Ungqongqoshe womNyango wezeMpilo uDkt u-Aaron Motsoaledi nenhloko yalo mnyango uDkt uNicolas Crisp benza izethulo kwiKhomishana yamaLungelo abaNtu ephenya ngobubha. Isithombe: Sithunyelwe

INingizimu Afrika ibhekene nempi yokudla okungenampilo nokubizayo – uMotsoaledi 

YINTATHELI YOMBELE

NJENGOBA ikhomishana yamalungelo abantu iSouth African Human Rights Commission (iSAHRC) iqhuba uphenyo ngokubiza kwamanani okudla eNingizimu Afrika, ungqongqoshe womNyango wezeMpilo usesole izinkampani ezizimele ngokusabalalisa ukudla okungenamsoco ezweni.

Ethula izethulo zakhe kwiSAHRC ngesonto elidlule, uDkt u-Aaron Motsoaledi usole imboni ezimele ngokukhiqiza ukudla okungenamsoco ekukhangisa ngemali engaphezu kwangoR1 billion.

“ENingizimu Afrika sinenkinga entsha yokubiza kokudla okunomsoco nokukhangisa ngokweqile ukudla okungenamsoco futhi okudala izifo. Uma sibheka izibalo zethu ezikhungweni zempilo asisaxakiwe yizifo ezithathelanayo okuyi-HIV, ingculazi nesifo sofuba kodwa sesibhekene nezifo ezingamahlalakhona, okuyisifo sikashukela, umdlavuza nezinye. Kuyabiza ukulapha lezi zifo,” kusho yena.

Unxuse iSAHRC ukuthi uma isiyenza iziphakamiso iqinisekise ukuthi iyaqina imithetho yokukhangisa ukudla okungenampilo.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/07/24/amanani-okudla-ayaqhubeka-nokudla-amagalani/

“Sifuna uqine umthetho ekukhangiseni ukudla okungenampilo, okunasawoti omningi, iziphuzo ezinoshukela, utshwala nogwayi. Uma sikhuluma nezinkampani ngokukhangisa ukudla okungenamsoco nokuyingozi empilweni yabantu ziyisiyisa ezinkantolo. Zenza umsebenzi wethu ubenzima.

“Sifuna uqine umthetho wokukhangisa futhi nje kuvalwe ukukhangisa utshwala. Kufanele ukudla kubhalwe izithako zako ukuze abantu bathenge bazi okuqukethwe,” kusho yena. 

Kule khomishini bekukhona izinhlangano zabalimi nezitolo ezenze izethulo zazo. Isitolo esikhulu segrosa iShoprite sithumele izethulo ezibhalwe phansi kanti ezinye ezinkulu azifikanga. 

I-Shoprite ithe yize amanani ayo okudla engabaklinyi abangenayo imali eningi kodwa ibhekene nenselelo yokuthutha u-80% wokudla ngamaloli asebenzisa udizili. Ukunyuka kukadizili kukhuphula izindleko zayo.

Inhlangano yabalimi i-AgriSA ithe ukuthutha ukudla ngamaloli kwandisa izindleko zokusebenza njengoba udizili ubiza. Ithe kudingeka amaguzu athembekile azokwazi ukuthutha ukudla kufinyelele ngesikhathi lapho kudingeka khona. Ibalule ukuthi abalimi abakubizisi ukudla kodwa baqinisekisa ukuthi kunokudla okwanele wonke umuntu kuleli zwe.

Usihlalo weSAHRC uNks uSandra Makoasha uthe bazomemezela ngesikhathi esifanele ukuthi yiziphi izinyathelo abazozithathela izinhlaka ezingafikanga ukuzokwenza izethulo, okubalwa nezitolo ezinkulu kuzona.

“Ngeke singenzi lutho ekubeni abantu abawu-14 million belala bengadlile futhi izingane eziwu-1000 zibulawa yindlala ngonyaka. Sizoqinisekisa ukuthi zonke izinhlaka ezithintekayo ekukhiqizeni nasekusabalaliseni ukudla ziyaziphendulela,” kuphetha yena.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page