UNksz uNomagcina Suduka, umnikazi we-Ingarise Poultry efuya izinkukhu zenyama nezamaqanda yaseMangqukela Village, eMpumalanga Kapa. Izithombe: Zithunyelwe

Owayesiza ugogo wakhe usewumfuyi wezinkukhu namuhla

UTHANDO lomfuyi wezinkukhu waseMpumalanga Kapa lwaqala esiza ugogo wakhe owayenebhizinisini lakhe. Namuhla usewumnikazi webhizinisi lakhe.

UNksz uNomagcina Suduka, waseMangqukela Village, uziqhenya ngokubawumsunguli we-Ingarise Poultry efuya izinkukhu zenyama nezamaqanda.

Le ntokazi eneminyaka ewu-31 inesitifiketi se-N6 kwi-Public Management sase-Ikhala TVET College. Ngemva kokuphothula izifundo zakhe, wasiza ugogo wakhe owayefuya izinkukhu. Uthi yilapho abona khona ukuthi ukufuya kondla imindeni, kudale amathuba omsebenzi futhi kuguqule izimpilo zabantu.

Nakuba aqala ukufunda umsebenzi wokufuya izinkukhu ngo-2019 esebenza nogogo wakhe nomalume wakhe, waqala ibhizinisi lakhe ngokusemthethweni ngo-2022.

Uthi: “Ngabona ukuthi kunesidingo esikhulu sezinkukhu namaqanda emphakathini. Ngaqala ibhizinisi lami ukuze ngondle umphakathi, ngiziphilise futhi ngisize nabanye bathole amathuba omsebenzi.”

Namuhla ufuya izinkukhu zenyama, ezamaqanda nezinkukhu zesintu. Njalo ngenyanga uthola amaqanda awu-1 500 kuya kwawu-2 000 awadayisela amakhasimende asemphakathini, izikole, izitolo zomphakathi nabadayisi.

Izinkukhu zohlobo ze-Ingarise Poultry

UNksz uSuduku uthi ukuqala ibhizinisi kwakungelula ngenxa yezindleko eziphezulu zokudla kwezinkukhu, imithi nokuthenga amachwane.

Yize ibhizinisi likhula kodwa uthi ubhekene nezinselelo ezinjengokukhuphuka kwezindleko zokudla kwezinkukhu, ukushoda kwemishini nengqalasizinda, izinkinga zokuthutha nokungena ezimakethe ezinkulu. Uthi ukubangowesifazane osemncane embonini okukhonya amadoda kwesinye isikhathi kwenza abantu bangamthembi.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/12/05/ushiye-umsebenzi-wasebhange-wagxila-ekufuyeni-izinkukhu-uxoxe-nosimangaliso-ntshangase/

Izinkukhu ze-Ingarise Poultry sezichuthelwe amakhasimende

Kwabafisa ukusungula ibhizinisi, ubacebisa ngokuthi bangalindi baze babenemali eningi. “Qala ngaloko onako. Ngisho nezinkukhu ezine zingaba yisiqalo. Qhubeka ufunde, funa umuntu ozokululeka futhi ungesabi ukwenza amaphutha ngoba yiwo akufundisayo. Ukufuya akulula kodwa kuyazuzisa uma ubekezela,” kusho yena.

Ufisa ukukhulisa i-Ingarise Poultry ibe yibhizinisi elikhulu lezohwebo, akhe isikhungo sakhe sokukhiqiza inyama namaqanda, adayisele izitolo ezinkulu nezikole futhi adale amathuba emisebenzi amaningi entsheni nakwabesifazane.

“Ngifuna ukukhunjulwa njengowesifazane osebenzise kwezemfuyo ukuguqula umphakathi wakhe, wadala amathuba emisebenzi futhi wakhuthaza abanye abantu, ikakhulu intsha nabesifazane, ukuthi bangesabi ukuqala ukulima noma ukufuya,” kusho yena.

Facebook: Ingarise Poultry Farm

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page