Seziyaqala izitokfela ukushaya ngonyawo olusha – iFNB
WUSLINDILE KHANYILE
ZIYANDA izitokfela ezisibonayo isidingo nomvuzo wokutshala imali isikhathi eside kunokuyibekela izidingo zesikhashana kuphela.
Zisho kanje izikhulu zeminyango ehlukene eFNB ngesikhathi zethula i-akhawunti entsha ezihlose ngayo ukuphucula impilo yezitokfela, i-FNB Digital Stokvel Account eMegacity eMlaza, eThekwini, KwaZulu-Natali, izolo.
Leli bhange eliphethe cishe u-10% wemakethe yezitokfela eNingizimu Afrika lithe yize khona kusewumzukuzuku kwabanye abantu ukushintsha indlela ababuka ngayo izinto ngoba sekuyiminyaka bajwayela ukuthi imali yesitokfela iyahlukaniswa ngoDisemba kodwa bakhona asebekubona ukuthi bangakwazi ukwenza izinto ngendlela ehlukile.
Kulezo zitokfela ezikhetha ukutshala isikhathi eside imali, ezinye ziyisebenzisela izinto ezifana nokuvakashela kwamanye amazwe kodwa eziningi ezikhetha le ndlela zithenga imiqasho uma zihlukanisa.
Inhloko yophiko olubolekisa ngemali yokuthenga imizi iHome Structured Lending uMnu uMfundo Mabaso ithe yize isasasa liloku likhula kodwa abantu basadinga ukufundiswa ngobuhle bokutshala imali isikhathi eside nokuthi yini okufanele bayilindele uma bekhetha le ndlela.
“Kusukela sethule indlela yokuthi abantu bathenge imizi ngokubambisana, okuyinto vele izitokfela eziyijwayele, sesibolekise ngemali engaphezu kukaR1 billion kubantu abathenga imizi ngale ndlela. Akudingi ukuthi kuze abantu abazothenga izithabathaba zemizi, ningaqala nje kancane kancane ngisho ngekamelo elilodwa lokuqashisa elakhiwa emva kwendlu, nikhule niyisitokfela.
“Into enhle ngaloku wukuthi niyathengisana. Le ndawo eniqashisa ngayo isuke iqala nayo iningenisela imali,” kusho yena. Mlalele:
Kukholwa wukuthi imali ebekwa yizitokfela iwuR50bn ngonyaka. Izitofkela ezibeka imali yazo eFNB ziwu-120 000 kanti zonga cishe uR5.8bn ngonyaka.
Leli bhange lithe nge-FNB Digital Stokvel Account liphokophele ukwenzela amakhasimende impilo ukuthi ibelula. Isikhulu esiphezulu se-FNB Personal Segment uNks uLytania Johnson sithe le akhawunti izokongela izitokfela isikhathi nemali.
“Amalungu amaningi ezitokfela, ikakhulu ezindaweni zasemakhaya, abebanezinselelo zokuya emagatsheni aseFNB. Le akhawunti iletha ibhange kuwona amakhasimende kunokudinga ukuthi wona eze kulona. Uma sikhuluma ngokuthi wonke umuntu abambe iqhaza emnothweni, sisho into enjena,” kusho yena.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/11/12/izitokfela-zisahamba-phambili-eningizimu-afrika-ucwaningo/
Labo bantu abasancamela ukuya egatsheni lasebhange basangakwazi ukukwenza lokhu futhi bazofike basizwe. Ngale kwesikhathi nemali, okunye ngale akhawunti entsha wukuthi izitokfela azisezukudinga ukuthembela kulabo bantu abagunyazwe ukuthi basayine ukwazi ukuthi kwenzakalani ngemali nakwi-akhawunti yabo kodwa wonke umuntu usezokwazi ukubona yonke into.
Isikhulu esiphezulu seFNB Cash Investments uMnu uHimal Parbhoo uthe: “Imali ingafakwa kwi-akhawunti ngokushesha kanti uma kukhona ekhishwayo, wonke umuntu uzokwazi ukubona loku ngokushesha, ngaphandle kokulinda kuze kubenomhlangano. Into enkulu wukuthi yonke into isizohlala obala kuwona wonke umuntu.”

Kulo mcimbi bekukhona amalungu ezitokfela ezihlukene njengePower Puff Girls ebimelwe wuNkk uNana Vezi. Ufakazele ukuthi le-akhawunti ibenzela izinto lula njengoba beyisitokfela esinamalungu awu-15.
Nokho uthe kukhona izinto ezimbalwa ezisangaphuculwa. “Singajabula uma iFNB ingasenzela ukuthi kubelula ukubona yonke into uma kukhona imali esibolekise ngayo. Okunye esingakujabulela wukuthi uma sesiyihlukanisa imali, sikwazi ukuthi abantu bestokfela abangenawo ama-akhawunti aseFNB sikwazi ukubafakela imali abangayithola ngaso leso sikhathi, esikhundleni sokuthi balinde ize ivele ngoba lokho kusho ukuthi bathi abanye sebeqalile ukujabula kodwa kukhona abanye abasuke besalindile,” kuphakamisa uNkk uVezi.
Izitokfela zihlomule ngokucijwa wumakadebona kulo mkhakha uNkk uBusi Skenjana, oneminyaka ewu-50 ezinikele ekuthuthukiseni izitokfela.

