Yonga okungangamandla akho – ikusasa lakho lincike kukhona
YINTATHELI YE-ASISA
IMALI yakho oyisebenzela kanzima iyanyamalala ngaphambi kokuphela kwenyanga kanti ukonga kunzima kakhulu. Esikhundleni sokukhathazeka ngenye into ebonakala idinga imali, uvele ungabe usonga ngoba uthi ulinde ukuhola imali ethe xaxa.
Kodwa asikhulume iqiniso: imvamisa ukwanda kwemali kuholela ekutheni ushintshe indlela ophila ngayo futhi kwande izindleko, hhayi imali oyongayo.
Ukonga imali akuyi nokuhola imali enkulu, kuwukuzijwayeza ukuthi kubenemali oyibekayo ngisho ngabe kuthiwa incane kangakanani ukuhlelela ikusasa.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/07/22/imibuzo-evame-ukubuzwa-ngabantu-ngokonga/
Ngale Nyanga yoKonga, i-Association for Saving and Investment South Africa (i-Asisa) ikunika inselelo yokuthi wonge noma ngabe malini onamandla okuyonga ngoba ikusasa lakho lincike kukhona.
Ukongela ikusasa
Zimbili izizathu kufanele wonge. Esokuqala wukuthi ikusasa alaziwa. Imali encane yokugada ingozi ingakusiza ukhokhele izindleko zokugula obungazilindele, ulungise into efile noma izindleko zesikole ngaphandle kokungena esikweletini.
Isizathu sesibili wukubekela ukuthatha umhlalaphansi. Uma unemali eningi oyibekele umhlalaphansi, uyokwazi ukuzimela uma ususempeshenini, ungazitholi usuthembele ekunakekelweni wumndeni. Imali oyongela impesheni iyokusiza uphile kahle uma ususempeshenini.
Akukhathaleki ukuthi ubeka malini, inqobo nje uma ikhona imali oyibekayo njalo. Ukubeka uR20 noma uR50 njalo kungebonakale kuyimali etheni manje kodwa ukuyibeka njalo kukusiza ubenemali oyongayo ngokuqhubeka kwesikhathi. Uma ungayithinti le mali oyongayo, uyosizakala ngoba ngokuqhubeka kwesikhathi ikhuliswa yinzalo phezu kwenzalo.
Ngale Nyanga yoKonga zinike inselelo yokuthi uzokonga noma yimalini ongakwazi ukuyibeka ngokuqeda lezi zinkoleloze:
Ekuqala: “Isikhathi esifanele sokuqala ukonga yimhla sengihola kakhulu.”
Esikhundleni sokulinda isikhathi esifanele, qala ngemali encane ongakwazi ukuyonga. Ngisho imali encane oyonga njalo ngosuku ohola ngalo iyakusiza uzijwayezele ukonga. Hlela ukuthi le mali ibanjwe njalo kwi-akhawunti okungena umholo wakho kuyona, ifakwe kweyokonga. Imali oyongayo kuhle uyibeke kwi-fixed deposit ukuze ungayitholi kalula.
Isu lokonga: Khetha into eyodwa ongayinciphisa kule nyanga – isiphuzo osithenga nesidlo sasemini noma ukudla okuphekiwe okuthenga njalo ngoLwesihlanu ebusuku, uthathe leyo mali kubeyiyona oyifaka kwi-akhawunti owonga imali kuyona.
Eyesibili: “Ukubeka imali encane akusizi ngalutho.”
Abantu abaningi bacabanga ukuthi ukonga imali kusiza kuphela uma ungakwazi ukubeka imali enkulu njalo ngenyanga. Wonke umuntu okwazi ukubeka imali kukhona lapho aqala khona.
Uma usuke waqala, ngisho ngemali encane kangakanani, uyazethemba bese uloku wonga okuthe xaxa. Uma kunemali ethe xaxa oyitholayo njengeyesitokfela noma ibhonasi emsebenzini, usungayengeza imali oyongayo. Kodwa ungakweyi ukuqala ngemali encane njalo, iyawenza umehluko ngokuqhubeka kwesikhathi. Into ebalulekile wukuyibeka njalo, hhayi ukubeka enkulu.
Isu lokonga: Uma unento oyongelayo kulula ukonga imali njalo. Vula i-akhawunti ozokonga kuyona bese uyiqamba igama njengokuthi “Imali yokugada ingozi” noma “Imali yesikole”. Abantu abaningi bayagqugquzeleka ukonga uma abazi ukuthi yini abayongelayo.
Eyesithathu: “Ukucaphuna empeshenini yakho singakafiki isikhathi akusho lutho.”
Uma unenhlanhla yokubanesikhwama sempesheni usuvele uyonga kodwa ukucaphuna empeshenini singakafiki isikhathi njalo ngonyaka kunciphisa kakhulu imali oyobanayo uma ususempeshenini.
Ngisho ungayibuyisela kodwa ulahlekelwa yinzalo phezu kwenzalo. Uma uhlale ukhipha emalini oyibekile, izobancane imali oyobanayo uma ususempeshenini, lapho usuyidinga khona kakhulu.
Ukhumbule nokuthi kubanjwa intela emalini oyikhiphayo futhi kukhona nezinye izindleko okhokhiswa zona.
Isu lokonga: Phokophela ukubeka imali yokugada ingozi ngisho kungathiwa incane kangakanani. Esikhundleni sokucaphuna empeshenini njalo uma kuvela into obungayilindele, sebenzisa leyo mali yokugada ingozi ngaleyo ndlela ugwema ukukhokha intela nezinye izindleko ezihambisana nokukhipha imali esikhwameni sempesheni.
Yonga okungangamandla akho
Awudingi ukonga kahle. Ngezinye izinyanga kuzobanzima kanti akunalutho lokho. Okubalulekile wukuzijwayeza ukuthi kubekhona imali oyibekayo. Ukubeka imali encane kungakusiza futhi kukwenzele izinto zibelula mhla uxakeka.
Ngale Nyanga yoKonga, ungagxili ekutheni malini ongayonga, phokophela ukuthi uqale ukonga.
Beka imali engangamandla akho – ikusasa lincike kukhona
Lolu lwazi ululethelwe yi-Association for Savings and Investment South Africa (i-ASISA), okungenye yezindlela efundisa ngayo njengoba kuyiNyanga yoKonga ukusiza ukwandisa isibalo sabantu baseNingizimu Afrika abongayo. #Yongaokungangamandlaakho

