Sidinga imithetho ekhombisa ukuthi siyakuqonda ukukhulisa umnotho, kuloba uBusi Mavuso
NGABE imigomo yethu iyakweseka ukukhulisa umnotho? Ungazitshela ukuthi kunjalo. Ukukhulisa umnotho yiyona kuphela indlela yokubhekana nezinselelo zethu – ukuntuleka kwemisebenzi, ububha nokungalingani.
Ukukhula komnotho kwenza izinkampani ukuthi zitshale imali futhi zikhule, ziqashe abantu abaningi futhi zikhokhe intela ethe xaxa.
Ukuqashwa kuphucula impilo abantu abayiphilayo futhi kwenza bayeke ukuthembela kuhulumeni. Intela yenza uhulumeni wandise imali oyisebenzisela inhlalakahle, uphucule imfundo nezempilo. Ngamafuphi, ukukhula komnotho yikona kuphela esikudingayo. Ngakho kumqoka ngaso sonke isikhathi uma kuqhamuka umgomo omusha sibuze ukuthi ngabe kuzobanamuphi umphumela ekukhuliseni umnotho. Imvamisa, awubuzwa lo mbuzo. Imithetho ehlongozwayo ngendlela okufanele kuthengwe ngayo, ethulwe ngenyanga edlule, yisibonelo saloku.
Ukushintsha le mithetho kufanele ngabe kwenzeka kusukela inkantolo yanquma ukuthi lena ekhona ayikho emthethweni ngo-2022. Le mithetho emisha ehlongozwayo engamakhasi awu-102, inezinto eziningi ezinhle futhi kunezinto eziningi ezihlala obala, izindlela ezingcono zokulwa nobugebengu obuhleliwe futhi izobonakala into ekhokhelwayo, hhayi nje ukubheka inani lempahla kuphela, nokuzokwenza kuhlolwe izinga lomsebenzi.
Nokho le mithetho ineziphakamiso zokwandisa umsebenzi nezimpahla ezithengwa ezinkampanini zabantu abamnyama kuphela. Ukuguqula izinto emnothweni yinto ebalulekile futhi enye indlela yokukwenza lokhu wukusebenzisa indlela izimpahla ezithengwa ngayo, ikakhulu wuhulumeni. Nokho kufanele sizibuze ukuthi izosebenza kanjani le mithetho nokuthi izosibiza malini? Ngeshwa, umNyango weziMali awusitshengisanga lutho olusebenzisile ukucubungula ukuphendula le mibuzo.
FUNDA NALAPHA: Inkinga yama-visa idinga ukusukunyelwa ukusimamisa umnotho, kuloba uBusi Mavuso
Nazi iziphakamiso zemithetho: onke amathenda angaphansi kwangoR20 million
kufanele abekelwe izinkampani zabantu abamnyama kuphela. Amathenda aphakathi kwangoR20m noR100m, abawutholayo umsebenzi kufanele batshengise ukuthi u-40% womsebenzi bawuthenga ezinkampanini u-51% wazo okungowabantu abamnyama noma u-30% womsebenzi ezinkampanini okungezabantu abamnyama ngokuphelele.
Kumathenda angaphezu kwangoR100m, u25% womsebenzi kufanele uhlinzekwe yizinkampani okungezabantu abamnyama ngokuphelele. Kukhona nezinye iziphakamiso ezithe xaxa eziqondene nezinkampani zabantu besifazane abamnyama nezinkampani zabesifazane neminye imigomo.
Ezimbonini lapho izinkampani ziningi khona, loku ngeke kubenemiphumela etheni. Lapho kungewona amakhono axhaphakile njengokuhlanza amanzi, ingqalasizinda kagesi, ezobunjiniyela ezithuthukile, ezobuchwepheshe, ziyingcosana izinkampani ezingawenza umsebenzi.
Kuzokwenzekani uma umasipala udinga ukukhipha ithenda yokuhlanza amanzi uma zingekho izinkampani zabantu abamnyama ezanele ezingakwazi ukufaka izicelo zomsebenzi? Kusho ukuthi umsebenzi uzongaqhubeki noma izindleko zizonyuka mawala ngoba lezo zinkampani ezimbalwa ezikhona zizobe zazi ukuthi azibangi namuntu.
Awucabange leso sibonelo. Umasipala udinga ukuphucula ingqalasizinda esabalalisa ugesi ngayo – umsebenzi ozodla uR150m. Ngokwale mithetho ehlongozwayo, uR37.5m womsebenzi kufanele uye enkampanini yabantu abamnyama kuphela. Kodwa lona wumsebenzi odinga amakhono abucayi nezitifiketi ezithile eziyindlala.
Uma kungamafemu amabili noma amathathu angathola umsebenzi, angayigagula kalula imali ayifunayo. Umasipala uzokhokha imali emba eqolo noma ungayiphuculi le ngqalasizinda emqoka. Noma ngabe yisiphi isinqumo esizogcina sithathiwe, asiwukhulisi umnotho futhi asiyisizi imizamo yokuletha ushintsho emnothweni.
