UmGcinimafa ufuna kubenendawo eyodwa ezosiza abantu abanemali abebengayazi abayishiyelwayo. Isithombe: yiShutterstock

Kudingeka indlela yokuthi uR88 billion ogciniwe ufinyelele kubanikazi – umGcinimafa

YINTATHELI YOMBELE

UKUBONA ukuthi izindodla zemali eshiywa ngabantu ihleli ezinkampanini zomshwalense, ezomhlalaphansi nezitshala imali sekwenze umGcinimafa eze nohlelo lokuthi kubenendlela yokulandelela abanikazi bale mali noma okufanele iye kubona.

Umlawuli wemboni yemali iFinancial Sector Conduct Authority uthole ukuthi kunemali ewuR88,56 billion eloku ikhula ngenxa yokuthi abantu abayilandi.

Le mali ikuma-akhawunti asemabhange angasathintwa, ishiywe ezikhwameni zempesheni, yimali yomshwalense nemali eyayitshaliwe. Abantu okufanele bayithole abayilandile ngenxa yokuthi abanye abazi ukuthi ikhona kanti kwabanye kusuke kuwukungabinolwazi lokuthi ilandwa kanjani.

UmGcinimafa uphakamise ukuthi kubenendawo eyaziwayo lapho abantu bezokwazi ukubheka khona ukuthi abanamali esikhwameni sezimali ezingalandiwe. Uphakamise ukuthi amabhange, imishwalense, izikhwama zempesheni nezinye izindawo lapho abantu betshala khona imali zinesibopho sokulandelela abasuke bebhaliwe ukuthi bahlomule uma kudlula umufi oshiye imali.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/08/04/umasihlalisane-obebangiswa-wumndeni-uthole-ifa-eliwu-45/

Uphakamisa ukuthi izimali ezingalandiwe kufanele zisuke enkampanini ebezilondolozwe kuyona ziye kwiCorporation for Public Deposits (iCPD), inkampani yeBhange lomBuso.

I-CPD iyona ezophatha le mali iqinisekise ukuthi itshaleke kahle futhi iyatholakala uma umuntu ofanele owayeshiyelwe imali esethole ukuthi unemali esele. I-CPD yiyona ezoqinisekisa ukuthi imali iya kumuntu ofanele.

UmGcinimafa uphakamisa ukuthi kubenomuntu ozokwengamela izimali ezingalandiwe, phecelezi i-central unclaimed financial assets administrator, okunguyena ozoqinisekisa ukuthi yonke imininingwane ehambisana nalezi zimali igcineke ngendlela efanele.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/07/23/abaqashi-abawu-6-064-abagodle-imali-yempesheni-bazoshushiswa/

UmGcinimafa uthe ngeke kuhambe zonke izimali ezingalandiwe ngesikhathi esisodwa ziye kwiCPD kodwa uphakamisa ukuthi kuqale kufakwe izimali zempesheni ezingalandiwe bese kulandelelwa kahle ukuze abantu bakwazi ukuthola izimali zabo. Loku kuzokwenzeka esigabeni sokuqala.

Esigabeni sesibili kuzohamba izimali ezikuma-akhawunti asebhange angasetshenziswa, imali yomshwalense netshaliwe. Ukuze abantu bangabinezindleko eziphezulu zokuphatha izimali umGcinimafa ufuna kubeneminyaka okufanele izimali zilandwe ngaso.

Wenze isibonelo sokuthi izimali zingalandwa kuze kubewukuthi owayebeke imali ubaneminyaka ewu-110 noma kubewukuthi ukube ubesaphila ubesezobaneminyaka ewu-110.

Isibonelo sesibili sokunciphisa izindleko wukuthi izimali zifakwe endaweni entsha bese abantu beyalelwa ukuthi babheke ukuthi abanayo yini imali ebalindile, banikwe iminyaka ewu-45 yokwenza loku. Uma sekudlule le minyaka imali iyobe isisebenza ngokwezinhlelo zeCPD.

UmGcinimafa ucele abantu ukuthi baphawule ngalezi ziphakamiso ngokuthumela imibono yabo ku-Alvinah Thela kwi-email ethi: retirementreform@treasury.gov.za kungakadluli umhlaka-19 wangoSepthemba.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page