Ukwanda kobuchwepheshe obusamuntu ngenye yezinto ezibhebhezela inhlekelele yokushoda kwemisebenzi eNingizimu Afrika. Izithombe: YiVecteezy neShutterstock

Osopolitiki ababonakali besukumela indaba yokuntuleka komsebenzi, kuloba uJabulani Sikhakhane

ININGIZIMU Afrika izozithola isesimweni esinzima kakhulu kwezomnotho nezepolitiki njengoba ineqoqo eliningi lezisebenzi ezintula umsebenzi.

Loku kuzokwenzeka ngesikhathi intuthuko kwezobuchwepheshe izonciphisa kakhulu amathuba emisebenzi, ikakhulu kubantu abangenamava namakhono emisebenzi.

Intuthuko kwezobuchwepheshe esematheni kulezi zinsuku yilena ebizwa ngobuchwepheshe obusamuntu, uhlobo lobuchwepheshe lapho imisebenzi eminingi, njengokuphendula imibuzo yamakhasimende axhumana nezinkampani, yenziwa amakhompyutha aseqeqeshelwe ukwenza loku.

Bufika nje lobu buchwepheshe izwe livele lithwele kanzima ngokuntuleka kwamathuba omsebenzi, okuwumthwalo onzima kwizisebenzi ezingenamakhono noma ezingenamava.

Lezi zisebenzi ngabantu abaneminyaka ephakathi kwewu-15 newu-34 (abantu ababalelwa ku-20.7 million noma izakhamuzi eziwu-33%  ezingaphezudlwana kwango-63m), okungabantu iningi labo elingaphothulanga esikoleni noma elafika kuMatikuletsheni kodwa langadlulela emanyuvesi noma izikhungo zokuqeqeshelwa amakhono.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/08/12/sebewu-85-million-abantu-abangasebenzi-eningizimu-afrika/

Izibalo ngesimo semisebenzi zikhomba ukuthi siyanda isibalo sabantu abaneziqu kodwa abantula imisebenzi. Yisimo lesi okungabe abaphathi bezwe bayasisukumela ngokushesha. Nokho sekuneminyaka eminingi kungenzeki loku, okubeka intuthuko yezwe engcupheni.

Okunye, ukubhebhetheka kwesimo lapho izisebenzi eziningi, ikakhulu abantu abaneminyaka ephakathi kwewu-15 newu-34 zintula umsebenzi kwenza izwe lilengela engozini yokuthi abantu abahluphekayo bavuke umbhejazane noma basetshenziswe osopolitiki abafuna ukufeza izinhloso zabo ezingahambisana nokuthuthukisa izwe, ezingezokuzitapela nje ezimalini zikahulumeni.

Lesi simo sizokwandisa negebe kwintuthuko yezomnotho nenhlalakahle phakathi kwabantu abamnyama (abawu-81.7% wezakhamuzi ezweni) nezinye izizwe, ikakhulu abelungu.

Kuzokhumbuleka ukuthi sekuneminyaka eminingi osopolitiki nosomnotho bekhomba uhlobo lwemisebenzi yokuphendula imibuzo yamakhasimende noma ukuwadayisela izimpahla nezinye izidingo zabo ocingweni, uhlobo lwemisebenzi edume ngama-call centre, bethi lolu hlobo lwemisebenzi lungavulela abantu abangenamava namakhono amathuba emisebenzi. Bekukhulunywa lapha ikakhulu ngabantu abangaphothulanga esikoleni, nabafike kuMatikuletsheni kodwa bangaqeqeshelwa amakhono.

Imibiko emisha nje yabezindaba iveza ukuthi izinkampani eziningi seziqalile ukunciphisa izisebenzi ema-call centre ngenxa yokwanda kokusetshenziswa kwamathuluzi obuchwepheshe obusamuntu ukwenza umsebenzi obuwenziwa abantu abasema-call centre.

I-Bloomberg isanda kubika ukuthi iningi lezisebenzi e-call centre yaseGoli lisanda kudilizwa. Le call centre ibinenkontileka nelinye lamabhange amakhulu ase-Australia, i-Commonwealth Bank, lapho izisebenzi zale call centre beziqeqeshelwe ukuphendula – imini nobusuku – imibuzo nezikhalo kwamakhasimende aleli bhange.

Kubikwa ukuthi leli bhange selandise ukusebenzisa amathuluzi obuchwepheshe obusamuntu ukwenza lo msebenzi, okuyisinyathelo sokwehlisa izindleko zalo.

Nezinkampani zezimali, njengamabhange nezomshwalense, kubikwa ukuthi seziqalile ukusebenzisa izinto zobuchwepheshe obusamuntu ukwenza imisebenzi yokuxhumana namakhasimende. Kulindeleke ukuthi zisebenzise lezi zinto ukululeka amakhasimende ngokuphatha izimali.

Ama-call centre abeqasha abantu abaningi aseyadiliza

Namahhotela kubikwa ukuthi aseqalile ukusebenzisa ubuchwepheshe obusamuntu ukuphendula imibuzo yabantu abafuna ukubekisa indawo yokulala.

Kuleli zwe imboni ehlanganisa amahhotela nezinye izindawo zokuvakasha ibibhekwe ukuthi idale amathuba omsebenzi engenziwa abantu abangenamakhono noma amava atheni omsebenzi.

Izinguquko zalolu hlobo zizophazamisa imizamo yezwe yokudalela abantu abangenamakhono noma amava omsebenzi ingozi enkulu. Zenzeka nje lezi zinguquko, izwe livele lingelinye lamazwe emhlabeni elinesibalo esiningi sabantu abantula umsebenzi.

Loku kufakazelwa yizibalo ezintsha ngesimo semisebenzi ezikhishwe yiStatistics South Africa kuleli sonto. I-Stats SA ikhomba ukuthi sandile isibalo sezisebenzi ezintula umsebenzi ezinyangeni ezintathu (kusuka ngo-Ephreli kuya ngoJuni), lafinyelela ku-33.6%, okungabantu abawu-8.5m.

Kubikwa ukuthi abangaphothulanga esikoleni yibona abathwele kanzima. Ingxenye yabangenaMatikuletsheni abantula umsebenzi iwu-39.2%. Yileli qoqo lezisebenzi osekuneminyaka kulindeleke ukuthi lihlomule ngokwanda kwemisebenzi edalwa ngama-call centre.

Ukwanda kokusebenzisa ubuchwepheshe obusamuntu ukwenza eminingi imisebenzi eyenziwa ama-call centre kuzonciphisa lolu hlobo lwamathuba omsebenzi.

Kubikwa futhi ukuthi kunengxenye enkulu (bawu-36.4%, noma 10.4m) wabantu abaneminyaka ephakathi kwewu-15 newu-24 abangekho ezikhungweni zokuqeqeshelwa amakhono noma zemfundo ephakeme.

Leli qoqo alibheki msebenzi.  Laba bantu bangomantuntanendishi. Mancane kakhulu amathuba okuthola umsebenzi ezweni kumuntu ongakaze alunguze nakanye “kwamlungu”, noma ongenasitifiketi somsebenzi noma sasenyuvesi.

Yisimo seminyaka eminingi lesi, okufanele ngabe siyasukunyelwa ngokushesha. Nokho akubonakali mizamo eyenza umehluko eyenziwa wosopolitiki.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page