Uhulumeni wezwe ususukumela indaba yokungaphathi izimali kahle komasipala, kusho umbhali wengosi. Izithombe: yiShutterstock nesithunyelwe

Ukubamba imali yomasipala ngaphambi kokhetho kujulile, kuloba uJabulani Sikhakhane

ISINQUMO somGcinimafa sokugodla, noma singesesikhashana, imali yomasipala abawu-69, okubalwa kubona omasipala abakhulu, simqoka ngenxa yezizathu ezintathu.

Ubumqoka bokuqala bungenxa yesikhathi salesi sinqumo, okuwukhetho olumqoka kakhulu kwi-ANC, inhlangano ebikade ikhonya kwipolitiki yaseNingizimu Afrika kusukela ngo-1994.

Ubumqoka besibili bungenxa yohlobo lwemali enqanyulwayo. Akusiyona imali enikwa omasipala yokwenza imisebenzi esuke ihlelelwe, phecelezi ama-conditional grant, kodwa yimali etholwa womasipala evela kuhulumeni omkhulu yokwenza imisebenzi yabo emqoka, phecelezi i-equitable share.

ISigaba 214(1) somThethosisekelo siphoqala ukuthi imali eqoqwa ezweni – njengayo yonke imali eqoqwa yiSouth African Revenue Service nebolekwa wumGcinimafa ezimakethe zemali  – icazwe ngokwesilinganiso sabo phakathi kukahulumeni wezwe, izifundazwe eziyisishiyagalolunye nomasipala bezwe.

Ngonyaka wezimali wango-2026/27, imali eqoqwe wuhulumeni ewu-48,2% kufanele iye kuhulumeni wezwe, u-42,3% uye kohulumeni bezifundazwe bese u-9,5% uya komasipala.

Omasipala bathola isabelo esincane ngoba banamandla okuziqoqela imali yabo ngokudayisela izakhamuzi namabhizinisi ugesi namanzi nezinye izidingo njengokuqoqa udoti.

Izifundazwe azinawo lawo mandla, ngaphandle kwemali abayithola ngentela yokugembula njll.

Imininingwane yokuthi imali icazwa kanjani iqukethwe kwi-Division of Revenue Act. Umqulu i-Budget Review uthi: “Ukwaba imali kubheka amandla nemisebenzi eyabelwe uhlaka lukahulumene; kukhuthaza ukungabeka izinto obala, ukwazi ukuthi nini nokuzinza kwezinto; kuwumnyombo wokuphatha kwezindawo ngokomthethosisekelo.”

Ubumqoka besithathu busekutheni lesi sinqumo somGcinimafa silandela isexwayiso somqulu wokubuyekeza isabelomali sango- 2026/27, lapho umGcinimafa  athi khona iSabelomali sango- “sikhombisa ukushintsha okumqoka endleleni yokuphatha izimali ezinhlakeni ezingaphansi kukahulumeni”.

“Sekungaphezu kweminyaka eyishumi ukuphuma nokungena kwezimali phakathi kwezinhlaka zikahulumeni kukhombisa ukuxega. Njengoba omasipala abawu-63% (bawu-162) babenezinkinga zezimali ngo-2023/24, izifundazwe zithwele kanzima ukukhokha izindleko zemiholi nezokuhlinzeka izidingo, sekufike ekugcineni ekuqhubekeni ngale ndlela. Uhulumeni wezwe  usuyayeka ukugcina ngokubayiso kodwa usuyangenelela mathupha.”

Sekuneminyaka eminingi sagcina ukubona isinqumo esinqala ngale ndlela.

UmGcinimafa uthe kuleli sonto ugodla imali yomasipala abawu- “ukubafundisa ukuphatha kahle imali nokuqinisekisa ukuthi imali yomphakathi iphethwe ngendlela efanele ukuze ukusebenzisa imali okungagunyaziwe, okungalungile, okungenazithelo nokumosa imali kusukunyelwe nokuthi izikhulu zikamasipala ziphendule uma kunesidingo somthetho”.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/06/26/akusukunyelwe-indaba-yomasipala/

Wengeze ngokuthi lesi sinqumo singenxa yokuphikelela nokuphula umthetho wokuphatha izimali zomasipala i-Municipal Finance Management Act nemigomo ehambisana nawo.

Uthe konke loku kwenzeka naphezu kosizo umGcinimafa alunike omasipala loku“beluleka, ukuxoxisana nokuxhumana nabo ngazo zonke izindlela”.

Kulaba omasipala abawu-69 kukhona omasipala abakhulu abane, okungowaseGoli, iBuffalo, iNelson Mandela Bay neMangaung.

Bobane sebeneminyaka eminingi behlupha, kanti iNelson Mandela Bay yiyo esihluphe kakhulu.

Umasipala waseGoli ngomunye wabahluphayo ngokuphatha kahle izimali zomphakathi

UmGcinimafa sekuphele iminyaka engaphezu kwewu-15 elwa nabaholi bepolitiki baseNelson Mandela Bay. Enye yezinto ebezibangwa bekuwukuhluleka kwalo masipala ukuqasha imenenja kamasipala eneziqu ezifanele.

Kwesinye isikhathi uma iqashwa, nakhona ngenxa yokucindezwa wumGcinimafa, osopolitiko bebengenelela ukuthi leyo menenja ixoshwe.

Nomasipala waseGoli ubunezinkinga ezingapheli, okwaholela ekutheni ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana athathe isinyathelo esingavamile sokubhalela imeya uMnu uDada Morero ngo-Ephreli ngesimo sezimali sedolobha.

UGodongwana nethimba lomnyango wakho bagcina behlangene no Morero ekuqaleni kwangoMeyi ngalokho umNyango weziMali owakuchaza ngokuthi “wukukhathazeka okukhulu okuzwakaliswe wumGcinimafa ngesimo sezimali sikamasipala”.

Loku kukhathazeka, ngokusho kwesitatimende esalandela ngemva komhlangano, sathi sithinta “isimo sezimali” nokuthobela i-Municipal Finance Management Act kukamasipala.

Ukuthi umGcinimafa useyigodlile imali kamasipala waseGoli kukhombisa ukuthi awukakhombisi zimpawu zokuzicwecwa. Konke loku kwenzeka ngaphambi kokhetho olunguNovemba.

Nakuba kuleli sonto umGcinimafa ethe akalindele ukuthi ukugodla le mali kuzophazamisa ukuhlinzeka izidingo zezakhamuzi ngoba yinto yesikhashana kodwa lesi senzo sinomphumela kwipolitiki. Sandulela ukhetho okulindeleke ukuthi abavoti bajezise i-ANC ngalo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page