I-African Bank isezinhlelweni zokuvala amanye amagatsha ayo njengoba ihlela umsebenzi kabusha. Isithombe: Sithunyelwe

I-African Bank nenyunyana bazobonisana ngezinhlelo zokudiliza ezihlongozayo

WUBONISWA MOHALE

INYUNYANA yezisebenzi zamabhange iSouth African Society of Bank Officials (iSasbo) ishaya amakhala ngokumemezela kwe-African Bank izinhlelo zokudiliza izisebenzi.

I-African Bank isanda kumemezela ukuthi izophoqeleka ukuhlela umsebenzi kabusha ngemva kokulahlekelwa yimali. Isikhulu esiphezulu esisabambile e-African Bank uMnu uZweli Manyathi ngesonto elidlule sithe siyakuqonda ukuthi yisikhathi esinzima lesi kodwa kubalulekile ukuthi bathathe isinqumo esilungele leli bhange yize sizoholelela ekutheni kulahleke imisebenzi ebalelwa kwewu-1 200, bavale namagatsha awu-90.

Uthe: “Kubalulekile ukuthi sithathe lesi sinqumo uma sihlelela ikusasa nenqubekelaphambili yebhizinisi. Lolu hlelo (lokudiliza) sizolusebenza neSasbo. Silindele impendulo yayo ukuze sizohlahla indlela eya phambili.

“Sithanda ukuqinisekisa amakhasimende, abatshalimali nazo zonke izinhlaka ezithintekayo ukuthi konke esikwenzayo kuhambisana nomthetho,” kwengeza yena.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/04/17/isigcawu-sivune-ivune-iprudential-authority-ngezinsolo-nge-african-bank/

Uthe ibhange linemali eyanele yokusebenza futhi okufanele libenayo ngokwemithetho elawula amabhange.

Mayelana nomphumela wokudiliza izisebenzi, uthe bazokwenza isiqiniseko sokuthi bazihlela kahle izinhlelo zabo, baseke izisebenzi, babeke konke obala futhi baziphathe ngenhlonipho.

Esitatimendeni esikhiphile, iSasbo ithe ayiqondi ukuthi kungani i-African Bank isheshe yamemezela ukuthi iyadiliza ekubeni bekufanele ihlangane nale nyunyana emva kokumemezela imiphumela yezimali eveze ukuthi ilahlekelwe wuR624 million.

“Izinhlelo aziqalanga kahle ngoba ngaphambi kokumemezela izinhlelo zokudiliza izisebenzi kufanele kuhlalwe phansi nenyunyana ezimele kubhekwe izindlela zokuhlenga imisebenzi.

“Ukudiliza abantu akusona isinqumo esithinta ibhinizisi kuphela kodwa siphazamisa izisebenzi, imindeni yazo nemiphakathi ethembele emaholweni azo. Noma yimuphi umqashi ohlela ukudiliza kufanele abeke konke obala. Asihambisani nje nokushicilelwa ngokuxhamazela izinhlelo zokudiliza singakahlali phansi ukuxoxa ngakho konke,” kusho iSasbo.

Ithe ifuna ukuqala izwe ukuthi i-African Bank yini eyihlelile ukuhlenga imisebenzi ngaphambi kokuthatha isinyathelo sokudiliza.

I-Congress of South African Trade Unions iCosatu ithe njengoba isibalo sabantu abangasebenzi ezweni simi u-43,7% akukwazi ukuthi kuloku kulahleka eminye imisebenzi.

Umkhulumeli weCosatu uNksz uZanele Sabela uthe: “Njengoba i-African Bank isizodiliza izisebenzi eziwu-1 200 ibikade ithenga amabhange okukhona kuwo i-Ubank, iGrindrod Bank neSasfin. Ilahlekelwe wuR624m. Kuyacaca ukuthi yayingakuhlelanga kahle ukuthenga amanye amabhange. Ukudiliza izisebenzi kuzobanomphumela omubi.”

Unxuse i-African Bank ukuthi ixoxisane kahle neSasbo ukuze kutholakale izindlela zokonga kungaze kudilizwe abantu futhi wanxusa iBhange lomBuso ukuthi lingenelele nomNyango weziSebenzi ukugwema le nhlekelele.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page