Sesifikile isikhathi sokwenza izinto zentela – iSouth African Revenue Service
YINTATHELI YOMBELE
MINYAKA yonke ukuqala kukaJulayi kusho isikhathi sokubika ngentela kwabakhokhintela eNingizimu Afrika. I-South African Revenue Service (iSars) isimemezele ukuthi sesifikile isikhathi sokubika ngentela nokubuyelwa yimali phecelezi i-filing season.
Njenganjalo, iSars ithe loku kuzokwenziwa ngezigaba ezihlukene ukuze kubelula kubakhokhintela ukwazi ukuthi kufanele benzeni, nini futhi kanjani.
Lesi sikhungo esiqoqa intela sithe inhloso yaso wukuhlinzeka ngolwazi olucacile mayelana nokubuyiselwa imali, ukuqinisekisa imininingwane nokuthumela ama-tax return ukuze abakhokhintela bangahlupheki.
Ukhomishana weSars uDkt uJohnstone Makhubu uthe lesi sikhathi sinezigaba ezihlukene kubakhokhintela. Uthe abakhokhintela kufanele balinde isikhathi sabo, basebenzise izigcawu ezisemthethweni futhi bangaphuthumi ezikhungweni zeSars uma bengabiziwe.
Isigaba sokuqala yi-auto assessment eqale ngomhlaka-1 kuya kumhlaka-12 kule nyanga. Ngalesi sikhathi, iSars yiyona ehlola isimo somuntu ngendlela yobuchwepheshe ezenzakalelayo kubakhokhintela abanemininingwane elula, esuke ithunyelwe ngokuphelele ngabaqashi, amabhange, izikhwama zempesheni, ama-medical aid nabanye abahlinzeka ngemininingwane yentela.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/04/02/i-sars-iqoqe-ur2-010-3-trillion-ngentela/
Umuntu othola umlayezo we-SMS, i-email noma enye indlela yokwaziswa ukuthi usehloliwe, akudingeki ukuthi aye eSars uma yonke imininingwane yakhe ilungile. Uma evumelana nomphumela, akukho okunye okudingeka akwenze.
Uma kukhona imali azoyibuyiselwa futhi imininingwane yakhe yasebhange neminye imininingwane isesimweni esihle, imali abuyiselwa yona ikhokhwa kungakapheli amahora awu-72.
I-Sars ithi ngemuva kwesigaba i-auto assessment kuzolandela isikhathi sokuthumela ama-return kusukela mhlaka-13 kuya mhlaka-23 wango-Okthoba. Abakhokhintela be-provisional bona bazoba nesikhathi kuze kube mhla zingama-22 kuMasingana 2027.
UDkt uMakhubu uthe ukuhlela izinsuku ngezigaba kusiza ukulawula isibalo sabantu abadinga usizo lweSars ngesikhathi esisodwa, kunciphise ukugcwala kwezikhungo zosizo futhi kunike abakhokhintela isiqiniseko sokuthi kufanele bathathe isinyathelo nini.
“Siyaqonda ukuthi ngemva kwenombolo yentela kunomuntu ozama ukwenza okulungile, ngesikhathi ebhekene nobunzima bempilo bansuku zonke,” kusho yena.
Ukhomishana uthe abakhokhintela kufanele babheke izinto ngaphambi kokwenza izinto zentela baqinisekise ukuthi imininingwane yabo, imininingwane yasebhange, imininingwane yokuxhumana nezindaba zabo zentela kumi ngononina.
Uthe i-akhawunti yasebhange evaliwe, imininingwane engaphelele evela kwabanye abahlinzeki noma i-return yangonyaka odlule engakathunyelwa kungabambezela izinto zomuntu.
I-Sars inxusa abakhokhintela ukuthi baqale ngokusebenzisa izindlela zobuchwepheshe ezinjenge-eFiling neSars MobiApp ngaphambi kokuya emahhovisi alesi sikhungo.
Uma kudingeka ngempela ukuthi umkhokhintela aye emahhovisi, iSars ithi kufanele aqale abekise indawo. Loku kunzeka ku-website yeSars, ukushayela ku-0800 00 7277 bese ukhetha u-0 noma ngokuthumela i-SMS ku-47277 ubhale ukuthi “Booking” lilandelwe yinombolo kamazisi noma ye-passport.
I-Sars ithi abangayibekisile indawo bazosizwa ngemva kwababekisile. Inxuse abakhokhintela ukuthi bangalindi kuze kusondele usuku lokugcina.
UDkt uMakhubu uphethe ngokuthi ukukhokha intela akugcini nje ngokugcwalisa amafomu kodwa kuyisibopho esisemthethweni nesomphakathi esisiza uhulumeni ukuthi uhlinzeke izidingo zomphakathi nengqalasizinda.

