IKhomishini yoKhetho isiqalile ukubala izinsuku ngaphambi kokhetho
WUBONISWA MOHALE
NGEMVA kokushicilela ngokusemthethweni usuku lokhetho lomasipala, inhlangano engamele ukhetho i-Independent Electoral Commission (i-IEC) ithe isiqalile ukubala izinsuku nokulungiselela umhlaka-4 wangoNovemba.
Usihlalo we-IEC uMnu uMosotho Moepya utshele izintatheli ngoLwesihlanu ukuthi sebene-timetable yokhetho ehambisana ne-Municipal Electoral Election Act yango-2000.
“Njengoba selwaziwa usuku lokhetho futhi selushicilelwe kusho ukuthi seseshicilela i-timetable ngoba kunezigaba okufanele sizililandele ngaphambi kosuku lokhetho. Kufanele bonke abantu bazi okuzokwenzeka ngoba umthetho wokhetho usiyalela ukuthi konke esikwenzayo kwaziwe,” kusho yena.
Uthe zonke izinhlelo zabo ezikwi-timetable kufanele ziphothulwe njalo ngo-5 ntambama wosuku olunqunyiwe. Basabalalise uhlu lwabavoti izolo ukuze lubonwe yiwo wonke umuntu. Luzotholakala emahhovisi e-IEC kusukela esigabeni sezwe, esezifundazwe nesomasipala.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/08/03/usuku-lokuvota-luzokwaziwa-maduze-ungqongqoshe/
NgoLwesilanu i-IEC ishicilele zonke izikhungo zokuvota ngisho nezingomahambanendlwana ezizobe zisebenza ngokhetho. Abafisa ukuphikisa okuthile bazothola ithuba kusukela kushicilelwe uhlu lwabavoti kuze kubemhlaka-18 kule nyanga. Izinqumo bazozazi ngomhlaka-24 wango-Agasti bese uhlu lokugcina lwabavoti lushicilelwa ngomhlaka-26.
Ukukhetha abazomela amaqembu noma abazovotelwa okhethweni sekuvulile kanti kuzovala ngomhlaka-28 wango-Agasti ngo-5 ntambama.
Amaqembu epolitiki nabazozimela banezinsuku eziwu-21 zokuthumela amagama. UMoepya uthe okwamanje awu-674 amaqembu epolitiki abhalisiwe kodwa ngeke athi yisibalo abazobe besebenza ngaso lesi okwamanje ngenxa yokuthi ukhetho lomasipala lungenelwa ngamaqembu amaningi.
Bawu-119 abantu abazozimela okhethweni asebengene kwi-website ye-IEC esigabeni sokubhalisa abazobe bekhethwa namaqembu epolitiki awu-119.
Abafisa ukungenela ukhetho kufanele bakhokhe uR4 700 uma bengenela ukhetho komasipala abakhulu, abangenela komasipala bendawo bakhokhe uR2 800 kuthi abangenela komasipala besifunda bakhokhe uR1 800.
Abazongenela ukhetho ngokuzimela emawadini bazokhokha uR1 800. UMoepya uthe ngeke lubekhona ukhetho lokuchibiyela ku-ward 17 eThekwini lapho kubulawe ikhansela ngoLwesine ntambama.
Abangakwazi ukuvota ngosuku lokhetho ngenxa yezizathu ezithile bazokwazi ukufaka izicelo zokuvota ngaphambi kosuku lokhetho i-special vote ngomhlaka-21 wangoSepthemba.


