I-FNB isiqhamuke nezinye izindlela zokukwazi ukuboleka amabhizinisi amancane, anjengezindawo zokucwala izinwele, imali. Isithombe: Sithunyelwe

Izindlela ezihlukile zokuboleka amabhizinisi asafufusa imali 

YINTATHELI YOMBELE 

UKUXHASWA ngemali yokuqala noma ukukhulisa ibhizinisi ngenye yezinselelo ezinkulu nezaziwayo ezibhekene namabhizinisi amancane eNingizimu Afrika kodwa zikhona izinkampani ezizamayo ukukushintsha lokhu. 

Enye yalezi zinkampani yiFNB isiqhamuke nezindlela ezihlukile zokwenza loku njengoba ingasabheki ukuthi abanikazi bamabhizinisi babenesibambiso njengokujwayelekile.  

Loku kuholele ekutheni leli bhange linyuse imali elibolekise ngayo kula mabhizinisi amancane afana namaspaza, izindawo zokucwala izinwele, amathaveni nezithutha izimpahla ngaphezu kukaR2 billion, okusho ukuthi seliboleke lolu hlobo lwamabhizinisi angaphezu kuka-250 000 uR18bn. 

Esitatimendeni elisikhiphile, lithe: “Akusiso isibalo nje lesi, yizinkulungwane zemisebenzi emisha, yimindeni eyondliwa futhi kusho nokusimama kweminotho kulezo zindawo. Yimboni lena eqashe cishe umuntu oyedwa kwabayisihlanu abasebenzayo eNingizimu Afrika kanti ifaka imali elinganiselwa kuR750bn emnothweni wezwe.” 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/10/31/kuzoliwa-nemicikilisho-kahulumeni-ekhinyabeza-amabhizinisi-asafufusa/ 

I-FNB ithe esikhundleni sokubheka isibambiso nezinye izinto ezijwayelekile uma kubhekwa isicelo somuntu oboleka imali, isikhethe ukusebenzisa ezinye izinkomba ezifana nokuthi ngabe umnikazi webhizinisi ukhokhela abantu athenga kubo izinto ngesikhathi yini nokuholela izisebenzi ngesikhathi. 

Yenze isibonelo ngomnikazi wendawo yokucwala izinwele ongabolekwa imali ngokubheka ukuthi malini engena ebhizinisini ekhokhwa ngabantu abakhokha ngekhadi? 

“Indlela esenza ngayo ihambisana nokuqonda izimo zalabo somabhizinisi. Sibheka ukuthi ibhizinisi liyiphatha kanjani imali nsukuzonke, indlela elikhokhela ngayo elithenga kubo izinto, eliholela ngayo izisebenzi, umasitende ngesikhathi kunokubheka okubhalwe phansi kuphela. Lokhu kush ukuthi osomabhizinisi abaningi bangaboleka imali, bengamele indlela imali esebenza ngayo futhi balikhulise ibhizinisi,” kusho uMnu uJose Gomes oyinhloko ye-business development eFNB Commercial.

Inhloko ye-Business Development eFNB Commercial uMnu uJose Gomes

Leli bhange lithe imali ebolekwe amabhizinisi amancane ikhule ngo-20% ngonyaka wezimali wango-2025 kanti emabhizinisini angenisa imali  efinyelela kuR5 million ngonyaka ikhuphuke ngo-28%. 
Imali efakwe ngamabhizinisi amancane ikhuphuke ngo-20% kodwa uma kubhekwa angenisa imali efinyelela kuR5 million ngonyaka, inyuke ngo-27%.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page