Ngemva kokuthenga izimoto ezintsha zoPhiko lwaManzi nomdonsiswano nosonkontileka abalungisa amanzi, uMasipala waseThekwini nabalungisa amanzi bavumelene ngendlela entsha yokusebenza. Isithombe: Sithunyelwe

UMasipala waseThekwini nabalungisa amanzi bavumelene ngendlela entsha yokusebenza

YINTATHELI KAMASIPALA

NGEMVA kwezinyanga uMasipala waseThekwini uxoxisana nabantu abalungisa amanzi, imeya uMnu uCyril Xaba isizizile ukusombulula lolu daba.

UXaba ubize umhlangano ngesonto elidlule, lapho zonke izinhlaka ezithintekayo bezizoxoxa. Kulo mhlangano bekukhona uXaba, usihlalo wekomiti lwezoHwebo kumasipala uMnu uMdu Nkosi, inhloko yophiko lwaManzi uMnu uSiyanda Mwelase nabamele abantu abalungisa amanzi.

Phakathi kwezinto eziphakanyiswe abalungisa amanzi yimali abakhokhelwa yona nendlela abaqashwa ngayo wosonkontileka abakhulu kwi-database ekhona.

Kuvunyelenwe ngokuthi imali ekhokhwa ngehora elisetshenzwe ngeke ishintshe. Okusho ukuthi abalungisa amanzi abaseSigabeni A izoba wuR592,51 ngehora, abaseSigabeni B bazothola uR353,01 ngehora, kuthi abaseSigabeni C bathole uR238,60 ngehora.

Bavumelene nangokuthi u-15% we-management fee ngeke usaphuma emalini ekhokhelwa abalungisa amanzi ngehora abalisebenzile.

Kuvunyelwene nangokuthi osonkontileka abahlanu abakhulu bazobheka abantu abalungisa amanzi ohlwini olukhona lwabawu-1 886 abenza lo msebenzi. Akekho umuntu olungisa amanzi ozovumeleka ukusebenza kwingqalasizinda kamasipala ngaphandle kwemvume efanele.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/06/25/asimile-siyaqhuba-sekuphele-iminyaka-emihlanu-sihlinzeka-amanzi-asezingeni-eliphezulu/

Umsebenzi wokuqasha abalungisa amanzi be-shift yokuqala abawu-712 usuqalile, abawu-337 sebetholiwe ohlwini olukhona, abawu-375 basadingeka ukuphothula i-shift yokuqala.

Abamele abantu abalungisa amanzi bazibophezele ukulekelela ukuthumela amagama ukuze kuphothulwe izinhlelo zokuqasha abe-shift yokuqala neyesibili.

UXaba ubongile kwabalungisa amanzi ngokwamukela uhlelo olusha lokusebenza, wabaqinisekisa ukuthi umasipala uzibophezele ukusebenzisana nabo ukuphucula ukuhlinzeka abantu ngosizo.

“Ngijabule ukuthi sikwazile ukuvumelana, saxazulula izinselelo abantu abalungisa amanzi akade bekhala ngazo. Loku kusho ukuthi sebezoqala umsebenzi wabo ngaphansi kosonkontileka abahlanu futhi baphungule umsebenzi obusemuva,” kusho uXaba.

Isivumelwano esidala umasipala obunaso nabantu abalungisa amanzi kutholakale ukuthi ayihambisani nomthetho wokuphatha izimali komasipala i-Municipal Finance Management Act njengoba yayisayinwe ngaphambi kokusebenza kwalo mthetho. Ukuqinisekisa ukuthi inkontileka ihambisana nomthetho, umasipala kudingeka ukuthi ulandele izinhlelo zokuthenga izimpahla nokwenza umsebenzi ezaziwayo, okubalwa ukukhangisa ithenda.

Loku kuholele ekuqokeni osonkontileka abakhulu abahlanu, okuyibona abazongamela umsebenzi wokulungisa ingqalasizinda yamanzi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page