Bahlehlele emuva omasipala ezimalini – umcwaningimabhuku-jikelele
WUSLINDILE KHANYILE
KUNOMEHLUKO omkhulu phakathi kombiko wezimali omuhle nombiko omuhle kodwa onogcobho. Abaphethe komasipala nohulumeni ezweni lonke kufanele baqonde loku ngoba ukudidanisa lezi zinto zombili kuyimbangela yokungaphucuki endleleni omasipala abaphatha imali ngayo.
Usho kanje umcwaningimabhuku-jikelele uNks uTsakani Maluleke izolo ngesikhathi ethula umbiko wezimali womasipala wonyaka wezimali u-2024/25. Lo mbiko owonyaka wesine wezimali kahulumeni bomasipala ozophothula isikhathi sawo ngoNovemba uma sekukhethwa imikhandlu kabusha.
UNks uMaluleke uthe yize ukhona umehluko omncane owenzekile kulo hulumeni wesithupha ophethe omasipala kodwa isenkulu indima okufanele ikhathulwe njengoba kusenezinkinga eziloku ziphikelela. Uma eqhathanisa ngesikhathi lo hulumeni uthatha izintambo ngo-2020/21, omasipala bahlehlele emuva njengoba nesibalo sabathola imibiko emihle sinciphile kanti kukhona osekuphele iminyaka begida ndawonye ngokuthola umbiko omuhle kodwa onogcobho, okucacayo ukuthi abaphokopheli ukuthola imibiko emihle.
“Akuzona izinto ezifanayo lezi. Njengoba sisho ukuthi yize umuhle umbiko kodwa unogcobho, sisho ukuthi kukhona okungahambi kahle. Akufanele siyithathe kancane le nto yokuthi unogcobho ngoba imvamisa imbangela yokuthi kubenogcobho wukungahloniphi umthetho, ikakhulu owokuthenga izimpahla noma wokwenzelwa umsebenzi futhi zisuke izidingo zingahlinzekwa ngendlela efanele.
“Ngenxa yokuthi eminyakeni edlule besigxile kakhulu komasipala abathola imibiko emibi kakhulu nabaletha imibiko emibi ngendlela yokuthi ayicwaningeki ngoba busuke bungekho obufakazi bezinto abathi bazenzile ngemali, abantu bavele bahlala bakhululeka uma bethola imibiko emihle kodwa enogcobho becabanga ukuthi yinto efanayo nombiko omuhle. Kukhona isikhathi kudala lapho kwakuyinto (ukuthola imibiko emihle kodwa enogcobho) esasiyisebenzela kodwa akusesona isikhathi saloko manje,” kusho uNks uMaluleke.
FUNDA NALAPHA: Umcwaningimabhuku usole izimeya nosomlomo ngokungaphathi kahle izimali komasipala
Bawu-117 omasipala abathole umbiko omuhle kodwa onogcobho kanti iningi lawo okwenzeke ngenxa yokunikwa ithuba lokulungisa izinto ezithile ngaphambi kokuphothulwa kokucwaninga amabhuku. Labo masipala batshengise ukuthi bavamile ukungayigcini imithetho futhi akukho zinyathelo ezithathelwa abantu ngokungenzi umsebenzi kahle.
Kulabo masipala yilapho imali ewu-45% engasetshenziswanga ngendlela usetshenziswe khona no-37% walena esetshenziswe ngaphandle kwemvume no-30% walena emosiwe.
Abawu-43 kulabo masipala sebethole lo mbiko iminyaka emibili kuya kwemine ilandelana, kuthi abawu-24 sebehlale kulolu hlu iminyaka ephakathi kweyisihlanu nesishiyagalolunye kanti ewu-20, sekuphele cishe iminyaka eyishumi.
Enaba umcwaningimabhuku, uthe ingozi ngokuqhubeka kwesikhathi uthola umbiko omuhle kodwa onogcobho wukuthi kulula ukuhlehlela emuva ugcine usuthola umbiko omubi, athe yinto asebeyibonile yenzeka kule minyaka edlue.
Bawu-257 omasipala ezweni kanti kulo nyaka wezimali obucwaningwa, bebephethe u- R622,56 billion. Umbiko utshengise ukuthi abawu-145 bathole imibiko efana nababeyithole ngo-2020/21. Abawu-38, nokuyibona abasebenzisa u-24% wesabelomali somasipala, bahlehlele emuva kusukela ngo-2020/21 okufakwa kubona nabake bathola imibiko emihle nabathathu kwabakhulu.
