Sihle isiphakamiso sikangqongqoshe womNyango wokuMbiwayo uMnu uGwede Mantashe sokwandisa imikhiqizo kawoyela ebekiwe, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Sesiyavuna ngokwenza okufanele, asakhele phezu kwakho, kuloba uBusi Mavuso

UKUQUBUKA kwempi phakathi kwe-Israel ne-Iran sekuphinde kwabeka ubudlelwano neminotho yamazwe engcupheni futhi yiyonanto ewundabizekwayo.

Kodwa kuso sonke lesi simo, umnotho weNingizimu Afrika uzibambe zaqina uma uqhathaniswa neminye njengoba bekuhamba kahle ngerandi uma kuqhathaniswa nezinye izikhathi uma kunezinxushunxushu.

Loku kungenxa yokusebenzela ukuthi kubenomgomo womnotho othembekile, okubalwa isikali samanani ezimpahla esiphansi, inzuzo yesabelomali esiqondene nezindleko ezingenanzalo kusukela ngo-2023/24 emva kweminyaka ewu-15 kungenzeki loku kanjalo nokulungisa inkinga yesikweletu sikahulumeni esizonyuka sibewu-78,9% womthamo womnotho ngaphambi kokwehlela ku-75% uma sekuphela le minyaka eyishumi.

Osanda kuqokwa ukubayinhloko yophiko olucwaninga ngomnotho eBhange lomBuso uDkt uKonstantin Makrelov ukhulumile ngokuphucuka kwezinto kwi-African Economic Conference e-Abidjan, eCôte d’Ivoire, ngesonto elidlule.

Uthe iNingizimu Afrika isethubeni elihle lokumelana nezinto ezizumanayo uma inomgomo womnotho ophusile kunokubanesikweletu esiloku sinyuka noma amanani ezimphahla aphezulu futhi ukhulume ngendlela izinto ezabheda ngayo ngo-2015 ngesikhathi kuxoshwa owayewungqongqoshe womNyango weziMali uMnu uNhlanhla Nene njengobufakazi bokuthi uma ningasathenjwa kunzima ukuthi abantu baphinde banithembe.

Loku kuphatha kahle imali sekwenze sathenjwa nayizinkampani ezibuyekeza indlela amazwe aphatha imali ngayo. I-S&P isandla kubuyekeza indlela eklelise iNingizimu Afrika ngayo ngoNovemba ngonyaka odlule, okongokokuqala eminyakeni ewu-20 kanti neMoody’s iyiklelise kangcono ngoMeyi, kwathi neFitch iyinyusile ngomhlaka-5 wangoJuni, obekungokokuqala eminyakeni ewu-21. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/06/08/uhulumeni-uthakasile-ngokukleliswa-kweningizimu-afrika/

Izinguquko embonini yezimali zisizile ukuphucula izinto, ikakhulu eziqondene neFinancial Action Task Force. Umshwalense ovikela imali abantu abayibeka emabhange usuyasebenza ngenkampani iCorporation for Deposit Insurance kanti nezwe selinayo imali yokugada ingozi.

Lezi zinguquko ziqinise imboni yezimali evele ihlonishwa futhi enezinkampani nezikhungo ezimi kahle, okubalwa iBhange lomBuso, umNyango weziMali nophiko olungamele amabhange iPrudential Authority.

Isikhulu esiphezulu sePrudential Authority uNks uFundi Tshazibana sithe loku yikona okusizile ngesikhathi sempi yase-Iran nokuthi iNingizimu Afrika isikwazi ukumelana kangcono nezinto ezenzeka kwamanye amazwe uma kuqhathaniswa nangesikhathi se-Covid-19 noma nangesikhathi kuphazamiseka izimakethe ngenxa yokuhlasela kweRussia e-Ukraine.

Loku kulungiselela izimo ezinzima sesikugxilise ekusekeni izinto embonini kaphethroli. Ungqongqoshe womNyango wokumBiwayo uMnu uGwede Mantashe useshicilele umgomo okuzohlanganiselwa phezu kwawo umgomo wokubanemikhiqizo kawoyela i-Strategic Petroleum Stocks Policy okufanele siqede ukuthi kungayi ngokuvolontiya kwabantu ukuba nale mikhiqizo egadile kodwa kubeyimpoqo ukuthi kufanele uhulumeni ubenowoyela ongahluziwe nohluziwe wezinsuku eziwu-60 bese kuthi abezinkampani ezizimele kube owezinsuku eziwu-21, abazowuthenga bona. Kuzobangokokuqala kunyuswa lesi sikali kusukela eminyakeni yama-70.

