Indlela iPublic Investment Corporation eyakhiwe ngayo iyenza ibhodwe eliconsayo, kuloba uJabulani Sikhakhane
I-PUBLIC Investment Corporation (iPIC), inkampani kahulumeni ephatha izimali zesikhwama sempesheni yezisebenzi zikahulumeni nezinye izimali ezinjenge-UIF, ngeke ibenokuthula uma kungaxazululwa izinto ezimbili.
Eyokuqala, kufanele kuphele ukuthi usihlalo webhodi yePIC kubeyiphini likangqongqoshe womNyango weziMali ngoba loku kuxhumanisa iPIC nepolitiki yansuku zonke. Yonke into eyenziwa wusihlalo webhodi ixhumana nezepolitiki, ikakhulu iqembu lakhe.
Okunye wukuthi imbeke endaweni yokuklwebhana nongqongqoshe womnyango, owumpathi wakhe, kabili. Loku kwenzeka noma ngabe izinyathelo zikasihlalo webhodi yePIC azinamanembe ezepolitiki.
Eyesibili, kufanele kucace ukuthi yini umsebenzi wePIC. Uma kuwukuphatha izimali zempesheni yezisebenzi zikahulumeni iGovernment Employees Pension Fund nezinye izikhwama zikahulumeni kufanele ihlukane nezinye izinto.
Kweyokuqala. Imbangela yezinkinga zePIC ukuthi iyibhodwe lezindodla zemali. Ingxenye enkulu yaleli bhodwe yizimali zesikhwama sempesheni yezisebenzi zikahulumeni iGEPF. Amehlo ayo yonke imigulukudu abheke leli bhodwe. Le migulukudu isondela kwizikhulu zePIC namalungu ebhodi ukuze ithole izintuba zokuthola ingxenye yale mali.
Lokhu sekuke kwaphenywa yikhomishini eyayiphethwe yiJaji uLex Mpati, ijaji esalathatha umhlalaphansi, elekelelwa wuGill Marcus, owayewumphathi weBhange lomBuso.
Phezu kweziphakamiso zekhomishana kaMpati, imibiko emisha ikubeka obala ukuthi izinkinga zePIC nemigulukudu azipheli. Ukumiswa kwesikhashana komphathi wePIC uPatrick Dlamini kuleli sonto kulandela isikhathi eside kunokuklwebhana phakathi kwezikhulu zePIC, okufaka usihlalo webhodi uMnu uDavid Masondo, kwagcina, ngokwemibiko yabezindaba, sekudonsela kulolu daka ungqongqoshe uMnu u-Enoch Godongwana.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/07/14/isikhulu-esiphezulu-sepic-simisiwe-emsebenzini/
Umsuka walolu daka yizimali, ikakhulu ingxabano ngemali ethinta ukutshala imali esikhumulweni sezindiza esizimele iLanseria.
Inkinga enkulu lapha wudaba lokuthi usihlalo webhodi uwusopolitiki oyiphini likangqongqoshe. Inkinga yokuqala lapha wukuthi iPIC eyinkampani kahulumeni ingaphansi kukangqongqoshe womNyango weziMali. Loku kubeka ungqongqoshe esimweni esingesihle ngoba kungambeka endaweni lapho ehlale exabana khona nephini lakhe.
Nephini ngokunjalo lisesimweni esingesihle ngoba izenzo zalo lokubawusihlalo webhodi yePIC zibeka engcupheni ubudlelwano balo nongqongqoshe.
Kungadala izinkinga loku njengoba amandla amaphini ongqongqoshe engabhaliwe phansi emthethweni, okwenza abengabantu umsebenzi wabo oncike kakhulu kokukhethwa wongqongqoshe.
Phezu kwaloku, owayewungqongqoshe womNyango weziMali uMnu uTito Mboweni (osadlula emhlabeni), wahlongoza ukuchitshiyelwa komthetho wokusungula nokuphatha iPIC.
Lesi sichibiyelo, esaphasiswa yiPhalemende futhi sasayinwa wumengameli uMnu uCyril Ramaphosa, sithi ungqongqoshe, ngokubonisana neKhabhinethi, kufanele aqoke iphini lakhe noma oyiphini likangqongqoshe eqoqweni lezomnotho kwiKhabhinethi njengosihlalo wePIC.
Ngesikhathi uMnu uTrevor Manuel ewungqongqongqoshe womNyango weziMali iphini lakhe laqokwa ukuthi libewusihlalo webhodi yePIC. Lesi senzo sasingasekelwe wumthetho. Akusho ukuthi sasingekho emthethweni kodwa kusho ukuthi kwakungenasigaba somthetho wokuphatha iPIC esinquma ukuthi iphini likangqongqoshe kufanele libewusihlalo webhodi.
Isichibiyelo somthetho wokusungula nokuphatha iPIC sidala inkinga ngoba akukho mthetho olawula ukuthi amalungu ekhabhinethi namaphini awo kufanele kubengabantu abanamaphi amava omsebenzi noma iziqu. Umengameli (ngokubonisana neqembu lakhe noma amaqembu abambisene nawo ekubunjweni kukahulumeni) angaqoka noma wubani.
Okunye wukuthi lesi sichibiyelo saphambuka kokwahlongozwa yiKhomishini kaMpati. Owayewusihlalo webhodi okwesikhashana, usomabhizinisi onohlonze, uMnu uReuel Khoza, waphawula ngaloku embikweni wakhe wokugcina wokubawusihlalo webhodi yePIC ngo-2021.

Usihlalo weKhomishini kaMpati iJaji uMpati wenza iziphakamiso ezingalandelwanga ngokuphatha iPIC
Wathi isichibiyelo sabeka ukuthi amalungu ebhodi kufanele abenelungu eliphuma kumGcinimafa, amabili aphuma kwiGEPF, amathathu avela kwizinyunyana nelilodwa lanoma yisiphi isikhwama sikahulumeni izimali saso esingabawu-10% wezimali eziphethwe yiPIC.
UKhoza wathi ibhodi yesikhashana, eyayiholwa wuye, yayihlongoze ukuthi amalungu amaningi ebhodi yePIC kufanele kubewosomabhizinisi abazimele, kuthi nosihlalo wayo kubewumuntu ozimele.
Ukwakha ibhodi yePIC ngale ndlela kunciphisa amathuba okuqokwa kwabantu ngenxa yamakhono namava okuphatha inkampani eyenza umsebenzi ofana nowePIC.
I-PIC akuyona inkampani encane nje. Ingenye yezinkampani ezinkulu e-Afrika ekuphatheni izimali. Ekupheleni kwangoMashi wango-2025, yayibheke ibhodwe elinemali engaphezu kwango-R3 trillion.
Yimali enkulu lena, okufanele ibhekwe yinkampani ephethwe ngamalungu ebhodi anamakhono okwenza lo msebenzi. Kodwa ukuqokwa kwamalungu ebhodi yePIC, okulawulwa wumthetho, kwenza kubenzima ukuqoka amalungu ebhodi anje.
Awekho amalungu noma abaholi bezinyunyana kanjalo namalungu ekhabinethi (okuqokwa usihlalo kuwona) abanala makhono.
Le nkinga ibhebhezelwa wukuthi umsebenzi wePIC usuwandiswa – phezu kokuphatha izimali zezikhwama zikahulumeni inomthwalo wokuthuthukisa izwe. Yilo msebenzi ovula intuba yokungena imigulukudu.


