Ukwanda kwezimpahla nemali yobuchwepheshe kuletha izinselelo kumqoqintela – ucwaningo
YINTATHELI YOMBELE
UKUPHUCUKA kobuchwepheshe kuhle kodwa kuhambisana nezinselelo ezintsha ikakhulu njengoba sekunezimpahla nemali yobuchwepheshe ama-crypto asset.
Loku kuvezwe wuSolwazi uShaun Parsons wase-University of Cape Town ngesikhathi ethula ucwaningo lwakhe olubheka ukuqoqa intela esikhathini sobuchwepheshe.
Lolu cwaningo olusihloko sithi “Technology and Challenges to Tax Norms in the 21st Centrury: Crypto Assets and Beyond”. U-Parsons, oyi-chartered accountant, uthi waqala ukusebenza kusaqoqwa intela ngezindlela ezijwayelekile, emva kwaloko wafundisa ngentela njengoba manje eseqonda kabanzi ngezinguquko ezihambisana nokuqoqa intela ngesikhathi ubuchwepheshe bushintsha.
Uthi: “Ukuvela kwemali yobuchwepheshe kuza nezinselelo ezintsha ekuqoqeni intela ngoba kusho ukuthi umqoqintela naye kufanele ashintshe izinhlelo zakhe ukuze akwazi ukuqoqa intela.
“Abantu bafuna izindlela ezintsha zokwenza izinto. Abasayifaki imali yabo yonke ebhange, sebesebenzisa imali yobuchwepheshe. Kufanele umqoqintela acacise ukuthi imali yobuchwephese uyithatha njengempahla esetshenzelwe, egenjuliwe noma yinkokhelo ngomsebenzi owenziwe,” kusho yena.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/08/06/ibhange-lombuso-lifuna-izakhamuzi-ziphawule-ngemali-yobuchwepheshe/
U-Parsons uthe okuhle wukuthi emazweni amaningi nalapha eNingizimu Afrika imali ye-crypto ithathwa njengomholo okufanele umuntu owutholayo akhokhe intela. Nokho ukhale ngokuthi ukungahambisani kwemithetho emhlabeni kuza nezinselelo ezintsha nengoba ubuchwepheshe buguquguquka.
Uthe kufanele isheshe imithetho ecacisa ngokuthi yiliphi izwe okufanele liqoqe intela kubantu abasebenzisa i-crypto.
Ubalule ukuthi ongoti abafundisa ngentela kufanele kubeyibona abalekelela uhulumeni ukubhekana nezinselelo zokuqoqa intela emalini yobuchwepheshe futhi bangazivaleli bodwana kodwa basebenzisane nabalingani bakwamanye amazwe.
Umqoqintela iSouth African Revenue Service ithe izimpahla nemali yobuchwepheshe zizokhokha intela ekhokhiswa abantu abasuke bethola umholo ngomsebenzi abawenzile. Kolunye uhlangothi, iBhange lomBuso selinxuse abantu ukuthi baphawule ngezinguquko ezithinta imali yobuchwepheshe.

