Kuntwela ezansi ngodaba lwe-Ithala
YINTATHELI YOMBELE
SEBEKHOKHELWE u-R1,7 billion abantu ababebeke imali ebhange i-Ithala ngesikhathi liphucwa ilayisensi yesikhashana elalinikwe yona yiBhange lomBuso. Isiyonke imali ababeyibekile iwu-R2,1bn kanti baqale ukukhokhelwa ngoDisemba ngonyaka odlule.
Kuleli sonto, ungungqongqoshe womNyango weziMali KwaZulu-Natali uMnu uFrancois Rodgers uthe iyabakhuthaza indlela zonke izinhlaka ezithintekayo ezibambisane ngayo ukuxazulula lolu daba ngokushesha.
U-Rodgers nenhloko yomnyango uNks uCarol Coetzee basanda kuhlangana nongqongqoshe womNyango weMali ezweni lonke uMnu u-Enoch Godongwana, iphini lomphathi weBhange lomBuso uNkk uFundi Tshazibana nokhomishana wemboni yezimali iFinancial Sector Conduct Authority uMnu u-Unathi Kamlana ePitoli, eGauteng.
Uthe: “Iyasigqugquzela indima esesiyikhathulile ukukhokhela abantu abebebeke imali e-Ithala. Sisaqhubeka nokugxila ekutheni bonke abantu ababebeke imali yabo bayithole ngokushesha futhi sibe siqhubeka nokuqinisa amatomu ekuhlonipheni umthetho.”
FUNDA NALAPHA: IBhange loMbuso lichaza ngokwenzeka e-Ithala
Ithala lagcina ukumukela amadiphozithi ngo-2023 ngemva kokuthi uphiko olwengamele ukusebenza kwamabhange lweBhange lomBuso iPrudential Authority (iPA) lithole ukuthi aliyilandeli imithetho yokusebenza kwamabhange.
Le nkampani yanikwa ushwele wokusebenza njengebhange yize ibingakaze iyithole ilayisensi yokubayibhange, nokungakho ibisebenza ngaphansi kwemibandela engafani neyamanye amabhange.
Yonke imibandela ibikucacisa ukuthi Ithala akufanele lihlanganise amadiphozithi neminye imisebenzi eliyenzayo okubalwa ukubolekisa ngemali. IBhange lomBuso lathola ukuthi ayilandelwanga le mibandela.
Okunye okwatholwa yiPA wukuthi Ithala linezikweletu eziwu-R2,79bn ekubeni linezimpahla eziwu-R2,35bn, okusho ukuthi ishoda ngo-R441,63 million. Phakathi kwangoMashi wango-2008 noMashi wango-2024, lalahlekelwa wuR520m kanti ukuhlale linezindleko kulibeka engcupheni.
Kusetshenziswa iFNB ukukhokhela abantu imali yabo kanti lesi sivumelwano esasayinwa nomNyango weziMali ezweni lonke eseminyaka emithathu.
Kulo mhlangano kuvunyelwane ngokuthi kuzobuyekezwa iqhaza elibanjwe wumlawuli oseqhulwini kulolu daba uMnu uJohan Kruger. U-Rodgers uthe kumqoka loku ukuze umnyango wakhe ukwazi ukufeza zonke izivumelwano ozenze kumNyango weziMali ezweni.

