I-Eskom isiphehla ugesi owanele futhi isezinhlelweni zokuqeda ukunqamuka kukagesi ngenhloso yokuvikela ingqalasizinda. Isithombe: Sithunyelwe

Kuzophela nya ukunqamuka kukagesi eNingizimu Afrika – i-Eskom

WUBONISWA MOHALE 

INDABA yokunqamuka kukagesi ngenhloso yokuvikela ingqalasizinda ezweni izophela nya ngonyaka ozayo njengoba i-Eskom imatasa nezinhlelo zokuqeda ugesi owebiwayo.

Kule nyanga le nkampani kahulumeni ephehla ugesi waseNingizimu Afrika nakwamanye amazwe angomakhelwane imemezele ukuthi sekuphele izinsuku eziwu-420 ingawunqamuli ugesi ngenhloso yokuwonga.

Isikhulu esingamele izinhlelo zokusabalalisa ugesi e-Eskom uMnu uJunaid Munshi sithe iNingizimu Afrika isinogesi owanele kodwa inselelo ekhona ngeyokuthi kunezindawo ezixhume ugesi ngokungemthetho, okwenza ukuthi ingqalasizinda yabo isindwe.

Ukuqinisekisa ukuthi ingqalasizinda engama-transformer nezinye izinsiza zikagesi ayishi, i-Eskom iye iwucishe ugesi ukuze ivikele ingqalasizinda ezindaweni ezithile. 

“Sikwazile ukususa izifundazwe ezinhlanu ohlwini lwezindawo ezicima ugesi ngenhloso yokuvikela ingqalasizinda kuzo. Sizoqinisekisa ukuthi ngo-Okthoba izifundazwe ezingacishelwa wugesi ngenhloso yokuvikela ingqalasizinda ziba yisikhombisa.

“NgoMashi wonyaka ozayo sifuna ibe isiphelile le nselelo. Zimbili izifundazwe esizogcina ngazo yiKwaZulu-Natali neGauteng kodwa sisebenzisana nomasipala bakhona ukuqeda le nselelo,” kusho yena. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/12/04/amabhizinisi-amancane-abonga-ukukhanya-okulethwa-wukunqamuka/

Umkhulumeli womfelandawonye wezinyunyana iCongress of South African Trade Unions (iCosatu) uMnu uMatthew Parks uhalalisele i-Eskom ngokuqeda izinsuku eziwu-420 ingawucimi ugesi. 

Uthe: “Kufanele sibonge ubuholi besikhulu esiphezulu e-Eskom uMnu uDan Marokane nezisebenzi zale nkampani ngokuguqula isimo sale nkampani. Uma i-Eskom iwuphehla kahle ugesi izimboni zisebenza kahle futhi nabanikazi bazo bayagqugquzeleka ukudala imisebenzi.

“Ukuguquka kwesimo e-Eskom kusho ukuthi imali ewuR4,86 billion ebithenga udizili seyehlile yabawuR746 million. Le nkampani isiyakwazi ukwenza ezinye izidingo manje.”

Uthe iCosatu ikhathazekile ngomasipala abakweleta i-Eskom uR120bn ngoba lesi sikweletu sikhula ngemali engangoR20bn ngonyaka. 

Ukhale ngokukhuphuka kwentengo kagesi enyusa izindleko zokusebenza kwezimboni ezincibilikisa insimbi. Uthe kufanele kutholakale isisombululo esizovuna zonke izinhlaka ezithintekayo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page