Izinkampani ezizimele sezizokwazi ukuzithengela umjovo wamatele
YINTATHELI YOMBELE
IZINHLAKA ezisembonini yolimo zithi sekuzoshesha kakhulu ukujovela izinkomo amatele ngemva kokuthi ungqongqoshe omusha womNyango wezoLimo uMnu uWillie Aucamp evumele izinkampani ezinamandla ukuzithengela imijovo.
Kuzokhumbuleka ukuthi izinhlangano ezimele abalimi nabafuyi iSouthern Africa Agri-initiative (iSaai), iFree State Agriculture neSakeliga zabopha obewungqongqoshe walo mnyango uMnu uJohn Steenhuisen zikhala ngokuthi akafuni ukuzivumela ukuzithengela imijovo yamatele.
Bezikhala ngokuthi loku kubulala izinkomo zabafuyi ngesikhathi bonke belinde uhulumeni yize abantu benamandla okuzithengela imijovo njengezinkampani ezizimele.
Ngesonto elidlule u-Aucamp usayine isivumelwano esivumela abafuyi nalezi zinhlangano ezibamele ukuthi bakwazi ukuzithengela imijovo.
“Kubalulekile ukuthi sibambisane nabafuyi ukuqeda amatele ezweni. Besingeke sikwenze loku siwuhulumeni ngoba inhloso yethu wukugoma cishe u-80% wazo zonke izinkomo ezweni,” kusho yena.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/06/23/kufike-imijovo-yamatele-emisha-ivela-phesheya/
Usihlalo weSaai uDkt uTheo de Jager uthe bazobhalisa ukuthi babenemvume yokuthenga imijovo yamatele kwamanye amazwe futhi sebezokwazi ukugoma izinkomo eziningi.
“Siyacela ukuthi abafuyi balandele imithetho kahulumeni yokugwema ukubhebhetheka kwamatele futhi balandele izinhlelo zokugoma ezenzeka lapho behlala khona. Kufanele bayilandele neyokuthenga imijovo ngaphandle yize sesinalesi sivumelwano,” kusho yena.
Ekuqaleni kwale nyanga kuvele ukuthi sezingaphezu kwango-5 million izinkomo esezigonyiwe. UmNyango wezoLimo ubuye wathenga eminye imijovo ewu-13.3m.
Imikhankaso yokugoma izinkomo iyaqhubeka ezweni futhi imijovo ekhona ivikela izinkomo izinyanga eziyisithupha bese kudingeka ukuthi ziphinde ziwunezezele ukuze zingeke zitheleleke uma kwenzeka kubanezinye ezihlaselwa amatele.

