Asimile Siyaqhuba: Uhlelo lukamasipala lokusebenzisa umhlaba ngobuhlakani luvula amathuba
YINTATHELI KAMASIPALA
MKHULU umsebenzi osuwenziwe ngokohlelo lukaMasipala waseThekwini lokudedela umhlaba ngobuhlakani i-Land Release Strategy, okuwuhlelo olungaphansi koPhiko lokuPhatha iZakhiwo, oluholwa wuMnu uThapelo Mmusinyane.
Ukuqhakambisa lo msebenzi kunomkhankaso kamasipala i-Five-Year Service Delivery Milestones enendikimba ethi “Asimile Siyaqhuba: Resilience Through Adversity”, okusho ukuphokophela ngisho kunzima. Lo mkhankaso uqhakambisa imisebenzi yokuletha izidingo emphakathini ngesikhathi sokuphatha kukahulumeni wedolobha kusukela ngo-2021 kuze kubewu-2026.
Uhlelo lokudedela umhlaba laqalwa ngo-2021 kanti wuhlelo oluziqhayisa ngokufukula abantu ababencishwe amathuba, olokushintsha umnotho nempumelelo, ikakhulu olwandle lwaseThekwini. Lolu hlelo luhlose ukuletha ukusimama ngokubambisana, ukukhuthaza ukutshala imali, ukuthuthukisa amabhizinisi amancane lubeluguqula izakhiwo.
I-beachfront isishintshe yabangenye yezindawo zempumelelo kwezomnotho eNingizimu Afrika lapho kuhlangene ukudweba izakhiwo nokwakha kuhlangene ukungenisa imali.
FUNDA NALAPHA: Asimile Siyaqhuba: i-uShaka Marine World iseyindawo yokuvakasha ethandwayo nanamuhla
Idolobha laseThekwini lishintsha umqondo wokuthi izindawo zomphakathi zidla ephaketheni likahulumeni. Empeleni, ziyizindlela zokungenisa imali ngama-rates, intela nokutshala imali kabusha. Ukuhlale kwanda izivakashi olwandle, kuhambisana nezindawo zokuhweba kukhombisa ukuthi izakhiwo zesimanje zingazishintsha kanjani izindawo zikamasipala ukuthi zibeyizizinda zomnotho ofaka wonke umuntu.
Phakathi kwango-2018 nango-2025, izivakashi olwandle zanda zisuka ku-770 000 ovamile, zaya ku-1.3 million. Ngo-2024, kwafika izivakashi eziwu-14.5 million, isibalo sonyaka esiphezulu esake sabakhona. Maphakathi nango-2025, isibalo sonyaka nonyaka sasesidlule ku-11.7 million. Lezi zibalo ziqhathaniswa nezibalo ezitolo eziyizinxanxathela ezinkulu ezweni.
Isibonelo esihle yiCircus Circus yakudala, elungiswe yayinhle yanobuciko besintu kanti manje isiyiDurban Beach Café. Umbono wale ndawo kwakuwukusungula indawo yokudla yezivakashi ephambili futhi ekhombisa umoya waleli dolobha.
Isakhiwo esikhona seJoe Cools, okuyisakhiwo esiwu-1 700m² esesisebenze iminyaka engaphezu kwewu-40, sesikhathele. Izibalo zithi kufanele sishintshwe ngesakhiwo esisha esiwu-4 000m² esinezingilazi ngaphambili, esinwetshiwe, esinendawo yokudlela phezulu nesinezindawo zokwenza imicimbi yonyaka wonke.
Ngaphezu kwalokhu, umasipala unesithembiso esiwuR1 billion seSouthern Sun Hotel Group sokuvuselela iMaharani ne-Elangeni Towers. Lokhu kutshala imali kuzocazwa kabili kubewuR622 million wokuphucula i-Elangeni neMaharani, uR157 million wezimpahla noR348 million emahhotela amabili ale nkampani. Lokhu kuhambisana nobekudingeka kubatshalimali endaweni esolwandle lwaseThekwini.
Omunye uR5 million uzotshalwa ekuthuthukiseni iSunken Garden, ipaki kamasipala esolwandle. Eduze nala mahhotela kukhona indawo yokungcebeleka ekhangayo iDurban Amusement Park, eyethulwa ngoDisemba wango-2025.
Lo msebenzi wenziwa yinkampani yaseThekwini yabantu abamnyama bodwa enamava angaphezu kweminyaka ewu-17 okwakha izakhiwo ezinkulu. Lo msebenzi wokwakha kulindeleke ukuthi udale imisebenzi yokwakha ewu-900 nemisebenzi ewu-500 ngokugcwele ekusebenzeni kwale ndawo, kwezokudla, kwezobungcweti nakwezokungcebeleka.
Umasipala usanda kudedela izakhiwo ezimbalwa ezisezindaweni ezinhle eThekwini zenani elevile kuR360 million, ezingamahektha awu-18. Lezi zakhiwo zinamathuba axubile okubalwa kuwona awezimboni, awamabhizinisi, axubile nawezindawo zokudla.

