Isikhulu esiphezulu sePublic Investment Corporation uMnu uPatrick Dlamini omisiwe ngemva kombiko wenkohlakalo. Isithombe: Sithunyelwe

Isikhulu esiphezulu sePIC simisiwe emsebenzini

YINTATHELI YOMBELE

IBHODI yenkampani kahulumeni etshala izimali iPublic Investment Corporation (iPIC) isimise isikhulu esiphezulu sale nkampani emsebenzini uMnu uPatrick Dlamini.

UDlamini umiswe emva kombiko wenkohlakalo othinta udaba lwesikhumulo samabhanoyi esincane saseGauteng iLanseria.

Esitatimendeni esikhishwe yibhodi izolo ebusuku, ithe kubalulekile ukuthi uDlamini athole isikhathi esanele sokuziphendulela ngezinsolo abekwa zona ezisembikweni onikwe ibhodi ngenyanga edlule.

Ukumiswa kwakhe kwenzelwa ukuthi zonke izinhlelo zokuqondisa ubugwegwe zangaphakathi nemithetho ethinta izisebenzi zilandeleke ngendlela engenzeleli.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/10/18/i-pic-ibheka-isikhulu-esiphezulu-esisha/

Isitatimende siqhube sathi ukumisa uDlamini akusho ukuthi usetholakele enecala kodwa kuwukulandela umthetho. Ibhodi izomemezela maduze ukuthi wubani ozobamba kulesi sikhundla.

Ibhodi ibuye yayekisa uMnu u-August van Heerden ukuthi abe yi-chief investment officer, yafaka uMnu uLeon Smit ukuthi abambe kulesi sikhundla.

U-Smit akamusha kwiPIC njengoba afika ngo-2000 futhi uhole uphiko i-Fixed Income Investments and Cash flows elandela imiyalelo yamakhasimende. Uqinisekisa ukuthi iPIC ihweba kahle emakethe yezwe.

Une-Bachelor of Commerce in Business Economics yase-University of Pretoria nezinye zokuphatha imali okukhona kuzona eze-Treasury Management, i-Financial Markets and Financial Advisory and Intermediary Services.

Ibhodi iphethe ngokuthi izibophezele ukuqinisekisa ukuthi iPIC iphethwe ngobuqotho nangokulandela yonke imithetho efanele.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page