Anginankinga nokuguqula izinto emnothweni kodwa ngixabene nendlela eyimpoqo ehambisana namaphuzu nokuthi ingase ibenamuphi umphumela emnothweni nendlela engase inyuse izindleko ngakhona.
Kunezinye izindlela ezisebenzayo zokuletha uguquko emnothweni. Akubenezindlela zokukhuthaza izinkampani ezimnkatshubomvu ukuthi zisebenzisane nezabantu abamnyama. Akubekwe imigomo yokuletha ushintsho emikhulu kodwa kudedelwe abathenga izimpahla ukuthi benze izinqumo ezifanele, kuye nokuthi kwenzekani kuleyo mboni. Akuqinisekiswe ukuthi izinkampani zabantu abamnyama azinawo amakhasimende lapha ezweni kuphela kodwa nakwamanye amazwe.
Le mithetho ibhalwe sengathi izinkampani ezincane zinazo zonke izinsisizakusebenza ezizidingayo ukuqinisekisa ukuthi ziyakwazi ukumelana nenqwaba yemicikilisho. Uhulumeni uzothwala izindleko ezinkulu ukuqinisekisa ukuthi uyasetshenziswa lo mthetho nokuwugada.
Izindleko zomsebenzi zimqoka. Yonke imali esetshenziswa ukuqinisekisa ukuthi imicikilisho iyalandelwa, yimali engabe ibheka ukuhlinzeka izidingo. Njalo uma umsebenzi ubambezeleka ngoba azitholakali izinkampani ezingenza umsebenzi, kuqhubeka isikhathi lehla izinga lengqalasizinda. Yonke imali ethe xaxa ekhokhwayo ngenxa yokunyuka kwamanani ngoba bengabaningi abantu abancintisanayo, yimali ebingakhokhela eminye imisebenzi.
Ngaphambi kokuphothula le mithetho, umNyango weziMali kufanele ucwaninge ukuthi kuzobanamuphi umphumela emnothweni. Ukugcina le mithetho kuzosho ukuthini kuhulumeni nasembonini ezimele? Ukungabibikho kwezinkampani ezanele, kuzosho ukuthini ezindlekweni zomsebenzi? Yiziphi izingozi omasipala abangenazo izindlela zokuthenga izimpahla abazobhekana nazo? Yiziphi ezinye izindlela ezingasetshenziswa ukuletha ushintsho emnothweni?
Likhona ithemba elincane lokuthi uhulumeni uyabona ukuthi imithetho kufanele iseke ukukhulisa umnotho. Umkhulumeli weKhomishini yokuNcintisana uMnu uSiyabulela Makunga ubhale ngempelasonto ngesidingo sokubuyekeza nokuqeda imithetho enqinda izinto. Ukhulume ngocwaningo lwaphesheya olutshengisa ukuthi abatshalimali bafuna indawo abazi ukuthi bangalindelani kuyona futhi okusebenzekayo kuyo.
Ucaphune umbono we-International Monetary Fund othi iNingizimu Afrika ingenye yezindawo okunzima ukuthi amabhizinisi asebenze kuyona uma iqhathaniswa namazwe angontanga bayo njengoba kunemidanti ngaphambi kokuphasisa izinto, ukuthola izimvume nokuthi imithetho ishintshashintsha njalo.
Loku kubuyekeza kungazishintsha izinto ngendlela ebonakalayo uma kunganikwa ithuba ngendlela efanele. Kufanele kufake izinguquko emthethweni, hhayi nje izinto ezingatheni lapha nalaphaya. Ngale kwalokho, kuzoba omunye umsebenzi wokubalula izinkinga ngaphandle kokuzilungisa.
Kodwa isifundo esikhulu lapha yilesi: wonke umthetho omusha, umgomo ohlongozwayo kufanele ubhekwe ukuthi uzobanamuphi umphumela ekukhuleni komnotho. Akwanele ukubheka kuphela ukuthi uzowenza yini umsebenzi wawo, kulokhu, ukuletha ushintsho emnothweni kodwa nokuthi lokho kuzokwenzeka ngendlela engawunqindi yini umnotho kubalulekile.
I-Business Leadership South Africa(iBLSA) izophawula ngalezi ziphakamiso futhi izozicacisa lezo zingxenye ezingase zidale inkinga. Sizobamba iqhaza nasohlelweni lokubuyekeza oluhlongozwa yiKhomishini yokuNcintisana futhi sizokwenza izibonelo ezitshengisa ukuthi yiziphi izinto ezicoba abatshalimali.
Uhulumeni uzibophezele ukukhulisa umnotho. Le mithetho izotshengisa ukuthi ngabe lokho kuzibophezela wukukhuluma nje okungatheni noma uqinisile? Lukhulu olungonakala uma singaphambuka.


