Ukudilizwa emsebenzini kwamkhuthaza ukuqala into ayekade eyifuna osenukisa imizi yabantu kamnandi
WUTHOBILE ZWANE
UKUPHELELWA wumsebenzi ngesikhathi seCovid-19 kwabanzima kwintokazi yaseKapa, eNtshonalanga Kapa, kodwa isikhathi eyasihlala ingasebenzi sayiniaka ithuba lokufunda ikhono elayenza yakwazi ukusungula ibhizinisi eyayiloku efisa ukubanalo.
UNksz uVeliswa Tiya waseKapa wasungula iRich Aunties Aesthetics, eyenza izinto zokuhlobisa endlini, okubalwa kuzona amakhandlela anuka kamnandi, ama-diffuser nezinto zokuhlobisa.
Uthi wayehlale efisa ukubawusomabhizinisi kodwa kwakunzima ukuthola into ayengayenza ibhizinisi. Ngemva kokuhlala cishe iminyaka emibili ejika nelanga, wafunda ukwenza amakhandlela ngezifundo azithola online. Ngo-2022 wasebenzisa ikhono lakhe elisha ukuziphilisa, waqala ibhizinisi ngoR500.
“Bengiwumuntu ozithandelayo izinto zasendlini. Ngafunda ukwenza amakhandlela, nganquma ukuzama ukubona ukuthi abantu endaweni engihlala kuyona bazongiseka yini,” kusho yena.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/06/02/owazifundisa-usenza-amakhandlela-anephunga-naletha-ukuthula/
Ngaphambi kokuqala iRich Aunties Aesthetics, uNksz uTiya wayesesebenze iminyaka eyisishiyagalombili eyi-merchandise planner ne-store planner ezitolo ezinkulu ezidayisa izingubo. Le ntokazi ene-Diploma in Retail Business Management yaseCape Peninsula University of Technology kanti ithi ulwazi eyaluthola emsebenzini luyayisiza ebhizinisi layo manje.

Amakhandlela anuka kamnandi eRich Aunties Aesthetics
UNksz uTiya uthi abantu baqala ukuwathenga amakhandlela akhe. Loko kwamkhuthaza ukubheka ezinye izinto angazifaka ebhizinisini. Wengeza ngama-diffuser nezinto zokuhlobisa, iRich Aunties Aesthetics yaqala ukugxila ezintweni zasekhaya zekhethelo.
UNksz uTiya uthi wayecabanga ukuthi ukudayisa izinto zakhe online kuzokwenza ibhizinisi likhule ngokushesha kodwa wathola ukuthi amakhasimende akhe ayethanda ukubona izinto zakhe mathupha. Kwamenza wagxila kakhulu ezimakethe zaseKapa, lapho athola khona ithuba lokukhangisa ngezinto azenzayo kumakhasimende.
I-Rich Aunties Aesthetics inendawo lapho ekhangisa umsebenzi wayo eFranschhoek Village Market kanti izinto zayo zitholakala naseWatershed Craft and Design Institute eV&A Waterfront nakwi-website. Izinto zabo zidayisa phakathi kwangoR40 noR1 250, kuye ngokuthi umuntu uthenga ini, amakha asezingeni eliphezulu noma isipho esihlanganisa izinto zokuhlobisa.
Uthi usazenzela umsebenzi owu-90% webhizinisi lakhe kodwa unezisebenzi ezinthathu eziyitoho kodwa usafisa ukwandisa ithimba lakhe, ukuthola izinsizakusebenza, ukusekwa ukukhangisa namathuba okungena kwezinye izimakethe.

Ama-diffuser eRich Aunties Aesthetics
“Amabhizinisi amaningi amancane awahluleki ngoba abantu bengakwazi ukwenza umsebenzi. Kunzima ukukhula uma ungakwazi ukufinyelela ezimakethe. Uma sithola amathuba amaningi ezimakethe, siyakhula, sandise umsebenzi futhi sidale amathuba emisebenzi,” kusho yena.
Eluleka abafisa ukusungula ibhizinisi, uthi ukufunda akupheli uma umuntu esenebhizinisi. Uthi kufanele uhlale uqaphela ukuthi amakhasimende afunani, ufunde ngezinguquko ezenzeka emakethe futhi uzimisele ukushintsha indlela owenza izinto ngayo. “Kubalulekile nokuthi umuntu afunde ukuzisebenzela naye uqobo kunokulinda abantu bangaphandle ukuthi bakutshele ukuthi wenzeni noma bakusize njalo,” kusho yena.
UNksz uTiya uthi ufisa ukubona iRich Aunties Aesthetics imikhiqizo yayo nakwamanye amazwe angaphandle kwaseNingizimu Afrika.
Facebook: Rich Aunties Candles
Instagram: @richauntiescandles Rich Aunties Candles

