Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noSphumelele ‘Isayoni’ Mbambo, umculi we-gospel nomshumayeli. Wake wabayingxenye yomncintiswano owawudlala kwiSABC 2 i-I Want to Sing Gospel, wacula kwiJoyous Celebration ngo. Udume ngamaculo athi Lishonile Ilanga, Mina Ngithemba uJesu, Jesu Ungukukhanya ne-Labakhi
‘Imali yisebenzisele ukwakha ikusasa’
WUTHOBILE ZWANE
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Ngebhadi noma ngenhlanhla, ngakhulela emndenini ongenalutho. UMa wayengipha imali kuphela uma enayo. Ngiseyingane ngiyakhumbula ngiya kwinhlolokhono eGoli. Noma wayengenalutho, wanginika uR6 kanti leyo mali yashintsha impilo yami.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange, wawuyivula kuliphi?
Ngo-2022, ngemva kokuphothula uMatikuletsheni. Uma ngikhumbula kahle, ngayivula eStandard Bank.
Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Ngafunda ukuthi uma imali ifika ezandleni zakho, ungayisebenzisi noma kanjani. Yisebenzisele into eyodwa ebonakalayo ozokwazi ukuyikhomba. Imali ayimayelana nobuningi bayo kodwa imayelana nokuthi uyisebenzise kanjani.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/04/04/yenza-izinto-eziphusile-ngemali/
Waqala nini ukusebenza kanti wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngisafunda. Ngaya ejalidini ngiyofuna umsebenzi njengabanye abantu. Umnikazi waleyo ndawo wangidabukela, wangiqasha ukuthi ngikhiphe ukhula engadini, wangikhokhela uR17. Ngaleyo mali ngathenga isishebo sasekhaya, ngafika ngisaphethe uR3. Ngajabula kakhulu ngoba kwakungokokuqala ngisiza ekhaya.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Into yokuqala engihlale ngiyenza wukujabulisa abazali bami nokufeza ezinye zezifiso zabo futhi ngiqinisekise ukuthi indodana yami ikhula impilo engcono kunengakhula ngiyiphila. Ngasebenzisa imali ukuzikhokhela enyuvesi, ukuthuthukisa ikhono lami lomculo nokwenza umsebenzi kaNkulunkulu.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Wukubeka abantu phambili kunami. Ngangisiza wonke umuntu ngingaqali ngami. Ngabona ukuthi abantu abaningi bona abasoze babeka abanye abantu kuqala ezimpilweni zabo, ngakho uma ungaqali ngawe, ugcina usungenalutho.
Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?
Nakamhlola! Seloku nje ngazalwa, yonke into eyenza imali esheshayo, angiyingeni. Ngiyazi ukuthi imali esheshayo inomoya wayo.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Angikaze ngibenenhlanhla yokululekwa muntu ngemali. Engakufunda kwakuwukubona uMa esebenza emzini womuntu ehola uR1 500 kodwa ekwazi ukunakekela zonke izidingo zasekhaya. Kwangifundisa ukuthi imali ayiyi ngokuthi ingakanani kodwa ukuthi uyisebenzisa kanjani. Ngihlale ngisho ukuthi ayikho imali enkulu noma encane. Funda ukuyonga nokuyihlelela kahle. Futhi uma uNkulunkulu ekubusisa ngemali, akabusisisi wena wedwa kodwa ukuze nawe ukwazi ukusiza abanye.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngingawusebenzisa ukuqopha umculo wami bukhoma ngizenzele yonke into. Sekuyisikhathi eside ngifisa ukuze abantu babone amandla kaNkulunkulu ngomsebenzi wami. Enye imali ngingayitshala kwezinye izinhlelo zami.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Uma imali isifikile ezandleni zakho, yisebenzisele izinto ezizokusiza noma ezizokwakhela ikusasa. Ungayimosi ezintweni ezizokwenza uyikhalele uma isiphelile.
