Impelesi kagogo isineqhaza ekondleni umphakathi
WUTHOBILE ZWANE
INTOKAZI yaseMpendle, KwaZulu-Natali, ithi ukulima kungaphezu kokubayibhizinisi. Kuyona kuyisifiso esaqala isencane engadini kagogo wayo.
UNksz uNoluthando Khumalo, umsunguli weNDO Agribusiness yaseMpendle, utshala amaveji okubalwa kuwona ispinashi no-sweet pepper.
Uthi uthando lwezolimo lwaqala esemncane ngenkathi ebona ugogo wakhe etshala amaveji azodliwa kubo. “Ngakhuliswa wugogo. Njalo uma eya engadini, ngangimlandela. Ukumbona elungisa umhlabathi, ehlwanyela imbewu futhi enakekela izitshalo kwadala uthando lwezolimo ngisemncane,” kukhumbula le ntokazi eneminyaka ewu-28.
UNksz uKhumalo uneziqu i-Bachelor of Science in Agriculture ne-Honours in Soil Science zaseNyuvesi yaKwaZulu-Natali. Uthi le mfundo yamnika ulwazi namakhono okwenza isifiso sakhe sibeyibhizinisi. Waliqala ngo-2018.

UNksz uKhumalo nespinashi esikhephuzela impilo
Uthi ukukhulela emakhaya kwamenza wabona ubunzima imindeni ebhekana nabo, abadayisi basemgwaqweni nezitolo ezincane ukuthola amaveji. Uthi abantu abaningi kwakudingeka bahambe amabanga amade beyowathenga, okwakwandisa izindleko.
“Loko kwangikhuthaza ukuthi ngiqale iNDO Agribusiness. Ngangifuna ukwenza into engiyithandayo, okuwukulima, nginike umphakathi amaveji asezingeni eliphezulu atshalwe endaweni, ngidale namathuba omsebenzi futhi ngibenegalelo ekuqinisekiseni ukutholakala kokudla emphakathini,” kusho yena.
Ukuqala ibhizinisi wafaka isicelo ohlelweni iTony Elumelu Foundation, oluseka osomabhizinisi. Lolu sizo lwamsiza ngemali yokuqala ibhizinisi.
Noko, uthi ukuguquguquka kwesimo sezulu sekuke kwaphazamisa ibhizinisi kakhulu. “Izikhukhula zango-2023 kuya ngo-2024 zacekela phansi konke enganginakho. Kwaphoqa ukuthi ngiqale phansi. Ngonyaka odlule iqhwa lacekela phansi indawo yethu yokuvikela izitshalo, eyasibiza imali eningi ukuyakha,” kusho yena.
Naphezu kwalezi zinselelo, uthi akazange adikibale. Namuhla ibhizinisi lakhe lidayisela izitolo zendawo, abadayisi basemgwaqweni nomphakathi amaveji asezingeni eliphezulu, amanye awahambise eMkhondeni Market.
UNksz uKhumalo usiza abalimi abasebancane ngokubanika ulwazi lokutshala amaveji, kusukela ekuthatheni amasampula enhlabathi, ukunakekela inhlabathi nokulwa nezifo nezinambuzane.
I-NDO Agribusiness isidale amathuba endaweni lapho amathuba omsebenzi eyivelakancane khona. Isiqashe isisebenzi esisodwa esisebenza ngokugcwele nezisebenzi eziyitoho eziwu-16 ngezikhathi zokuvuna noma uma umsebenzi umningi.

U-pepper weNDO Agribusiness usulungele ukuya emakethe
Uthi lokhu kusiza imindeni eminingi ukubeka isinkwa etafuleni kanti nezisebenzi zithola amakhono azozisiza. “Linginike ithuba lokufaka isandla ekuqinisekiseni ukutholakala kokudla, ngikhuthaze intsha, ikakhulu yesifazane, ukuthi ibheke ezolimo njengomsebenzi.
“Lingikhombisile nokuthi kuyenzeka uqale ibhizinisi eliphumelelayo ngisho usemakhaya. Konke engikuzuzile kungikhumbuza ukuthi ukubanothando lomsebenzi, ukubekezela nokusebenza kanzima kungaletha ushintsho lwesikhathi eside emndenini nasemphakathini,” kusho yena.
Uthi uyaziqhenya ngokuklonyeliswa wumNyango weZolimo nezinkampani ezizimele eziningi ngenxa yomsebenzi awenzayo.
Ucebisa abafisa ukusungula ibhizinisi ngokuthi: “Qala ngokuncane ukhule kancane, kancane. Ungalindi uze ubenakho konke ocabanga ukuthi uyakudinga ngaphambi kokuqala.
“Impumelelo ayifiki ngokushesha. Bekezela, ungayeki futhi usebenzise enye yenzuzo yakho ukukhulisa ibhizinisi. Zonke izinselelo obhekana nazo ziyithuba lokufunda nokuzithuthukisa. Okubaluleke kakhulu, kholelwa embonweni wakho, ungayeki ukufunda futhi ungesabi ukucela iseluleko kubantu abanolwazi.”
Unezifiso ezinkulu ngekusasa. Ufisa ukukhulisa ibhizinisi lisuke kumahektha amabili lifinyelele kumahektha awu-50. Okunye akufisayo wukwakha ezinye izindlu zokutshala ukuze andise ukutshala amaveji.
Facebook: NDO Agribusiness
Instagram: @ndo_agribusiness

