Yize amanani okudla eqhubekile nokwehla kodwa awenyama yenkomo anyukile kanti osomnotho bathi loku kungenxa yamatele. Isithombe: Sithunyelwe

Uyancipha umthwalo ngamanani okudla ngaphandle kwenyama yenkomo nomfaniswano wesikole 

YINTATHELI YOMBELE

UKWEHLA kwamandla emali kubewu-3.5% ngoJanuwari kusuka ku-3.6% ngoDisemba, okuyizinga elifanayo nelangoNovemba wangonyaka odlule. Ukuzinza kwamanani okudla nokubaphansi kwamanani kaphethroli kubenesandla kulolu shintsho oluwu-0.2% uma kuqhathaniswa nenyanga edlule. 

Izibalo ezishicilelwe yiStatistics South Africa (iStats SA) izolo zitshengise ukuthi amanani okudla aqhubekile nokuma ku-4.4% osekube yizinyanga ezinthathu zilandelana. Amanani e-cereal athe ukwehla uma kuqhathaniswa nangonyaka odlule njengoba enciphile ku-0.6%, esuka ku-2.1% ngoDisemba. I-rice elimhlophe lehle ngo-11.0%, osekuyizinyanga ezingu-11 amanani eloku ehla kanti nawempuphu anciphe ngamandla esuka ku-9.5% ngoDisemba, afinyelela ku-2.6% ngoJanuwari. 

“Amafutha anciphile abaku-4.0%, esuka ku-4.6% ngoDisemba. I-olive oil isiyehle ngo-7.9% kuthi ibhotela lishibhe ngo-0.7% uma kuqhathaniswa nangonyaka odlule,” kusho iStats SA. 

Ubisi, eminye imikhiqizo yobisi namaqanda kushibhile ngo-0.5% kanti nayo ibenesandla ekwehleni kwamanani. I-Stats SA ithe amaqanda asebiza kangconywana njengoba ayisithupha abewuR22.90 ngoJanuwari, esuka kuR24.51 uma kuqhathaniswa noJanuwari wangonyaka odlule noR25.85 ayebiza wona ngoJanuwari wango-2023. 

Nokho amanani enyama ayaqhubeka nokubiza njengoba enyuke ngo-13.5% uma kuqhathaniswa nonyaka odlule kanti loku yikona kunyuka okuphezulu kakhulu kusukela ngoDisemba wango-2017 lapho yayikhuphuke khona ngo-13.9%. 

“Izinhlobo ezintathu zenyama yenkomo yizona ezinyuke kakhulu kunayo yonke eminye imikhiqizo engu-391 ekulobhaskidi we-consumer price index uma kuqhathaniswa nonyaka odlule. Yisteki (esinyuke ngo-31.2%), inyama yenkomo yesishebo (enyuke ngo-30.3%) ne-mince (enyuke ngo-28.0%). Ngisho nezinhlobo zenyama yenkomo ezibiza kangconywana kodwa nazo zinyukile njengoba eyangaphakathi ikhuphuke ngo-17.2% isuka ku-10.5% ngoDisemba. Ingulube nayo inyukile ngo-19.5% isuka ku-11.5%,” kusho iStats SA. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/08/23/izinguquko-endleleni-istats-sa-ehlaziya-ngayo-ukwenza-kwabathengi/

Inhloko ye-South Africa Macroeconomic Research eStandard Bank uDkt u-Elna Moolman ithe ukwehla kwamanani okudla kuyahambisana nabebekulindele. 

“Nokho amatele silokhu siyingozi yize kusinika ithemba ukuthi kuzoba nomgomo ezinyangeni ezimbalwa ezizayo nokufanele kuphungulele le mboni umthwalo. Namanani kaphethroli anciphile. Lilonke, amanani amile nokufanele kwenze iBhange loMbuso ukuthi likwazi ukunciphisa imalimboleko kulo nyaka, okuzosiza abathengi, kukhulise nomnotho,” kusho yena. 

Inhloko ye-South Africa Macroeconomic Research eStandard Bank uDkt u-Elna Moolman

Amanani kaphethroli ehle ngo-3.7% kulo nyaka odlule kanti uma kuqhathaniswa nangoDisemba anciphe ngo-3.1%, kuthi akadizili ehla ngo-5.4%. Ilitha likaphethroli ezifundazweni ezimakaphathi ibiwuR20.75 ngoJanuwari, okuyiwona manani aphansi kakhulu cishe eminyakeni emine. 

Kusukela ngonyaka odlule, iStats SA isiyaye ibheke namanani ezinto zesikole, kwazise ngoJanuwari kusuke kuvulwa izikole. Ithe amanani alezi zimpahla anyuke kakhulu uma kuqhathaniswa nezinye izimpahla zokugqoka ezinyuke cishe ngo-1.2%. 

“Isibonelo nje, amajezi esikole akhuphuke ngo-7.0% uma kuqhathaniswa nangoJanuwari wango-2025. Iziketi nemifaniswano yezikole kukhuphuke ngo-3.2% kuthi izicathulo zesikole zanyuka ngo-4.1%,” kusho iStats SA. 

Izincwaadi zesikole zehle kakhulu ngoJanuwari njengoba amapeni enciphe ngo-9.8%, izincwadi zokubhala ngo-5.0% kanti namaphepha abeshibhe ngo-3.5% kunangoDisemba wango-2025. Izincwadi zesikole zinciphe ngo-1.3% uma kuqhathaniswa nangoDisemba kanti uma kuqhathaniswa unyaka zehle ngo-3.3%. 

Amabhange awazibekanga phansi nawo njengoba amanani awo enyuke cishe ngo-4.1% uma kuqhathaniswa nangoDisemba kanti uma kuqhathaniswa nonyaka odlule, akhuphuke ngo-4.9%. 
Khonamanjalo, izolo iStats SA ishicilele izibalo ngendlela izimpahla ezithengwe ngayo ngoDisemba, ama-retail trade sales. Kuvele ukuthi ngo-2025 lezi zibalo zinyuke ngo-3.7% uma kuqhathaniswa nango-2024, kuthi uma kuqhathaniswa ikota yesine ngo-2025 neyesine ngo-2024, zikhuphuke ngo-3.0%.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page