Sihle isiphakamiso sikaMantashe. Sizosiza nokulungisa isono esidala: ukudayiswa kwemiphongo eyayinowoyela wezwe ewu-10 million ngo-2015/16 ngemali engatheni, isinqumo iNkantolo eNkulu eNtshonalanga Kapa eyathi sasingekho emthethweni. Akekho othathelwe izinyathelo zomthetho ngaloku.

Ezinye izindaba ezinhle eNingizimu Afrika wukuthi iToyota ithule isizukulwane sesishiyagalolunye seHilux efemini yayo eseProspecton, eThekwini ngesonto elidlule lapho itshale khona uR10,4bn, okuyiyona mali enkulu kunazo zonke esike yayitshala ngohlelo olulodwa kusukela yafika eNingizimu Afrika.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/07/20/i-toyota-itshale-ur104-billion-ukukhiqiza-ihilux-entsha-eningizimu-afrika/

Kutshengisa ukuthemba umnotho. Maningi amanye amazwe afisa kutshalwe le mali kuwona.

I-Hilux eyisizukulwane sesishiyagalolunye okusanda kutshalwa uR10,4bn kuyona

Umyalezo kamengameli wezwe uMnu uCyril Ramaphosa obuqoshiwe, nothulwe ngesikhathi kwethulwa le moto entsha, ubujabulisa. Uthe amagugu ambiwa phansi kuhlangene nezokukhiqiza nokuguqula umkhiqizo kungenza izwe “livelele emhlabeni kwezokukhiqiza ezokuthutha zangomuso” kanti “ukuthola lelo thuba ngokuphelele kufanele siqhubeke nokuphucula ukusebenza kwezokuthutha. Amachweba esingawethemba, izitimela ezisebenza kahle nengqalasizinda yesimanje. Konke loku kunesandla ekutheni siyakwazi yini ukuncintisana emhlabeni.”

Yize kukhona abazomsola ngokubanethemba ngokweqile, uqinisile ukuthi ukuzama ukuthola la mathuba kuncike ekuphokopheleni ukuthi kubenezinguquko ezingenza loko. Kungekudala, sizokhipha umphumela weBLSA Reform Tracker ebheka ukuthi izinguquko zihambe kanjani phakathi kwango-Ephreli nangoJuni kanti yize zikhona izindaba ezimnandi kodwa zikhona izinto ezikhathazayo.

Into enzima kakhulu ngohlelo lweNingizimu Afrika lwezinguquko ezinqala, ikakhulu ezimbonini ezimqoka njengekagesi, ezokuthutha, amanzi nomasipala, wukuthi zibucayi futhi imvamisa kudinga izinhlaka eziningi ukuze zenzeke kanti imiphumela izosiza isikhathi eside.

Njalo uma kunezinto ezingahambi kahle, ngivame ukuzikhumbuza ukuthi loku kuzosiza izingane nabazukulu bethu kunesizukulwane sami. Yingakho kusikhuthaza ukuthi sesiqalile ukuyibona eminye imiphumela yalolu hlelo olunzima,

Uma kwanda ukwenza izinguquko esizenzayo, yilapho sizophucula khona ukwakha umgogodla womnotho, okuwukuthi amabhizinisi angasebenza kuwona kahle futhi ukhule. Loko yiyona ndlela engcono yokwakha imisebenzi nokwenza umehluko obonakalayo ekunciphiseni ukuntuleka kwemisebenzi.

Asikwazi ukulawula okwenzeka emhlabeni futhi ziningi izinto ezisazosizuma. Esinamandla okukulawula wukuthi sizilungiselela kanjani mhla kukhona enye into esizumayo ngelinye ilanga.

Ibambe ngakho ngokomgomo wemali futhi izinguquko ziqhubeka kahle. Uma siqhubeka sibambisana siyizwe sizophumelela kakhulu ekuxazululeni izinkinga zezwe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page