Isixazululo sokukhulisa umnotho wezwe silele ekulweni nobugebengu – usomnotho
WUSLINDILE KHANYILE
UMNOTHO waseNingizimu Afrika ngeke ukhule, inqobo uma kusadlange ubugebengu.
Usho kanje usomnotho omkhulu eStandard Bank uMnu uGoolam Ballim izolo. Ethula umbiko ngokulindeleke emnothweni ngo-2026, uBallim uthe ungawuhamba umhlaba uwuqede, alikho izwe eliphumelelayo uma linenkinga yobugebengu futhi umthetho ungasebenzi ngendlela efanele.
“Alikho nelilodwa izwe okulihambela kahle uma lingakwazi ukulwa nobugebengu. Ingxenye enkulu yokukhula komnotho (u-2/3) incike ekunqobeni inkinga yobugebengu besekuthi lokhu okunye (u-⅓ ) kubewukutshala imali nokuqhamuka nezinto ezintsha.
“Uma ubheka eminyakeni eyishumi edlule, asiyinakanga okutheni indaba yokulwa nobugebengu futhi kuyabonakala endleleni umnotho okhula ngayo,” kusho yena.
Kusukela ngo-2016 umnotho weNingizimu Afrika ukhule cishe ngo-1% kanti kulo nyaka kubhekwe ukuthi ukhule cishe ngo-1.4%, kuthi ngo-2027 ubewu-1.8% ngaphambi kokufinyelela ku-2.1% ngo-2028.
U-Ballim uthe yize zizinhle izinkomba ngokwenzeka emnothweni kodwa akusho ukuthi u-2026 wunyaka osekuzoshintsha khona izinto kakhulu ezweni.
“U-2026 akuwona unyaka ozoba yisimanga kodwa wunyaka okufanele kugcinwe ngawo umgqigqo wokuhle osekuqalile. Sibona osopolitiki besebenzisana, into esingakaze siyibone eminyakeni eyishumi edlule,” kusho yena.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/01/07/siyakuthakasela-ukuqokwa-komqondisi-wophiko-lokushushisa-ezweni-omusha-i-blsa/
Yize bebekhuluma ezindaweni nangezikhathi ezingafani kodwa nesikhulu esiphezulu seFNB uMnu uHarry Kellan sisho okufanayo ngesikhathi sihlangene nabahleli bamaziko ezindaba eThekwini, KwaZulu-Natali, izolo.
Sithe kuningi okuhle okunenqubekelaphambili nokufanele kuthele izithelo ezinhle.
“Eminyakeni ewu-15 edlule sifana nemoto ebinesondo eliloku lehla umoya kancane. Nokho ezinyangeni eziwu-12 ezidlule, kukhona okuhle esikubonayo. Yize zisekhona izinto ezingakahambi ngendlela kodwa akuyona yonke into eyonakele.
“Singakhuluma ngezinto eziqhamuka kwiKhomishini kaMadlanga kodwa okubalulekile wukuthi yini esizoyenza emva kwaloko. Ngicabanga ukuthi uma sibheka ukuthi umphathi omusha woPhiko lokuShushisa eZweni wumuntu obephethe i-SIU (iSpecial Investigations Unit) futhi sibheka okuhle okuzuzwe yiSIU, yinto enhle. Siyavuselela, yebo ukuphokophela ukukhulisa umnotho ngo-2% akukukhulu kangako kodwa uma ucabanga lapho siqhamuka khona kusho lukhulu. Ngikholwa wukuthi umnotho wethu ungakhula ngokungaphezu kwango-3% kodwa okwamanje sisavuselela,” kusho uKellan.
Kusasa umengameli wezwe uMnu uCyril Ramaphosa uzothula iNkulumo eBhekiswe esiZweni kanti uBallim uthe kungakuhle uma le nkulumo neSabelomali esizokwethulwa ngomhlaka-25 Febhuwari kungaqinisekisa ukuthi izinguquko ezinqala eseziqalile sizoqhubeka njengoba zikwazi ukulekelela ukuphucula izimboni zikagesi neyokuthutha.
Lezi zinguquko akhuluma ngazo uBallim yilezi ezenziwa ngaphansi kohlelo i-Operation Vulindlela olwenziwa ngokuhlanganyela wumNyango weziMali neHhovisi likaMengameli kanti kubanjiswene nemboni ezimele.
U-Kellan uthe sekunesikhathi umnotho waseNingizimu Afrika ufukulwa wukuthenga kwabantu kodwa uthe manje sekuyisikhathi sokubeka eqhulwini ukutshala imali kwingqalasizinda, into enomphumela omkhulu emnothweni.
Kulo nyaka yiminyaka ewu-30 kwaqala ukukhetha ohulumeni bomasipala njengoba kuzoba nalolu khetho futhi. U-Ballim uthe okuzokwenzeka kulolu khetho nako kunomphumela omkhulu emnothweni njengoba kuyilona hlaka lukahulumeni oluthinta umphakathi ngqo.
U-Kellan uthe ukholwa wukuthi kungcono uma kubayizinhlangano ezimbalwa ezibumba ohulumeni bokubambisana kuneziyinqwaba, okugcina kungasebenzeki kodwa kunaloko kuvele kubewumbango ngoba omunye nomunye ecabangela isisu sakhe.

