Umasipala uthenge amabhasi, amaloli namaveni kwamanzi
YINTATHELI KAMASIPALA
UMASIPALA waseThekwini usebenzise uR300 million ukuthenga amabhasi amasha awu-57, amaloli amanzi awu-35, izimoto eziwu-18 ezizohamba abakhanda ingqalasizinda yamanzi, eziwu-16 zethimba elilungisa imigwaqo nelinakekela amapaki. Kula mabhasi amasha amane akwazi ukugibeza abantu abakhubazekile.
Ngonyaka odlule umasipala wanquma ukuzenzela wona umsebenzi wokuhambisa amanzi ngamaloli ezindaweni asuke ephele kuzona, wazibophezela ukwandisa amaloli athwala amanzi ukuze abengaphezu kwango-350.
Amaloli athwala amanzi ayisisombululo sesikhashana njengoba umasipala ubhekene nenselelo yokunqamuka kwamanzi ezindaweni ezihlukene njengoba usalungisa ingqalasizinda yamanzi.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/08/07/umasipala-wasethekwini-utshale-ur43-million-ezimotweni-zokuqoqa-udoti/
Imeya kamasipala uMnu UCyril Xaba ithe amabhasi, izimoto namaloli athengiwe kuzosiza ukuhambisa usizo kubantu. Uthe: “Sinciphisa isikhathi sokuhlinza usizo kubantu. Lezi zimoto zizoqinisekisa ukuthi usizo lufika ngokushesha emphakathini oludingayo.”
UXaba uthe ngesikhathi bexoxisana nabantu abakhubazekile ngaphambi kokuphasisa iSabelomali salo nyaka, umasipala wazibophezela ukuthi uzoletha amabhasi enzelwe bona.
“Siwumasipala onakekelayo futhi ozisukumelayo izidingo zabantu, senze isiqiniseko sokuthi abantu abakhubazekile bazokwazi ukugibela amabhasi kalula. Loku kuqinisekisa ukuthi akekho umuntu osala ngemuva,” kusho imeya.
Iphini likasihlalo we-eThekwini Municipality Disability Forum uNks uHlengiwe Mngadi libonge umasipala, lathi la mabhasi, aqanjwe ngokuthi Sukuma, azobuyisa isithunzi sabantu abakhubazekile eThekwini.

