzama izinto ezihlukene esikhumbeni sami, ngabe sengiyidlulisela nakwabanye abantu ngoba ngibona ukuthi iyasebenza,” kusho yena.

Kwezinye izinto zesikhumba zeSparkle N’ Glow kukhona ne-cleanser, ama-moisturizer ne-serum

Uthi esanda kuqala ibhizinisi abantu abaningi bayithanda imithi yakhe, okwamkhuthaza ukuqhubeka. Wakhuthazwa wukuthi amakhasimende amaningi ayevame ukubuya, encoma imikhiqizo yakhe. “Inhloso yami wukubona abantu bebuyelwa wukuzethemba ngenxa yokulungiseka kwenkinga abasuke benayo yesikhumba,” kusho uNksz uSibiya.

Uthi okwamanje iSparkle N’ Glow inamakhasimende amaningi eThekwini, eGoli naseBotswana kanti ufisa inabele nakwezinye izindawo. Isiqashe izisebenzi ezintathu ngokugcwele.

Iseluleko sikaNksz uSibiya kubantu abafisa ukusungula ibhizinisi sithi kuhle ukubambelela embonweni wakho, ungasheshi uphela amandla uma izinto zingahambi kahle. 

Isifiso sakhe wukukhulisa ibhizinisi lakhe izinto azenzayo zigcine sezitholakala ezindaweni ezihlukene ezweni lonke. “Ngifisa ukukhula ngize ngigcine nginezitolo okutholakala imikhiqizo yami kalula khona,” kuphetha yena.

Facebook: Sn G Skincare

Instagram: Sparkle N’ Glow

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page