Kuyanda ukuqola abantu ngobuchwepheshe eNingizimu Afrika. Isithombe: yiMagnific

Amaqola asentshontshe uR2,4 billion ngobuchwepheshe kubantu eNingizimu Afrika – umbiko

WUBONISWA MOHALE

ABANTU baseNingizimu Afrika balahlekelwe wuR2,4 billion ontshontshwa ngamaqola asebenzisa ubuchwepheshe bamabhange ngonyaka odlule.

Loku kuvele embikweni omusha weSouth African Banking and Risk Information Centre (iSabric), obubheka ubugebengu obenzeke ngonyaka odlule. Ithe le mali ibikwe ezigamekweni zobugebengu eziwu-110 000 kanti kusho ukuthi umuntu emunye uqolwe uR21 865.

I-Sabric ithi kunyukile ukuqola abantu njengoba ngo-2023 bantshontshelwa uR1,09bn, kwathi ngonyaka odlule baqolwa uR2,4bn, okwenza ukuthi izigameko zokuqola abantu zinyuke ngo-29,2%.

“Ngonyaka odlule ukuqola abantu ngobuchwepheshe bamabhange kubikwe kakhulu. Izigebengu zibaqola zisebenzisa ama-banking app; kubikwe izigameko eziwu-89% ezithinta wona kwathi ezithinta obunye ubuchwephe bokubhenka zabawu-70,5%,” kusho iSabric.

Izigameko ze-internet banking zibengaphansi kwango-9%, kwathi eze-mobile banking zangaphansi kwango-3% kodwa ziyayikhathaza iSabric njengoba zihambisana nokukhwabanisa ama-sim card.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/07/01/babuyiselwe-ur328-million-abathengi-abazi-amalungelo-abo/

I-Sabric ithi ubuchwepheshe obusamuntu benza umsebenzi wokuthola izigebengu ubenzima njengoba zisebenzisa bona ukuzwakala njengabantu abasuke beqolwa, zenza ama-video nokunye okwenza abasuke bengazi bakholwe ukuthi ngabanikazi bemali kanti amaqola.

Khonamanjalo, umxazululi wezinkinga ezithinta izikhungo zezimali iNational Financial Ombud Scheme of South Africa (iNFO) uxwayise abantu ukuthi bahlale beqaphile ngoba bunyukile ubugebengu obuthinta ubuchwepheshe bezimali.

Uthe izigebengu ziqola abantu ngamaselula, kwi-internet, ngokusebenzisa ubuchwepheshe obusamuntu, ukubaheha ukuthi batshale imali ezinkampanini ezingekho nokunye.

Umxazululi omkhulu wophiko lwamabhange kwiNFO uNks uNerosha Maseti uthe abantu kufanele baqaphe kakhulu ngoba babona ukuthi abantu abakwazi ukuhlukanisa phakathi kwamaqola nezisebenzi zamabhange uma beqolwa imali.

“Abantu abagcini ngokulahlekelwa yimali ekuma-akhawunti abawasebenzisa njalo kodwa baqolwa imali abayilondolozile, abayitshalalile nekuma-credit card,” kusho yena.

UNks uMaseti unxuse abantu ukuthi bakhumbule ukuthi amabhange awasoze abacele ukuthi bafake imininingwane yabo eyimfihlo futhi akufanele bayinike noma wubani.

Usizo lweNFO lwamahhala lutholakala ocingweni ngokushayela u-0860-800-900, ukuthumela uWhatsApp: +27 (0) 66 473 0157 nange-email ku-info@nfosa.co.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page