Kuleli sonto eNingizimu Afrika kuzobhekwa izibalo zomkhiqizo

Kuzobhekwa izimpawu zomphumela wokwehla kwamandla emali

YINTATHELI YOMBELE

NGEMVA kwamasonto amaningi kukhonya umphumela wezigameko zepolitiki yamazwe aphesheya emnothweni namanani kawoyela, amehlo azothi njo esimweni somnotho womhlaba jikelele.

Nakuba ukwehla kwamanani kawoyela kunyuse ithemba ngokuncipha kokwehla kwamandla emali, izinkomba zomnotho ngeke zisiveze sonke isimo okwamanje. Esikhundleni saloko, izimakethe zizobheka izimpawu zomphumela wokwehla kwamandla emali.

Kuzophuma izibalo zokwehla kwamandla emali eMelika. Ngemva kokuqina kwebhawodi lesandla likasihlalo weBhange lomBuso uMnu uKevin Warsh, abatshalimali ngeke banake kakhulu ukwehla kwamandla emali kodwa bazonaka amanani ezinto, ikakhulu emisebenzi eyenziwayo, ukuthi ngabe ayehla yini.

Isikali soshintsho esitholwa ngabakhizi ngezimpahla zobo, phecelezi i-producer price inflation, sizobhekwa ngamehlo abomvu ukuthi ngabe ijoka liyancipha emahlombe ezinkampani kanti amanani ezimpahla azokhombisa isimo sabathengi baseMelika ngalesi sikhathi.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/07/10/kukhonye-izibalo-zemboni-yemikhiqizo-kuleli-sonto/

Okugcina, kuzobhekwa ucwaningo lokuqala lwe-University of Michigan kungabhekwa kuphela inkomba yokukala ukuthi abathengi bazizwa kanjani ngomnotho kepha nokuthi balindeleni ngezindlela zokunqanda ukwehla kwamandla emali iBhange lomBuso eliqhubekayo nokukubheka.

Khonamanjalo, kulindeleke ukuthi isikali somkhiqizo wezwe sangekota yesibili saseChina sikhombise ukusimama okuhambisana nomgomo owu-5% leli zwe elizibekele wona.

Ngakho kuzobhekwa kakhulu izibalo zokudayisa izimpahla nezabantu abangasebenzi ukubheka ukuthi ngabe izinto zibangcono yini nakweminye imikhakha ngale kowemikhiqizo nowokudayisa izimpahla phesheya.

ENingizimu Afrika akunamnyakazo otheni kuleli sonto. Izibalo zomkhiqizo wezinto ezimbiwayo zizokhombisa ukuthi le mboni ihwebe kanjani ngoMeyi ngesikhathi sokungaqondakali kwamanani ezimpahla.

Nakuba imboni yezinto ezimbiwayo isizakele ngokunyuka kwamanani ezinto ezisansimbi, kuzobhekwa umphumela wesidingo samazwe aphesheya kumanani omkhiqizo. – Lolu lwazi luthathwe kwiBureau for Economic Research

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page