UNksz uNtobeko Mafu, umsunguli weMadame Clucks A Lot Poultry yase-Edendale, eMgungundlovu, KwaZulu-Natali, efuye izinkukhu nelima amaveji. Izithombe: Zithunyelwe

Umfuyi wesifazane utshiyoza ngamandla ukuxosha indlala

WUTHOBILE ZWANE

NGEMVA kokuphothula iziqu zakhe i-Human Resources Management nokusebenza ePick n Pay, wabeka imali kancane kancane ngaphambi kokusungula ibhizinisi lezokulima.

UmlimiI nomfuyi waseMgungundlovu, KwaZulu-Natali, akafuni kubenabantu ababulawa yindlala, yingakho ecija intsha yendawo ngokuyifundisa ukulima nofuya izinkukhu. 

UNksz uNtobeko Mafu, wase-Edendale, eMgungundlovu, KwaZulu-Natali, wasungula iMadame Clucks A Lot Poultry ngo-2021.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/11/19/umfuyi-ulandela-igama-lakhe-lobubhunu/

Le ntokazi eneminyaka ewu-24 ithi ezolimo ziwubizo kuyona kanti nakuba yaqala ngokunye kodwa ukwenza kwabazali bayo ababelima befuya kwayimbula amehlo.

Uthi nakuba abazali bakhe babesebenza kodwa babelima futhi befuya. Uyise wayewummeli kodwa enezinkomo, izimvu, izinkukhu nokunye kanti unina owayewumhlengikazi wayefuye izinkukhu. 

Uthi wayehlale ethola inyama namaveji okunomsoco ngoba kwakukhiwa engadini. “Ngakho lapho ngibona izinselelo zabanye abantu endaweni yangakithi nangemva kokushona kukababa, ngabona ushintsho esimweni sakithi. Ngabona ukuthi kubaluleke kangakanani ukulima nokufuya nolwazi jikelele lwezolimo,” kusho yena.

Izinkukhu zeMadame Clucks A Lot 

“Ngenza loku ngoba ngikholwa wukuthi umndeni wami unobizo olukhulu emhlabeni, ikakhulu ngoba isibongo sami sisho ifu. Ngikholwa wukuthi ngazalelwa ukulandela ezinyathelweni zabo futhi ngisebenzisana nemvelo. 

“Inhloso yami wukundiza phezulu futhi ngibheke izwe nabakhileyo kulo. Yingakho kuwumsebenzi wami ukubanepulazi, ngibuse futhi ngihole ngobuqotho. Ngihlose ukwenza loku ngezindlela eziningi. Igama lebhizinisi yilona elinginika amandla okuthi ngiqhubeke phambili noma kubanzima,” kusho uNksz uMafu.

Uhambo lwakhe lokungena kwezamabhizinisi lwasheshe lwabayinto ayithakaselayo. Injabulo yokuzisebenza yamenza wasebenze ngokungakhathali. Uthola ukweneliseka uma umsebenzi wakhe ibanomphumela omuhle ezimpilweni yabantu, kunika amandla imindeni nabanye nokugqugquzela ukudla okunempilo. Uthi banohlelo lokucija intsha nabanye abantu abanothando lokulima. 

Namuhla iMadame Clucks A Lot iyipulazi elisimeme eligxile ekufuyeni izinkukhu namaveji. Idayisa izinkukhu eziwu-250 kuya kweziwu-600 ngenyanga futhi igxile ekulimeni i-kale, isipinashi, i-mustard, utamatisi namanye amaveji. Isiqashe abantu abawu-14.

UNksz uMafu namanye amaveji eMadame Clucks A Lot 

I-Madame Clucks A Lot uthi yabhekana nenselelo ngo-2023 ngenkathi ugesi usacima njalo eNingizimu Afrika, okwaholela ekufeni kwezinkukhu zakhe eziwu-650. “Ngisahlukumezekile ngaloko. Zanqwabela phezulu zizama ukufudumala zafa,” kukhumbula yena. 

Ufisa ukwakha amahhoko ezinkukhu amathathu, ukuvula indawo yokudla, enze izinhlelo zokuqeqesha nokuletha intuthuko emphakathini wangakubo nokushintsha impilo yawo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page