Asimile Siyaqhuba: Sekuphele iminyaka emihlanu kwakhiwa izindawo zokuhlala ezinesithunzi
INTATHELI KAMASIPALA
MKHULU umsebenzi owenziwe wuMasipala waseThekwini ukuhlinzeka ngezindlu ezisezingeni elifanele nasekuphuculeni izindawo zokuhlala.
Ukuqhakambisa lo msebenzi wokuletha izidingo emphakathini eminyakeni emihlanu edlule kusukela ngo-2021 kuya ngo-2025, umasipala unomkhankaso i-Five-Year Service Delivery Milestones enendikimba ethi “Asimile Siyaqhuba: Resilience Through Adversity”, okusho ukuthi siyaphokophela ebunzimeni.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/07/01/asimile-siyaqhuba-iminyaka-emihlanu-yokusimamisa-imboni-yezolimo/
Lo mkhankaso ugxile ekwakheni izindlu, lapho uPhiko lokuHlalisa aBantu lwenze umsebenzi obonakalayo eminyakeni emihlanu edlule. Lokhu kukhombisa ukuzibophezela okukhulu ekwandiseni ukutholakala kwezindlini ezinesithunzi, ukuphucula izindawo zokuhlala nokuphuculeni izinga lempilo yezakhamuzi.
Ngalesi sikhathi, lolu phiko lukhiphe amatayitela awu-5 725, okwenze ukuthi imindeni eyizinkulungwane ibenobunikazi obusemthethweni bezindlu zayo, kwabeka isisekelo sokwakha ingcebo yezizukulwaneni zakusasa.
Kule minyaka emihlanu, umasipala uqhubekile nohlelo lokuthuthukisa ingqalasizinda yezindlu evele ikhona. Kuvuselelwe izindlu eziwu-1 194 ezakhiwa ngaphambi kwango-1994 ukuqinisekiswe ukuphepha, ukuqina kwezakhiwo nezimo zokuhlala ezingcono emiphakathini ekade yahlala kulezi zindawo.
Lolu phiko lwandise ukuhlinzeka ngezindlu ezingabizi ngokwakha izindlu eziqashisayo nezindlu ezintsha eziwu-10 359, okuyigalelo elikhulu ekuhlinzekeni isidingo sezindlu ezakhiwe emhlabeni kamasipala.
Ngaphezu kwalokho, lolu phiko luhlinzeke izindlu eziwu-669 ngokuphucula nokuvuselela amahhostela nokwakha izindlu zemindeni ezintsha, ukugcwalisa ukuzibophezela kukamasipala ukuthuthukisa izindawo zokuhlala eziminyene.
Udlondlobele nomsebenzi wokuthuthukisa izindawo ezinemijondolo, njengoba imizi ewu-40 777 ithole izinsiza kancane kancane, okubalwa kuzona imigwaqo, izindlela zabahamba ngezinyawo nezitamkoko, ukuqinisekisa izindawo zokuhlala eziphephile nokufinyeleleka kalula kuzona.
Ukuqhubeka nokweseka imizi entulayo, umasipala wabe izindlu ezintsha ezixhaswe ngokugcwele eziwu-11 702 eminyakeni emihlanu edlule, wasiza izinkulungwane zabantu abafanele ukuthi bathole indawo yokuhlala esemthethweni.
Uwonke.umsebenzi, uPhiko lokuHlalisa aBantu ludale amathuba ezindlu awu-20 839 ngalesi sikhathi, ukuhlinzeka Isidingo esikhulu zezindlu eThekwini lonke. Le mpumelelo iwubufakazi bokuzinikela kukamasipala ekwakheni izindawo zokuhlala ezisimeme, ekuqiniseni amandla emiphakathi okumelana nezimo ezinzima nasekuletheni isithunzi sezakhamuzi.