“Ukuhlehlela emuva yinto okufanele ibe yivelakancane, ikakhulu uma kusuke kungashintshanga lutho nasemthethweni noma endleleni okulindeleke ukuthi kubikwe ngayo,” kusho uNks uMaluleke.
Bawu-39 abathole imibiko emihle ngo-2024/25 kanti uma behlanganisiwe bebephathiswe uR50,60bn. Bawu-72 okuphucuke indlela abaphathe imali ngayo kusukela ngo-202/21 kanti bona bebephethe u-13% wesabelomali.
Komasipala okuphucuke izinto kubona, abawu-11 bathole imibiko emihle kwathi abawu-38 bathola imibiko emihle kodwa enogcobho besuka emibikweni emibi, noma emibi kakhulu noma engacwaningeki.
UNks uMaluleke uncome ukwehla kakhulu kwesibalo somasipala abebeletha imibiko engacwaningeki nhlobo, njengoba sisuke kwabawu-29 ngo-202/21 sehlela kwabawu-8. KwaZulu-Natali, eLimpopo naseMpumalanga abasekho nhlobo omasipala abathola le mibiko kanti eNorth-West basuke kwabawu-9 njengoba usuwodwa.
Nokho, kunabayisikhombisa asebakhile kule ndawo njengoba sekuphele iminyaka ephakathi kwemithathu kuya kweyishumi benganyakazi. Abathathu kulabo masipala baseFree State, kuthi ababili babeseMpumalanga Kapa, umcwaningimabhuku-jikelele athe kubangwa wukungaqinisekisi ukuthi imikhandlu inabantu abanele ngaphakathi abakwaziyo ukwenza umsebenzi.
UNks uMaluleke uthe kuyajabulisa ukubona impi ababekade beyilwa inqobeka. “Okunye esikuncomayo wukuthi cishe bonke omasipala bayilethe ngesikhathi imibiko yabo. Ngokokuqala ngqa eminyakeni eyishumi ukuthi sithole imibiko ewu-98% ngesikhathi, kusuka ku-92% ngo-2020/21. Yinto enhle leyo futhi siyayikhuthaza.”
Uma kubhekwa isimo sezimali semikhandlu, ewu-62 isesimweni esibi kanti kuyona ewu-54 ibike ukuthi izinto zibucayi kakhulu. Ewu-33 kule mikhandlu isibhekane nalesi simo iminyaka emine nengaphezulu.
Iwu-35% kuphela imikhandla esesimweni esihle sezimali. E-Free State, eMpumalanga naseNorth-West yilapho kunemikhandlu esesimweni esibucayi khona kakhulu. Uphele lo nyaka wezimali obucwaningwa u-51% wemikhandlu ungenazimpahla ezanele ukukhokhela izikweletu zayo kanti ewu-174 ibingenayo imali eyanele ukukhokhela ebakweletayo.
UNksz uMaluleke uncome ukungenelela kwezikhulu ezifundazweni nasezweni lonke, wathi kubenesandla lapho kuphucuke izinto khona. Uthe kutshengisa ukuthi uma wonke umuntu ezobamba iqhaza ekugadeni imali kahulumeni, kungabi nje wumsebenzi wezikhulu eziqondene nemali, ubakhona umehluko.
Unxuse ukuthi uhulumeni ozongena komasipala ngoNovemba wakhele phezu kwalesi sisekelo.
Usihlalo wekomidi elengamele ezokuBusa ngokuBambisana nobuHoli beNdabuko uDkt uZweli Mkhize uncome ithimba likaNks uMaluleke ngombiko walo.
“Kucace bha ukuthi kwenzekani ngokuphatha nokuthi kunamuphi umphumela ekuhlinzekeni izidingo. Ukungayilethi imibiko yinto okungafanele siyivumele nhlobo kanti yize kukuhle ukubona kwehla isibalo somasipala abanemibiko engacwaningeki kodwa esikudingayo wukuthi iphele nya,” kusho yena.

UMkhize uthi kufanele kuphele ngemibiko engacwaningeki
Uncome iHhovisi lomCwaningimabhuku-Jikelele eligubha iminyaka ewu-115 kulo nyaka ngokuthi liholwa imbokodo njengoba nephini lomcwaningimabhuku-jikelele elisha kuwumuntu wesifazane uNkk uBongi Ngoma, othathe izintambo ekuqaleni kwale nyanga.

